Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“UJehova Ungumalusi Wami”

“UJehova Ungumalusi Wami”

Sondela KuNkulunkulu

“UJehova Ungumalusi Wami”

BHEKA isithombe esikuleli khasi. Uyawuzwa yini umuzwa wokulondeka kwaleli wundlu esifubeni sikamalusi walo? KumaHubo 23, iBhayibheli lisebenzisa isingathekiso sikamalusi nezimvu zakhe ukuze libonise ukuthi uJehova ubanakekela ngesisa abakhulekeli bakhe. Njengoba kwakunjalo ngomhubi uDavide, ufuna sizwe ukulondeka okutholwa yilabo abakusho kugcwale umlomo lokhu: “UJehova unguMalusi wami.” *Ivesi 1.

Umlobi waleli hubo, uDavide, wayengumalusi ebusheni bakhe. Wayezazi izidingo zezimvu nomsebenzi kamalusi. UDavide, owayezibonele ngokwakhe ukuthi uNkulunkulu uyamnakekela, wabhala ihubo eliye labizwa ngokuthi “ihubo lokuqiniseka noma lokwethemba.” Igama likaNkulunkulu elithi Jehova livela ekuqaleni nasekugcineni kwaleli hubo. (Amavesi 16) Amagama aphakathi achaza izindlela ezintathu uJehova anakekela ngazo abantu bakhe njengomalusi enakekela izimvu zakhe.—IHubo 100:3.

UJehova uhola izimvu zakhe. Izimvu ezingenamalusi zivame ukulahleka. Ngokufanayo, sidinga usizo ukuze sithole indlela efanele ekuphileni. (Jeremiya 10:23) UDavide uthi uJehova uqondisa abantu bakhe “emadlelweni anotshani” ‘nasezindaweni zokuphumula ezithola amanzi anele.’ Ubahola “emikhondweni yokulunga.” (Amavesi 23) Le mifanekiso ephathelene nokufuya isiqinisekisa ngokuthi singamethemba uNkulunkulu. Ngokulandela isiqondiso somoya wakhe esiseBhayibhelini singaphila ukuphila okuletha ukwaneliseka, ukuqabuleka nokulondeka.

UJehova uvikela izimvu zakhe. Ngaphandle kukamalusi wazo, izimvu ziyesaba futhi ayikho into ezingazenzela yona. UJehova utshela abantu bakhe ukuthi akudingeki besabe, ngisho noma ‘behamba esigodini sethunzi elimnyama’—isikhathi esingase sibonakale sinzima kakhulu ekuphileni. (Ivesi 4) UJehova uhlale ebabhekile, ekulungele ngaso sonke isikhathi ukubasiza. Anganikeza abakhulekeli bakhe ukuhlakanipha namandla abawadingayo ukuze babhekane novivinyo.—Filipi 4:13; Jakobe 1:2-5.

UJehova wondla izimvu zakhe. Izimvu zithembela kumalusi wazo ukuze zithole ukudla. Sinesidingo esingokomoya esingasanelisa kuphela ngosizo lukaNkulunkulu. (Mathewu 5:3) Siyajabula ngokuthi uJehova unguMondli onesandla esivulekile ohlelela izikhonzi zakhe itafula elichichimayo. (Ivesi 5) IBhayibheli nezinsiza-kutadisha zalo, njengalo magazini owufundayo, kuwumthombo wokudla okungokomoya okwanelisa isidingo sethu sokwazi injongo yokuphila nenjongo kaNkulunkulu ngathi.

UDavide wazizwa elondekile, azi ukuthi uma eqhubeka eseduze noMalusi wakhe wasezulwini, wayeyozizwela ukunakekela kwakhe kothando “zonke izinsuku zokuphila [kwakhe].” (Ivesi 6) Ingabe uyakulangazelela ukulondeka okunjalo? Uma kunjalo, funda ukuthi ungasondela kanjani kuJehova. Uma wenza kanjalo, uyozizwa uphephile ezingalweni zikaMalusi wethu Omkhulu ohola, avikele futhi ondle labo abahlala beqotho kuye.—Isaya 40:11.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-May:

UJobe 38 kuya kumaHubo 25

[Umbhalo waphansi]

^ par. 1 Abaningi bayawazi amazwi athi “INKOSI inguMalusi wami.” Ukuze uthole ukuthi kungani ezinye izinguqulo zeBhayibheli zingalisebenzisi igama likaNkulunkulu elithi Jehova, bheka amakhasi 195 kuya ku-197 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.