Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukuphila Phakade EPharadesi Kuyoba Nesithukuthezi?

Ingabe Ukuphila Phakade EPharadesi Kuyoba Nesithukuthezi?

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ingabe Ukuphila Phakade EPharadesi Kuyoba Nesithukuthezi?

▪ IBhayibheli lisinikeza ithemba lokuthi singaphila phakade ePharadesi emhlabeni. (IHubo 37:29; Luka 23:43) Ingabe ukuphila phakade endaweni enhle nengenazinkinga kuyoba yisicefe futhi kube nesithukuthezi?

Umbuzo omuhle lona. Abacwaningi bathole ukuthi isithukuthezi esingapheli singenza umuntu akhathazeke, acindezeleke futhi athambekele ekuzifakeni engozini. Abantu abangayiboni injongo yokuphila noma abangakujabuleli ukuphila kwabo kwansuku zonke bangase babe nesithukuthezi. Ingabe ukuphila kwabantu ePharadesi kuyobe kungenanjongo? Ingabe ukuphila kwansuku zonke kuyoba isicefe?

Okokuqala, khumbula ukuthi nguJehova uNkulunkulu, uMlobi weBhayibheli, othembisa ukuphila okuphakade. (Johane 3:16; 2 Thimothewu 3:16) Imfanelo kaNkulunkulu eyinhloko uthando. (1 Johane 4:8) Usithanda ngokujulile futhi usinikeze zonke izinto ezinhle esizijabulelayo manje.—Jakobe 1:17.

UMdali wethu uyazi ukuthi ukuze sijabule, sidinga umsebenzi onenjongo. (IHubo 139:14-16; UmShumayeli 3:12) EPharadesi, ngeke sibe nomuzwa wokuthi siyizisebenzi ezingabalulekile. Umsebenzi esiyowenza uyozuzisa thina nalabo esibathandayo. (Isaya 65:22-24) Ukube ubunomsebenzi owujabulelayo nobheka phambili ekuwenzeni, ingabe ukuphila kwakho bekungaba yisicefe?

Cabanga nangokuthi uJehova uNkulunkulu ngeke avumele noma ubani ukuba aphile ePharadesi. Isipho sokuphila okuphakade uyosinika kuphela labo abalingisa iNdodana yakhe, uJesu. (Johane 17:3) Ngesikhathi elapha emhlabeni, uJesu wakujabulela ukwenza intando kaYise. Wafundisa abalandeli bakhe ngezwi nangesibonelo ukuthi injabulo ehlala njalo itholakala ngokupha, hhayi ngokwamukela. (IzEnzo 20:35) EPharadesi elibuyiselwe, bonke abantu bayophila ngemithetho emibili emikhulu kunayo yonke—ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane. (Mathewu 22:36-40) Zibone ngamehlo engqondo usuzungezwe abantu abangenabugovu, abakuthandayo nabathanda umsebenzi wabo! Ucabanga ukuthi uyoba nesithukuthezi uphila nabantu abanjalo?

Yini enye esiyoyenza ePharadesi? Usuku ngalunye siyokwazi ukufunda okuthile okusha ngoMdali wethu. Kumanje nje abacwaningi bathole okuningi okumangalisayo ngendalo kaJehova. (Roma 1:20) Nokho, kuze kube manje, kuncane kakhulu esikwaziyo. Eminyakeni eyizinkulungwane edlule, uJobe, indoda ethembekile, wacabanga ngalokho ayekwazi ngendalo kaNkulunkulu, futhi isiphetho sakhe siseyiqiniso. Wathi: “Lawa amaphethelo ezindlela [zikaNkulunkulu], futhi yeka ukuthi okuzwakele ngaye kuwumnyenyezo omncane kangakanani wendaba! Kodwa ubani ongabonisa ukuqonda ukuduma kwakhe okunamandla?”—Jobe 26:14.

Kungakhathaliseki ukuthi siphila isikhathi eside kangakanani, ngeke sazi konke ngoJehova uNkulunkulu nemisebenzi yakhe. IBhayibheli lithi uNkulunkulu ufake isifiso sokuphila phakade ezinhliziyweni zethu. Liphinde lithi asisoze ‘sawuthola nanini umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.’ (UmShumayeli 3:10, 11) Ucabanga ukuthi kuyokucika ukufunda izinto ezintsha ngoMdali wakho?

Ngisho kwamanje, labo abamatasa nomsebenzi ozuzisa abanye nokhazimulisa uNkulunkulu, kuyethukela benesithukuthezi. Singaqiniseka ngokuthi uma sizigcina simatasa emsebenzini onjengalo, asisoze saba nesithukuthezi—ngisho noma singaphila phakade.

[Imithombo Yesithombe ekhasini 27]

Earth: Image Science and Analysis Laboratory, NASA-Johnson Space Center; Galaxy: The Hubble Heritage Team (AURA/STScI/NASA)