Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isiprofetho 3. Izifo

Isiprofetho 3. Izifo

Isiprofetho 3. Izifo

‘Abantu bayophathwa izifo ezethusayo.’—LUKA 21:11, Contemporary English Version.

● UBonzali, isikhulu sezempilo yomphakathi ezweni elithile lase-Afrika elihlaselwe impi yombango wayenza konke okusemandleni ukuze elaphe izisebenzi zasemayini edolobheni lakubo ezazigulela ukufa ziphethwe yimfiva ebizwa ngokuthi iMarburg. * Walucela kaningi usizo ezikhulwini ezisedolobheni elikhulu, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Usizo lwaze lwafika ngemva kwezinyanga ezine, kodwa uBonzali wayeseshonile. Wathola igciwane leMarburg ezisebenzini ayezama ukuzisiza.

ABONISANI AMAQINISO? Izifo ezihlobene nokuphefumula (njenge-pneumonia), isifo sohudo, isandulela-ngculaza nengculaza, isifo sofuba nomalaleveva zingezinye zezifo ezibulala uyaca. Kulinganiselwa ukuthi ngonyaka odlule, lezi zinhlobo ezinhlanu zezifo zabulala abantu abangaba izigidi ezingu-10,7. Ngamanye amazwi, zazibulala cishe umuntu oyedwa njalo ngemva kwemizuzwana emithathu unyaka wonke.

YIZIPHI IZINTO EZIVAME UKUSHIWO? Inani labantu emhlabeni liyaqhubeka likhula, ngakho kulindelekile ukuba izifo zande. Baningi abantu abangase bangenwe izifo.

INGABE LEZO ZINTO ZIYIQINISO? Inani labantu emhlabeni liye landa ngendlela emangalisayo. Kodwa nekhono labantu lokukwazi ukuhlonza, ukulawula nokwelapha izifo liye lathuthuka. Ngakho, bekungafanele yini kube ukuthi abantu bayakwazi ukuzelapha? Iqiniso liwukuthi kwenzeka okuhlukile.

UCABANGANI? Ingabe abantu baphathwa izifo ezethusayo njengoba iBhayibheli labikezela?

Ukuzamazama komhlaba, indlala nezifo kuhlasela abantu abaningi. Nokho, kunabantu abayizigidigidi abahlupheka ngenxa yabanye abantu—abaningi babo bahlukunyezwa abantu okufanele babavikele. Yizwa ukuthi isiprofetho seBhayibheli sabikezela ukuthini ngale ndaba.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 IMarburg yenza isiguli sophele ngaphakathi futhi ibangelwa igciwane elihlobene nesifo i-Ebola.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

“Kuyinto ethusayo nesabekayo ukuhlaselwa ibhubesi noma enye into, kodwa kwethusa futhi kwesabeka ngendlela efanayo ukudliwa isifo size sikuqede nokubona abaningi bebhekene nesimo esifa-nayo.”—UMICHAEL OSTERHOLM, ISAZI SOKUSAKAZEKA KWEZIFO.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 6]

© William Daniels/Panos Pictures