Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi Nokuhlupheka?

Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi Nokuhlupheka?

Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu

Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi Nokuhlupheka?

Lesi sihloko siphakamisa imibuzo okungenzeka uke wazibuza yona futhi sikubonisa ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.

1. Baqala kanjani ububi?

Ububi baqala emhlabeni lapho uSathane eqamba amanga okuqala. USathane wayengemubi lapho edalwa. Wayeyingelosi ephelele, kodwa “akazange ame aqine eqinisweni.” (Johane 8:44) Waba nesifiso sokufuna ukukhulekelwa okungokukaNkulunkulu kuphela. Waqamba amanga kowesifazane wokuqala, u-Eva, futhi wamthonya ukuba alalele yena kunokuba alalele uNkulunkulu. U-Adamu wahlanganyela no-Eva ekungalalelini uNkulunkulu. Isinqumo sika-Adamu saletha ukuhlupheka nokufa.—Funda uGenesise 3:1-6, 17-19.

Lapho uSathane esikisela ukuba u-Eva angamlaleli uNkulunkulu, wayemenza avukele ubukhosi baKhe. Abantu abaningi baye bahlanganyela noSathane ekwenqabeni uNkulunkulu njengoMbusi. Ngakho, uSathane ‘usengumbusi waleli zwe.’—Funda uJohane 14:30; IsAmbulo 12:9.

2. Ingabe indalo kaNkulunkulu yayingaphelele?

Abantu uNkulunkulu ayebadalile, kanye nezingelosi, babekwazi ukulalela izimfuneko zaKhe. (Duteronomi 32:5) UNkulunkulu usidale sinenkululeko yokukhetha phakathi kokwenza okulungile nokungalungile. Leyo nkululeko isinika ithuba lokubonisa uthando lwethu ngaye.—Funda uJakobe 1:13-15; 1 Johane 5:3.

3. Kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka?

Sekuyisikhathi eside uJehova ebekezelele ukuvukelwa kobukhosi bakhe. Kungani? Ukuze abonise ukuthi umzamo wokubusa ngaphandle kwakhe awubazuzisi abantu. (Jeremiya 10:23) Leli qiniso lisobala ngoba sekudlule iminyaka engu-6 000 abantu bezibusa. Ababusi abangabantu bahlulekile ukuqeda izimpi, ubugebengu, ukungabi nabulungisa nezifo.—Funda umShumayeli 7:29; 8:9; Roma 9:17.

Nokho, labo abamukela uNkulunkulu njengoMbusi bazizuzisa bona. (Isaya 48:17, 18) Maduze, uJehova uzobaqeda bonke ohulumeni babantu. Ngabantu abakhetha ukubuswa uNkulunkulu kuphela abayohlala emhlabeni.—Isaya 2:3, 4; 11:9; funda uDaniyeli 2:44.

4. Yiliphi ithuba elilethwa ukubekezela kukaNkulunkulu?

USathane wathi akekho umuntu oyolalela uJehova ngobuqotho. Ukubekezela kukaNkulunkulu kusinika ithuba lokuba sonke sibonise ukuthi sithanda ukubuswa uNkulunkulu noma umuntu. Indlela esiphila ngayo yiyo ebonisa ukuthi sikhetha kuphi.—Funda uJobe 1:8-11; IzAga 27:11.

5. Sibonisa kanjani ukuthi sifuna ukubuswa uNkulunkulu?

Sikhetha uNkulunkulu njengoMbusi ngokuzama ukuthola ukukhulekela kweqiniso okusekelwe eZwini lakhe, iBhayibheli, bese sinamathela kukho. (Johane 4:23) Siyakugwema nokuhileleka kwezombangazwe nasezimpini, njengoba kwenza uJesu.—Funda uJohane 17:14.

USathane usebenzisa amandla akhe ukuze akhuthaze ukuziphatha okubi nemikhuba eyingozi. Lapho senqaba imikhuba enjalo, abanye babangane bethu nezihlobo bangase basigcone noma basiphikise. (1 Petru 4:3, 4) Ngakho, kumelwe sikhethe. Ingabe siyozihlanganisa nabantu abathanda uNkulunkulu? Ingabe siyoyilalela imithetho yakhe ehlakaniphile nenothando? Uma senza kanjalo, siyobe sibonisa ukuthi uSathane wayeqamba amanga lapho ethi akekho umuntu oyolalela uNkulunkulu.—Funda eyoku-1 Korinte 6:9, 10; 15:33.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 11 sencwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 16]

U-Adamu wenza isinqumo esibi

[Isithombe ekhasini 17]

Izinqumo zethu zembula ukuthi sifuna ukubuswa uNkulunkulu noma cha