KwabaseFilipi 4:1-23

  • Ubunye, ukujabula, imicabango efanele (1-9)

    • Ningakhathazeki ngalutho (6, 7)

  • Ukubonga ngezipho ezivela kwabaseFilipi (10-20)

  • Imikhonzo (21-23)

4  Ngenxa yalokho, bazalwane engibathandayo nengilangazelela ukubabona, niyinjabulo yami nomqhele wami. + Ngiyaninxusa ukuba nihlale nithembekile + eNkosini, bathandekayo.  Nginxusa u-Evodiya noSintike ukuba babe nomqondo ofanayo eNkosini. +  Yebo, nawe ngiyakucela njengesisebenzi seqiniso engikanye naso,* ukuba uqhubeke usiza laba besifazane abaye bazabalaza* kanye nami ezindabeni ezinhle kanye noKlemente, nazo zonke ezinye izisebenzi engikanye nazo, lezo amagama azo asencwadini yokuphila. +  Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani! +  Ukucabangela kwenu *+ makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.  Ningakhathazeki ngalutho, + kodwa zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga; +  ukuthula + kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda kuyoqapha izinhliziyo zenu + nemicabango yenu* ngoKristu Jesu.  Okokugcina bazalwane, noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungile, noma yiziphi izinto ezimsulwa,* noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle nanoma yiziphi izinto ezikufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga* ngalezi zinto. +  Izinto enazifunda futhi nazamukela, nazizwa, nazibona mayelana nami, qhubekani nizenza, + khona-ke uNkulunkulu wokuthula uyoba nani. 10  Ngijabula kakhulu eNkosini ngokuthi ekugcineni seniphinde naqala ukucabanga ngami. + Nakuba nanicabanga ngami, anilitholanga ithuba lokukubonisa lokho. 11  Lokhu angikusho ngenxa yokuthi ngiswele, ngoba ngiye ngafunda ukwaneliseka noma ngabe ngikuziphi izimo. + 12  Ngiyakwazi ukuphelelwa ukudla, + ngiyakwazi ukuba nensada. Kuzo zonke izinto nakuzo zonke izimo ngiyifundile imfihlo yakho kokubili, ukuthi kunjani ukwaneliseka nokuthi kunjani ukulamba, ukuba nensada nokuswela. 13  Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla. + 14  Noma kunjalo, nenze kahle ngokungisiza osizini lwami. 15  Eqinisweni, nina baseFilipi niyazi futhi ukuthi ngemva kokuba nizwe izindaba ezinhle okokuqala, lapho ngihamba eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela ngaphandle kwenu nodwa; + 16  ngoba ngesikhathi ngiseThesalonika, nangithumelela okuthile engikudingayo, hhayi kanye kuphela kodwa kabili. 17  Akukhona ukuthi ngifuna ukuthola isipho, kodwa ngifuna izithelo eziyinzuzo kakhulu kini. 18  Nokho, nginazo zonke izinto engizidingayo futhi nginensada. Ngigculisekile njengoba sengamukele ku-Ephafrodithu + izinto enizithumele, iphunga elimnandi, + umhlatshelo owamukelekayo, ojabulisa kakhulu kuNkulunkulu. 19  Khona-ke uNkulunkulu wami uzokwanelisa ngokugcwele zonke izidingo zenu, + ngezinga lengcebo yakhe ekhazimulayo ngoKristu Jesu. 20  Ngakho inkazimulo mayibe kuNkulunkulu noBaba wethu kuze kube phakade naphakade. Amen. 21  Ngikhonzeleni kubo bonke abangcwele abamunye noKristu Jesu. Abazalwane abanami bayakhonza. 22  Bayakhonza bonke abangcwele, kodwa ikakhulukazi abendlu kaKhesari. + 23  Umusa omkhulu weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya eniwubonisayo.

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “njengomngane woqobo ejokeni.”
Noma, “bazikhandla.”
NgesiGreki, “Ukuvumelana kwenu nezimo; Ukuhoxa kwenu.”
Noma, “namandla enu engqondo; nezingqondo zenu.”
Noma, “ezihlanzekile.”
Noma, “nizindla.”