KwabaseFilipi 1:1-30

  • Ukubingelela (1, 2)

  • Ngiyambonga uNkulunkulu; umthandazo kaPawulu (3-11)

  • Izindaba ezinhle zisakazwa kabanzi naphezu kwezinkinga (12-20)

  • Ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo (21-26)

  • Ziphatheni ngendlela efanele izindaba ezinhle (27-30)

1  UPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele abaseFilipi + abamunye noKristu Jesu, kanye nababonisi nezinceku ezikhonzayo: +  Kwangathi ningathola umusa omkhulu* nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.  Ngibonga uNkulunkulu wami njalo lapho nginikhumbula  kukho konke ukuninxusela nonke. Ngininxusela ngenjabulo +  ngenxa yomnikelo eniwenzele* izindaba ezinhle kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje.  Ngoba ngiyaqiniseka ngale nto, ukuthi lowo owaqala umsebenzi omuhle kini uzowenza aze awuqede + kuze kube usuku lukaKristu Jesu. +  Kulunge ngokuphelele kimi ukuba ngicabange ngale ndlela ngani nonke, ngenxa yokuthi nisenhliziyweni yami, nina eningabahlanganyeli nami emseni omkhulu, lapho ngisejele + nasekuvikeleni nasekumiseni ngokomthetho izindaba ezinhle. +  UNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginikhumbule kanjani nonke ngoba nginithanda njengoba uKristu Jesu enithanda.  Yilokhu engiqhubeka ngikuthandazela, ukuthi sengathi uthando lwenu lungagcwala kakhulu + ulwazi olunembile + nokuqonda okuphelele; + 10  ukuba niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu, + ukuze ningabi nasici futhi ningabakhubekisi abanye + kuze kube usuku lukaKristu; 11  nokuba nigcwaliswe ngesithelo sokulunga, esiza ngoJesu Kristu, + kube udumo nenkazimulo kuNkulunkulu. 12  Ngifisa ukuba nazi, bazalwane, ukuthi empeleni izinto ezenzeke kimi zibe nomthelela ekusakazekeni kwezindaba ezinhle, 13  kangangokuthi ukuboshwa kwami + ngenxa kaKristu sekwaziwa kabanzi + phakathi kwabo bonke abaQaphi Bombusi nabo bonke abanye. 14  Manje iningi labafowethu esikhonza nabo iNkosi lizizwa linesibindi ngenxa yokuboshwa kwami futhi libonisa isibindi esikhulu nangokwengeziwe sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi. 15  Yiqiniso, abanye bashumayela ngoKristu ngenxa yomona nombango kodwa abanye ngokuzithandela. 16  Laba bakamuva bamemezela uKristu ngothando, ngoba bayazi ukuthi ngimiswe ngenjongo yokuvikela izindaba ezinhle; + 17  kodwa abokuqala bakwenza ngombango, hhayi ngesisusa esihle, ngoba baqonde ukungidalela izinkinga ejele. 18  Ube yini umphumela? Ube ukuthi ngazo zonke izindlela, uKristu uyamenyezelwa kungakhathaliseki ukuthi ngokuzenzisa noma ngeqiniso, futhi ngiyajabula ngalokhu. Eqinisweni, ngizoqhubeka futhi ngijabula, 19  ngoba ngiyazi ukuthi lokhu kuyokwenza ukuthi ngisindiswe ngokunxusa kwenu + nangokusekelwa umoya kaJesu Kristu. + 20  Ngiyaqiniseka futhi nginethemba lokuthi ngeke ngibe namahloni kunoma yisiphi isici, kodwa ukuthi ngiyokhuluma ngokungesabi, noKristu uzokhazinyuliswa* ngomzimba wami, njengoba bekulokhu kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi ngokuphila noma ngokufa. + 21  Ngoba kimi ukuphila kunguKristu + nokufa kuyinzuzo. + 22  Manje uma ngizoqhubeka ngiphila enyameni, lokhu kuyizithelo zomsebenzi wami; nokho engizokukhetha angikwenzi kwaziwe. 23  Angazi ukuthi ngikhetheni kulezi zinto ezimbili, ngoba ngiyakufisa ukukhululwa nokuba kanye noKristu, + empeleni okuyinto engcono kakhulu. + 24  Nokho, kudingeke kakhulu ngami ukuba ngiqhubeke ngisenyameni ngenxa yenu. 25  Ngakho njengoba ngiqiniseka ngalokhu, ngiyazi ukuthi ngizohlala enyameni ngiqhubeke nginani nonke ukuze nithuthuke futhi nijabule okholweni lwenu, 26  ukuze intokozo yenu ichichime kuKristu Jesu ngenxa yami lapho ngiphinde ngiba nani. 27  Kuphela ziphatheni* ngendlela efanele izindaba ezinhle mayelana noKristu, + ukuze uma kwenzeka ngiza futhi nginibona noma ngingezanga,* ngizwe ngokuphathelene nani, ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, ngomphefumulo munye, *+ nilulwela ndawonye ukholo lwezindaba ezinhle, 28  futhi anethuswa nhlobo yilabo abaphikisana nani. Yona le nto iwubufakazi bokubhujiswa + kwabo, kodwa bokusindiswa kwenu; + futhi lokhu kuvela kuNkulunkulu. 29  Ngoba leli lungelo lanikezwa nina ngenxa kaKristu, ukuba ningabi nje kuphela nokholo kuye, kodwa nokuba nihlupheke ngenxa yakhe. + 30  Ngoba ninomshikashika ofanayo nalowo enangibona ngibhekene nawo + futhi manje enizwa ngawo ukuthi ngisabhekene nawo.

Imibhalo yaphansi

Noma, “umusa ongafanelwe.”
Noma, “ngenxa yokubamba kwenu iqhaza ekusakazeni.”
NgesiGreki, “uzokwenziwa mkhulu.”
Noma, “ngokuvumelana.”
NgesiGreki, “ngingekho.”
Noma, “ziphatheni njengezakhamuzi.”