Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Mary_Ukraine/stock.adobe.com

HLALANI NILINDILE!

Abantu Abasabethembi Osopolitiki—Lithini IBhayibheli?

Abantu Abasabethembi Osopolitiki—Lithini IBhayibheli?

 Kulo nyaka ka-2024, kuzoba nokhetho lohulumeni abahlukahlukene emhlabeni wonke ngezinga elingakaze lenzeke ngaphambilini. Noma kunjalo, abantu abaningi abasabethembi abezepolitiki.

  •   Iningi labantu baseMelika ababuzwa lathi “abezepolitiki abaningi bazicabangela bona,” hhayi ngoba befuna ukusiza abantu ababamelelayo. a—I-Pew Research Center, Septhemba 19, 2023.

 Ngokufanayo, nentsha ayisabethembi abezepolitiki.

  •   “Intsha yanamuhla ithanda ukuthola izixazululo ezinkingeni zayo kodwa lapho ibuzwa ithi osopolitiki abazitholi izixazululo zayo.”—I-The New York Times, Januwari 29, 2024.

  •   “Ngokwenhlolo-vo ethile, kutholakale ukuthi intsha ithemba abantu abanabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana futhi abafaka amavidiyo kunosopolitiki.”—I-The Korea Times, Januwari 22, 2024.

 Singabethemba yini abezepolitiki ukuthi bangenza ikusasa libe ngcono?

Mkhethe kahle umuntu ozomethemba

 Kuhle ngabantu ukuba baqaphe ukuthi ubani abamethembayo. IBhayibheli lithi “oyisiphukuphuku ukukholwa konke akuzwayo, kodwa okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.

  •   Ukuze uthole amacebiso azokusiza uhlole ukuthi ukwaziswa okuthile kuyiqiniso noma kungamanga, funda isihloko esithi “Zivikele Emangeni.”

 Ngaphezu kwalokho, ngisho noma osopolitiki benezinhloso ezinhle futhi bethembekile, kunezinto abangeke bakwazi ukuzenza. Yingakho iBhayibheli lisixwayisa:

  •   “Ningabethembi abaholi abangabantu; akekho umuntu ongakusindisa.”—IHubo 146:3, Good News Translation.

Umholi ongamethemba

 IBhayibheli lithi uNkulunkulu ukhethe umholi ofanelekayo nothembeke ngokuphelele: uJesu Kristu. (Luka 1:32, 33) UJesu uyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, obusa usezulwini.—Mathewu 6:10.

a I-Pew Research Center, “Americans’ Dismal Views of the Nation’s Politics,” Septhemba 2023.