Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zivikele Emangeni

Zivikele Emangeni

 Namuhla, kunemininingwane eminingi kunanini ngaphambili, eminye yayo ingakusiza uphephe futhi ikuvikele ekuguleni. Kodwa kudingeka uqaphe izindaba ezingamanga, njengalezi:

 Ngokwesibonelo, phakathi nobhubhane lwe-COVID-19, unobhala-jikelele we-United Nations waxwayisa ngamanga ayingozi adlangile. Wathi: “Izeluleko ezimayelana nempilo eziyingozi namakhambi angasebenzi kuthe chithi saka. Kuvimbanise amanga ku-TV nasemsakazweni. Abantu abaningi bazisakaza ngamabomu izindaba ezingenabufakazi ku-inthanethi. Inzondo ithe bhe, kucwaswa abantu behliswe nesithunzi.”

 Siyazi ukuthi amanga awafiki manje. Noma kunjalo, iBhayibheli labikezela ukuthi esikhathini sethu, “abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa.” (2 Thimothewu 3:1, 13) I-inthanethi yenze kwaba lula ukuthola—nokusabalalisa ngephutha—izindaba ezingamanga ngokushesha kunanini ngaphambili. Ngenxa yalokho, ama-imeyili ethu, izinkundla zokuxhumana nezindaba esizifunda emishinini yethu kungagcwala izindaba ezihlanekezelwe namaqiniso angaphelele.

 Ungazivikela kanjani emangeni nakuyinzwabethi? Cabanga ngeminye imiBhalo yeBhayibheli engakusiza.

  •   Ungakholwa yiyo yonke into oyibonayo noma oyizwayo

     Okushiwo iBhayibheli: “Oyisiphukuphuku ukukholwa konke akuzwayo, kodwa okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.

     Singakhohliseka kalula uma singaqaphile. Ngokwesibonelo, cabanga ngezithombe ezinemibhalo ethile noma ngamavidiyo amafishane asakazwa ku-inthanethi, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana. Izinto ezinjalo, ezaziwa ngokuthi ama-meme ngokuvamile zenzelwe ukuhlekisa. Kodwa izithombe neziqephu zamavidiyo kungashintshwa kalula noma umuntu akhulunyiswe into ayengaqondile ukuyisho enkulumweni okuthathwe kuyo. Abantu bakwazi ngisho nokwenza amavidiyo abanye abantu benza noma besho izinto abangakaze nhlobo bazenze noma bazisho.

     “Izinto eziningi ezingelona iqiniso abacwaningi abazithole ezinkundleni zokuxhumana zihlanganisa izithombe namavidiyo ahlanekezela iqiniso, njengama-meme.”—u-Axios Media.

     Zibuze: ‘Ingabe le nto yenzeke ngempela noma ihlaya nje?’

  •   Hlaziya umthombo wendaba nekuqukethe

     Okushiwo iBhayibheli: “Qinisekani ngazo zonke izinto.”—1 Thesalonika 5:21.

     Ngaphambi kokuyikholelwa indaba noma ukuyidlulisela kwabanye, ngisho noma kuyindaba esematheni, qiniseka ukuthi iyiqiniso. Kanjani?

     Thola ukuthi uthembeke kangakanani umthombo. Izinkampani zabezindaba nezinye izinhlangano zingase zibike udaba ngendlela ezuzisa zona noma zithathe uhlangothi kwezepolitiki. Qhathanisa okubonayo neminye imithombo yezindaba. Ngezinye izikhathi, abangani bangase badlulise indaba engelona iqiniso nge-imeyili noma ezinkundleni zokuxhumana bengahlosile. Ngakho, ungayethembi indaba ongaqiniseki ngomthombo wayo.

     Qiniseka ukuthi indaba ngokwayo eyamanje futhi inembile. Buka usuku, uthole amaqiniso aphathekayo, nobufakazi obunamandla obuyisekelayo. Nakisisa kakhulu uma indaba eyinkimbinkimbi ichazwa ngendlela elula kakhulu noma uma ihloselwe ukuthinta imizwa.

     “Kubonakala sengathi esikhathini sethu, ukuhlola amaqiniso kubaluleke njengokugeza izandla.”—uSridhar Dharmapuri, oyi-Senior Food Safety and Nutrition Officer kuyi-U.N.

     Zibuze: ‘Ingabe lesi sihloko senza kungabi lula ukubona umehluko phakathi kweqiniso nombono womuntu noma sichemile?’

  •   Qondiswa amaqiniso hhayi lokho okuthandayo

     Okushiwo iBhayibheli: “Noma ubani othemba inhliziyo yakhe uyisiphukuphuku.”—IzAga 28:26.

     Sivame ukuyithemba indaba efakazela lokho esifuna ukukukholelwa. Ngokuvamile izinkampani ze-inthanethi zivame ukubheka ukuthi yini esiyithandayo bese zisifakela lezo zinto ezinkundleni zokuxhumana, zibheke nokuthi yimaphi amakhasi esike sangena kuwo. Khumbula kodwa ukuthi ngezinye izikhathi, kudingeka sizwe izinto esingathandi ukuzizwa.

     “Abantu bayakwazi ukuhlolisisa kahle izinto, inkinga kuba izinto esizifisayo, amathemba esinawo, izinto esizesabayo nezinto ezisikhuthazayo, yikhona ngokuvamile okwenza sithi into iyiqiniso ngoba ihambisana nalokho esifuna ukukukholelwa.”—uPeter Ditto, oyisazi sengqondo.

     Zibuze: ‘Ukwethemba kwami le mininingwane, akubangelwa yini ukuthi vele ngifuna ukuyikholelwa?’

  •   Nqanda ukusatshalaliswa kwamanga

     Okushiwo iBhayibheli: “Ungawusakazi umbiko ongelona iqiniso.”—Eksodusi 23:1.

     Khumbula ukuthi imininingwane oyidlulisela kwabanye inamandla okuthonya imicabango nezenzo zabo. Ngisho noma udlulisele ngephutha imininingwane engafanele, imiphumela ingaba ingozi.

     “Into yokuqala okufanele uyenze ukuma kancane bese uzibuza, Ingabe le nto ngiyethemba ngezinga lokuthi ngingayidlulisa kwabanye?’ Uma wonke umuntu engenza kanjalo, singabona ukwehla okukhulu kwamanga ku-inthanethi.”—uPeter Adams, isekela elikhulu likamongameli weNews Literacy Project.

     Zibuze: ‘Ingabe ngidlulisa le mininingwane ngenxa yokuthi ngiyazi ukuthi iyiqiniso?’