Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Siza Izingane Zakho Zikwazi Ukubhekana Nemibiko Yezindaba Ephazamisayo

Siza Izingane Zakho Zikwazi Ukubhekana Nemibiko Yezindaba Ephazamisayo

 Izindaba ezisiphuzelisa unwele—ngokuvamile ezihambisana nezithombe ezibonisa izinto ezibuhlungu—zitholakala amahora angu-24 izinsuku ezingu-7 kumathelevishini, komakhalekhukhwini, kumathebhulethi kanye nakumakhompyutha.

 Izingane zisuke zibuka.

 Ungazivikela kanjani izingane zakho ukuba zingashaqiswa imibiko yezindaba ephazamisayo?

 Imibiko yezindaba izithinta kanjani izingane?

  •   Izingane eziningi ziphatheka kabi lapho zibona izenzakalo ezibuhlungu ezindabeni. Ezinye izingane zingase zingayivezi ngokukhululekile imizwa yazo, kodwa izindaba ezibuhlungu zingase ziziphazamise kakhulu. a Ukukhathazeka kwazo kungaba kukhulu nakakhulu uma nabazali bebonakala bekhathazeke ngokweqile.

  •   Izingane zingase zikuqonde ngendlela engafanele lokho ezikubona ezindabeni. Ngokwesibonelo, ezinye zingase ziphethe ngokuthi lokho ezikubona kwenzeka kuzokwenzeka nasemndenini wakubo. Izingane ezincane ezilokhu zibona ngokuphindaphindiwe izithombe zezinto eziphazamisayo zingase zicabange ukuthi lezo zinto zilokhu zenzeka ngokuphindaphindiwe.

  •   Izingane zingase zingakwazi ukuba nombono ofanele ngezindaba. Zingase zingaboni ukuthi imithombo yezindaba ingamabhizinisi athola inzuzo ngokuba nabalaleli abaningi. Ngakho, umbiko othile ungase wenziwe ihaba ukuze ababukeli bezokhathazeka, bafune ukuqhubeka bebuka.

 Ungazisiza kanjani izingane zakho ukuba zibhekane nokukhathazeka okubangelwa izindaba?

  •   Linganisela isikhathi ezibukela ngaso izindaba ezibuhlungu. Lokhu akusho ukuthi kufanele izingane zingazi lutho olwenzekayo emhlabeni. Kodwa kuncane kakhulu okuhle okufezwayo uma zibukela noma zizwa izindaba eziphazamisayo zilokhu ziphindaphindwa.

     “Ngezinye izikhathi sikhuluma ngemininingwane yombiko wezindaba, singaqapheli ukuthi uzishaqisa kanjani izingane ezisilalele.”—UMaria.

     Okushiwo iBhayibheli: “Ukukhathazeka kungumthwalo osindayo.”—IzAga 12:25, i-Contemporary English Version.

  •   Lalela ngesineke, uphendule ngozwela. Uma kunzima ngengane yakho ukuba ikhulume ngesenzakalo esithile, sikisela ukuba idwebe isithombe okungcono. Xoxa ngokukhathazeka kwengane yakho usebenzisa amagama ezowaqonda, kodwa gwema ukuxoxa ngemininingwane yesenzakalo engenasidingo.

     “Indodakazi yethu ibonakala izizwa ingcono ngemva kokuba sihlale nayo phansi futhi sayilalela. Okungasizi ukuyitshela ukuthi, ‘Lena yindlela izinto eziyiyo manje, futhi kufanele siyijwayele.’”—USarahi.

     Okushiwo iBhayibheli: ‘Shesha ukulalela, wephuze ukukhuluma.’—Jakobe 1:19.

  •   Siza ingane yakho ibe nombono ofanele ngemibiko yezindaba. Ngokwesibonelo, umbiko mayelana nokuthunjwa ungase wenze kubonakale sengathi ubugebengu obunjalo bunamathuba amaningi okwenzeka kunalokho okuyikho. Chazela izingane zakho izinyathelo enizithathile ukuze nizigcine ziphephile. Khumbulani nokuthi ngokuvamile izigameko ezivezwa ezindabeni yilezo ezibhekwa njengezingavamile.

     “Siza izingane zakho zibhekane nemizwa yazo. Ngokuvamile, imizwa ilandela imicabango, ngakho uma sisiza izingane zethu zigxile kokuthile okuzuzisayo, zingase zizizwe zingcono.”—ULourdes.

     Okushiwo iBhayibheli: “Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile yenza umlomo wakhe ube nokuqondisisa yenza nokuba akushoyo kulalelwe.”—IzAga 16:23.

a Izingane ezisencane zingase zibonise ukukhathazeka kwazo ngokuzichamela lapho zilele, ngokwesaba ukuya esikoleni noma ukuhlukaniswa nabazali bazo.