Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokulawula Ukukhathazeka

Indlela Yokulawula Ukukhathazeka

 Ukukhathazeka ngokweqile kungakulimaza emzimbeni nangokomzwelo. Kungase kuholele nasezinkingeni ezinkulu ezingaphezu kwalezo obukhathazeke ngazo.

Amacebiso okunciphisa ukukhathazeka

  •  Ungachithi isikhathi esiningi ubuka izindaba ezibuhlungu. Akudingeki wazi yonke into ngezigameko ezenzekayo. Ukubuka kakhulu izindaba ezizwisa ubuhlungu kuzokwenza wesabe nakakhulu futhi kukuqede amandla.

     Okushiwo iBhayibheli: “Umoya omunyu uqeda amandla.”—IzAga 17:22.

     “Kulula ukubanjwa izindaba ezisematheni nezishaqisayo, kodwa lowo mkhuba ungakulimaza. Lapho nginciphisa isikhathi engisichitha ngibuka izindaba kuyancipha nokukhathazeka kwami.”—UJohn.

     Ongacabanga ngakho: Kuyadingeka yini ukuba ngihlale ngizazi ezisematheni?

  •  Namathela ohlelweni lokwenza izinto. Zama ukuzibekela isikhathi esiqondile sokuvuka, sokudla, sokwenza imisebenzi yasendlini nesokulala. Ukuba nohlelo lokwenza izinto, kuzokwenza ukuphila kwakho kuhleleke kahle futhi kukusize unciphise ukukhathazeka.

     Okushiwo iBhayibheli: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele amenza aphumelele.”—IzAga 21:5.

     “Ngesikhathi kuqala ubhubhane lwe-COVID-19, ngayeka ukwenza izinto ngendlela ebengijwayele ukuzenza ngayo, ngagcina sengichitha isikhathi esiningi kakhulu kwezokuzijabulisa. Ngangifuna ukusisebenza kahle kakhulu isikhathi sami, ngakho nganquma ukwenza uhlelo lwezinto okufanele ngizenze nsuku zonke.”—UJoseph.

     Ongacabanga ngakho: Ingabe unalo uhlelo lokwenza izinto olukusiza ubone ukuthi yini oyifezile ekupheleni kosuku?

  •  Gxila kokuhle. Ukuhlale uzibuza ukuthi “Bekuzoba njani ukube?” nokucabangana nezinto ezingase zingenzeki kuzokwenza ukhathazeke kalula. Kunalokho, cabanga ngezinto ezimbili-ezintathu ongabonga ngazo.

     Okushiwo iBhayibheli: “Yibani ngababongayo.”—Kolose 3:15.

     “Ukufunda iBhayibheli kungisiza ngigxile kokuhle, ngingalokhu ngicabanga izinto ezimbi. Lokho ungase ukuthathe kalula, kodwa kuyasebenza!”—ULisa.

     Ongacabanga ngakho: Ingabe uvame ukugxila ezintweni ezingahambi kahle ekuphileni kwakho, ungazinaki ezinhle?

  •  Cabanga ngabanye. Esikhundleni sokuzehlukanisa—okuyinto elula kakhulu uma ukhathazekile—cabanga ngendlela ongasiza ngayo abantu abadinga usizo.

     Okushiwo iBhayibheli: ‘Ningacabangeli izindaba zenu nje kuphela, kodwa nikhathalele nabanye.’—Filipi 2:4.

     “Kuyangijabulisa ukwenzela abanye abantu izinto. Ngiyabasiza bajabule, ngesikhathi esifanayo, nginciphisa nokukhathazeka kwami. Empeleni, anginaso isikhathi sokukhathazeka.”—UMaria.

     Ongacabanga ngakho: Kubantu obaziyo, bakhona yini abadinga usizo futhi yini ongayenza ukuze ubasize?

  •  Nakekela impilo yakho. Zivocavoce futhi uphumule ngokwanele. Yidla ukudla okunempilo. Ukunakekela impilo yakho kungakwenza ujabule futhi kukusize unciphise ukukhathazeka.

     Okushiwo iBhayibheli: ‘Ukuzivocavoca kuyazuzisa.’—1 Thimothewu 4:8, umbhalo waphansi.

     “Mina nendodana yami asikwazi ukuzivocavocela ngaphandle ngendlela esifisa ngayo, ngakho sesihlela ukuzivocavocela ekhaya. Lokhu kusenza sijabule, kwenza nokuthi sibe nobudlelwane obuhle.”—UCatherine.

     Ongacabanga ngakho: Ingabe kudingeka udle ukudla okunempilo, uthuthukise nendlela ozivocavoca ngayo ukuze ube nempilo engcono?

 Ngaphezu kokusebenzisa la macebiso okunciphisa ukukhathazeka, abantu abaningi baye bazuza ekufundeni ngezithembiso zeBhayibheli ezinokwethenjelwa zekusasa elingcono. Funda isihloko esithi “Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?