Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Inkohlakalo Yohulumeni Iyoke Iphele?

Ingabe Inkohlakalo Yohulumeni Iyoke Iphele?

 Inkohlakalo eyenziwa izikhulu zikahulumeni iyinkinga esakazeke umhlaba wonke, enemiphumela emibi kakhulu. a Ngokwesibonelo, phakathi nobhubhane lwe-COVID-19, bekulokhu kusolwa izikhulu zohulumeni bamazwe ahlukahlukene ngokuzizuzisa bona ngemali obekufanele isetshenziselwe ukusiza abantu babhekane nalolu bhubhane. Inkohlakalo enjalo yenze abantu bangakwazi ukwelashwa lapho bekudinga, kwaphumela ekubeni abaningi bahlupheke futhi bafe.

 Mkhulu kakhulu umonakalo odalwa inkohlakalo yohulumeni. UDavid Cameron, owayengundunankulu wase-United Kingdom, ukubeka ngale ndlela: “Inkohlakalo iwulwembu olukhulu oluthandelene—futhi wonke amazwe athandeleke kulo.”

 Nokho, singaqiniseka ngokuthi maduze nje yonke le nkohlakalo yohulumeni izophela. Kungani? Phawula ukuthi iBhayibheli lithi yini uNkulunkulu azoyenza.

Okwenza siqiniseke ukuthi uNkulunkulu uzothatha isinyathelo ukuze aqede inkohlakalo

 EBhayibhelini uNkulunkulu uthi: “Mina Jehova, ngithanda ubulungisa; ngizonda ukuphanga nokungalungi.” b (Isaya 61:8) UNkulunkulu uyabona njengoba abantu behlupheka ngenxa yokukhohlakala kwabathile. (Izaga 14:31) Uyathembisa: “Ngenxa yokuthi abahluphekile bayacindezelwa, . . . ngizothatha isinyathelo.”—IHubo 12:5.

 Yini uNkulunkulu azoyenza? Kunokulungisa ohulumeni abakhona, uzobakhipha, esikhundleni sabo afake owakhe uhulumeni wasezulwini, obizwa ngokuthi “uMbuso kaNkulunkulu.” (Marku 1:14, 15; Mathewu 6:10) IBhayibheli lithi: ‘UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso . . . oyophihliza yonke le mibuso uyiqede, wona wodwa ume kuze kube phakade.’ (Daniyeli 2:44) Ngaleyo ndlela, uNkulunkulu uzobe eseyiqedile inkohlakalo esiyibona namuhla.

Uhulumeni ongenayo inkohlakalo

 Sazi kanjani ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ngeke ube nayo inkohlakalo? Cabanga ngalokhu okulandelayo.

  1.  1. Amandla. Lo Mbuso uthola amandla kuNkulunkulu onguMninimandla Onke.—IsAmbulo 11:15.

     Okwenza lokhu kubaluleke: Ukuze ohulumeni babantu basebenze kahle, bancike emalini abayithola ebantwini. Ngokuvamile, lokho kubangela ukuba abantu bafumbathise, bantshontshe futhi baphambe abanye. Nokho, uMbuso kaNkulunkulu usekelwa uNkulunkulu onguMninimandla Onke. Ngakho, uyohlale ukwazi ukunika abantu abangaphansi kwawo konke abakudingayo.—IHubo 145:16.

  2.  2. UMbusi. UNkulunkulu umise uJesu Kristu ukuba abe uMbusi woMbuso wakhe.—Daniyeli 7:13, 14.

     Okwenza lokhu kubaluleke: Ngisho nababusi abahle kakhulu bangathonywa ukuba benze okubi. (UmShumayeli 7:20) Ngokuphambene nalokho, uJesu uye wabonisa ukuthi akanakufumbathiswa. (Mathewu 4:8-11) Ngaphezu kwalokho, uhlale eshukunyiswa ukuthi ubathanda ngempela abantu abangaphansi kwakhe futhi ufisa kakhulu ukuthi izinto abazidingayo bazithole.—IHubo 72:12-14.

  3.  3. Imithetho. Imithetho yoMbuso kaNkulunkulu ayinasici futhi yenza labo abayilalelayo bajabule.—IHubo 19:7, 8.

     Okwenza lokhu kubaluleke: Imithetho yabantu ivame ukuba yinkimbinkimbi, ibe umthwalo noma abayiphulayo bangajeziswa. Lokho kudala inkohlakalo. Ngakolunye uhlangothi, imithetho kaNkulunkulu iyaqondakala futhi iyazuzisa. (Isaya 48:17, 18) Ngaphezu kwalokho, leyo mithetho ayiphathelene nezenzo kuphela kodwa nezisusa. (Mathewu 22:37, 39) Njengoba uNkulunkulu ekwazi ukufunda izinhliziyo, angasebenzisa indlela enozwela ukuze aqikelele ukuthi leyo mithetho iyahlonishwa.—Jeremiya 17:10.

 Sikumema ukuba ufunde okwengeziwe ngesithembiso seBhayibheli esiphathelene nekusasa elinohulumeni ongenayo inkohlakalo.

a Ngokwenye incazelo, igama elithi “inkohlakalo” lisho ukusebenzisa kabi igunya umuntu alinikeziwe ukuze azizuzise yena.

b Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?