Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sidinga Umhlaba Ongcono!

Sidinga Umhlaba Ongcono!

U-António Guterres ongunobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene wathi “siphila ezweni eligcwele izinxushunxushu.” Ngokuqinisekile nawe uyavumelana nalokhu.

Imibiko eminingi yezindaba iyacindezela

  • Izifo nobhubhane lwezifo

  • Izinhlekelele zemvelo

  • Indlala nokuhlupheka

  • Ukungcola komhlaba nokufudumala kwawo

  • Ubugebengu, ubudlova nokukhwabanisa

  • Izimpi

Kusobala ukuthi siyawudinga umhlaba ongcono. Umhlaba lapho

  • Abantu bengaguli

  • Abantu bephephile futhi belondekile

  • Kunenala yokudla

  • Abantu besendaweni enempilo

  • Bonke abantu bephathwa ngobulungisa

  • Kunokuthula yonke indawo

Sisuke sisho ukuthini uma sikhuluma ngomhlaba ongcono?

Kuzokwenzekani ngomhlaba esiphila kuwo manje?

Yini esingayenza ukuze siphile emhlabeni ongcono?

Le Nqabayokulinda izochaza izimpendulo zeBhayibheli eziduduzayo zale mibuzo neminye ehlobene nayo.