Dlulela kokuphakathi

Ukuthula Emhlabeni—Kuyofika Kanjani?

Ukuthula Emhlabeni—Kuyofika Kanjani?

Impendulo YeBhayibheli

Ukuthula emhlabeni kuzoba khona, ngoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini obuswa uJesu Kristu, hhayi ngemizamo yabantu. Phawula indlela iBhayibheli elisifundisa ngayo ngaleli themba elimangalisayo.

  1. UNkulunkulu ‘uyoqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba,’ egcwalisa isithembiso sakhe sokuletha ‘ukuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye!’—IHubo 46:9; Luka 2:14, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

  2. UMbuso kaNkulunkulu uyobusa umhlaba wonke usezulwini. (Daniyeli 7:14) Njengohulumeni womhlaba, uyoqeda ubuzwe obuyimbangela yezingxabano eziningi.

  3. UJesu, uMbusi woMbuso kaNkulunkulu, ubizwa ngokuthi “iSikhulu Sokuthula,” futhi uyoqikelela ukuthi ‘ukuthula ngeke kuphele.’—Isaya 9:6, 7.

  4. Abantu abazimisele ukuqhubeka nempi ngeke bavunyelwe ukuba baphile ngaphansi kwalo Mbuso ngoba “ngokuqinisekile umphefumulo [kaNkulunkulu] uyamzonda umuntu othanda ubudlova.”—IHubo 11:5; IzAga 2:22.

  5. UJehova ufundisa izikhonzi zakhe indlela yokuphila ngokuthula. Lichaza imiphumela yale mfundo, iBhayibheli lithi: “Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.”—Isaya 2:3, 4.

Kumanje izigidi zoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke zifunda kuNkulunkulu indlela yokuba nokuthula. (Mathewu 5:9) Nakuba sivela ezizindeni ezihlukahlukene futhi sihlala emazweni angaphezu kuka-230, siyenqaba ukuya empini.

OFakazi BakaJehova bafunda izindlela zokuthula namuhla