Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INDLELA YOKUBHEKANA NOKUKHATHAZEKA

Ukukhathazeka Ngengozi

Ukukhathazeka Ngengozi

U-Alona uthi: “Lapho ngizwa inhlabamkhosi ebikezela ukuqhuma kwebhomu, ngivele ngishaywe uvalo bese ngigijimela endaweni yokukhosela. Ngisho noma sengingaphakathi kwaleyo ndawo yokukhosela, ukukhathazeka akupheli. Ngikhathazeka nakakhulu lapho ngingaphandle, ngiqhelelene nendawo yokukhosela. Ngolunye usuku, ngizihambela nje emgwaqweni, ngaqala ukukhala futhi ngahluleka ukuphefumula. Kwangithatha isikhathi eside ukuba ngehlise umoya. Ngemva kwalokho kwaphinde kwezwakala inhlabamkhosi.”

U-Alona

Impi imane nje ingenye yezinto eziningi ezibangela izingozi. Ngokwesibonelo, ukuthola ukuthi wena noma umuntu omthandayo unesifo esisongela ukuphila, kungakwenza ushaqeke. Kwabanye, ukwesaba ikusasa kungabangela ukukhathazeka. Bayazibuza, ‘Ingabe izingane zethu noma abazukulu bethu bazophila ezweni elinezimpi, ubugebengu, ukungcoliswa komhlaba, ukufudumala komkhathi nezifo eziwumshayabhuqe?’ Singabhekana kanjani nezinkathazo ezinjalo?

Njengoba azi ukuthi izinto ezimbi ziyenzeka, umuntu ‘onokuqonda uyayibona inhlekelele acashe.’ (IzAga 27:12) Njengoba sizama ukuvikela ukuphila kwethu, singathatha izinyathelo zokuzivikela ngokwengqondo nangokomzwelo. Ezokuzijabulisa ezinobudlova nemibiko yezindaba egcwele izithombe ezethusayo, kunezela ekukhathazekeni kwethu nokwezingane zethu. Ukugwema ukuzichaya kulezi zinto ngokungadingekile akusho ukuthi sibalekela amaqiniso okuphila. UNkulunkulu akadalanga izingqondo zethu ukuba zigxile kokubi. Kunalokho kufanele sizigcwalise ‘nganoma yiziphi izinto eziyiqiniso, . . . ezilungileyo, . . . ezihlanzekile,  . . ezithandekayo.’ Uma senza kanjalo, “uNkulunkulu wokuthula” uyosinika ukuthula kwengqondo nokwenhliziyo.—Filipi 4:8, 9.

UKUBALULEKA KOMTHANDAZO

Ukholo lwangempela lusisiza ukuba sibhekane nokukhathazeka. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘siphaphamele ukuthandaza.’ (1 Petru 4:7) Singacela usizo, ukuhlakanipha nesibindi kuNkulunkulu ukuze sibhekane nesimo esikuso ngempumelelo, siqiniseka ukuthi “uyasizwa nganoma yini esiyicelayo.”—1 Johane 5:15.

Unomyeni wakhe, u-Avi

IBhayibheli lichaza ukuthi uSathane, hhayi uNkulunkulu, ‘ongumbusi waleli zwe’ futhi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (Johane 12:31; 1 Johane 5:19) Ngakho uJesu wayengasebenzisi isifenqo lapho esifundisa ukuba sithandaze sithi: “Sikhulule komubi.” (Mathewu 6:13) U-Alona uthi: “Lapho ngizwa inhlabamkhosi ngicela uJehova ukuba angisize ngilawule imizwa yami, kanti nomyeni wami uyaye angibize athandaze nami. Ukuthandaza kuyasiza ngempela.” Kunjengoba nje iBhayibheli lisho: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo, Useduze nabo bonke abambiza ngeqiniso.”—IHubo 145:18.

ITHEMBA LETHU NGEKUSASA

ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuthandaza bathi: “Umbuso wakho mawuze.” (Mathewu 6:10) UMbuso kaNkulunkulu uyosiphula zonke izimbangela zokukhathazeka zingaphinde zibe khona. Esebenzisa uJesu, “iSikhulu Sokuthula,” uNkulunkulu ‘uyoqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ (Isaya 9:6; IHubo 46:9) “[UNkulunkulu] uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizwe eziningi . . . Ngeke ziphakamise inkemba, isizwe simelane nesizwe, futhi ngeke zisayifunda impi. . . . ngeke kube khona obenza bathuthumele.” (Mika 4:3, 4) Imindeni ejabulayo ‘iyokwakha izindlu ihlale kuzo; nakanjani iyotshala izivini idle izithelo zazo.’ (Isaya 65:21) “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.

Namuhla, ngisho noma singaqapha kangakanani, asinakuzigwema ngaso sonke isikhathi ‘izenzakalo ezingalindelekile’ noma ukuba sendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele. (UmShumayeli 9:11) Njengoba bekulokhu kunjalo amakhulu eminyaka, izimpi ubudlova kanye nezifo kuqhubeka kubulala abantu abalungile. Iliphi ithemba labo bantu abangenacala abanalo?

Izigidi zabantu ezingenakubalwa, inani lazo elaziwa uNkulunkulu kuphela, ziyophinde ziphile. Okwamanje, zilele, zigcinwe enkumbulweni kaNkulunkulu ephelele, kuze kube yilapho ‘bonke abasemathuneni . . . bephuma.’ (Johane 5:28, 29) Lapho likhuluma ngovuko, iBhayibheli liyasiqinisekisa: “Leli themba sinalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile liqinile.” (Hebheru 6:19) UNkulunkulu “unikeze isiqinisekiso kubo bonke abantu njengoba eye wamvusa [uJesu] kwabafileyo.”—IzEnzo 17:31.

Okwamanje, ngisho nalabo abazama ukujabulisa uNkulunkulu bayobhekana nokukhathazeka. Ngokuthatha izinyathelo ezingokoqobo, ukusondela kuNkulunkulu ngomthandazo nokwakha ukholo esithembisweni seBhayibheli ngekusasa, uPaul, uJanet no-Alona babhekana nokukhathazeka ngokuphumelelayo. Njengoba ebasizile, kwangathi nani “uNkulunkulu onika ithemba anganigcwalisa ngenjabulo nangokuthula konke ngokukholwa kwenu.”—Roma 15:13.