Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Singakwazi Ngempela Ukumjabulisa UNkulunkulu?

Ingabe Singakwazi Ngempela Ukumjabulisa UNkulunkulu?

Uke wafunda yini ngabantu okukhulunywa kahle ngabo eBhayibhelini futhi wazitshela ukuthi, ‘Ngeke ngifane nabo!’ Ungase uphethe ngokuthi, ‘Angiyena umuntu ongasoleki noma olungile futhi akwenzeki ukuba ngingalenzi iphutha.’

UJobe “wayengasoleki futhi eqotho.”—Jobe 1:1.

Inzalamizi uJobe, ichazwa ‘njengomuntu owayengasoleki futhi eqotho.’ (Jobe 1:1) ULoti wabizwa ngokuthi ‘umuntu olungileyo.’ (2 Petru 2:8) UDavide kwathiwa ‘wenza okulungile emehlweni’ kaNkulunkulu. (1 AmaKhosi 14:8) Noma kunjalo, ake sihlolisise ukuphila kwalaba bantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini. Sizobona ukuthi (1) benza amaphutha, (2) singafunda okuningi esibonelweni sabo, (3) nokuthi abantu abangaphelele bangakwazi ngempela ukumjabulisa uNkulunkulu.

BENZA AMAPHUTHA

‘[UNkululunkulu] wakhulula uLoti olungileyo, owayecindezeleke kakhulu ngokuzitika kwabantu abadelela umthetho ekuziphatheni okubi.’—2 Petru 2:7

UJobe wabhekana nezinkinga ezilandelanayo ezenza kwabonakala sengathi ubulungisa abukho. Waba nombono oyiphutha, waphetha ngokuthi uNkulunkulu akumkhathazi ukuthi uqhubeka eqotho kuYe noma cha. (Jobe 9:20-22) UJobe wayeqiniseka ukuthi yena ulungile, kangangokuthi kwabanye kwabonakala sengathi uthi ulunge kakhulu kunoNkulunkulu.—Jobe 32:1, 2; 35:1, 2.

ULoti wakuthola kunzima ukwenza isinqumo esilula kakhulu. Kwakumkhathaza kakhulu ukubona ukuziphatha okuyichilo kwabantu baseSodoma neGomora kangangokuthi “wayehlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngenxa yezenzo zabo.” (2 Petru 2:8) UNkulunkulu wabikezela ukuthi wayehlose ukuyishabalalisa leyo mizi eyonakele futhi anikeze uLoti nomndeni wakhe ithuba lokuba basindiswe. Cishe ungase ulindele ukuba uLoti okhathazekile abe ngowokuqala ukuphuma kuleyo ndawo. Nokho, phakathi naleso sikhathi esibucayi wayelokhu elibala. Izingelosi ezazithunywe ukuba zisindise yena nomndeni wakhe kwadingeka zibabambe ngesandla zibakhiphele ngaphandle komuzi endaweni ephephile.—Genesise 19:15, 16.

UDavide ‘walandela [uNkulunkulu] ngayo yonke inhliziyo yakhe ngokwenza okulungile emehlweni [kaNkulunkulu].’—1 AmaKhosi 14:8

Ngesinye isikhathi uDavide wehluleka ukuzithiba futhi waphinga nenkosikazi yenye indoda. Ngokushaqisayo, ukuze azame ukufihla isono sakhe, uDavide wabangela ukuba indoda yaleyo nkosikazi ibulawe. (2 Samuweli isahluko 11) IBhayibheli lithi “le nto uDavide ayeyenzile yabonakala iyimbi emehlweni kaJehova.”—2 Samuweli 11:27.

UJobe, uLoti noDavide benza amaphutha futhi amanye amaphutha ayemakhulu kakhulu. Kodwa njengoba sizobona, babekufisa ngokusuka enhliziyweni ukukhonza uNkulunkulu ngokuthobeka. Babezimisele ukubonisa ukuthi bayazisola futhi benze izinguquko ezidingekayo. Yingakho uNkulunkulu ababonisa umusa futhi iBhayibheli libabiza ngokuthi amadoda athembekile.

YINI ESINGAYIFUNDA?

Njengabantu abangaphelele, sizowenza nakanjani amaphutha. (Roma 3:23) Kodwa lapho siwenza, kudingeka sibonise ukuthi siyazisola futhi sizame ukulungisa izinto.

UJobe, uLoti noDavide bazama kanjani ukulungisa amaphutha abo? Enhliziyweni uJobe wayeyindoda eqotho. Ngemva kokuba uJehova ebonisane naye, uJobe walungisa ukucabanga kwakhe futhi wazisola ngalokho ayekushilo. (Jobe 42:6) Umbono kaLoti ngokuziphatha okuyichilo kwabantu baseSodoma neGomora wawuvumelana ngokuphelele nezindinganiso zikaNkulunkulu. Inkinga ngoLoti kwaba ukuswela umuzwa wokuphuthuma okwesikhashana. Kodwa wagcina ebalekile waphuma kuleyo mizi wasinda esahlulelweni sikaNkulunkulu. Ngokwethembeka akazange azibuke izinto ayezishiya ngemuva. Nakuba uDavide enza iphutha elikhulu ngokuphula umthetho kaNkulunkulu, wembula lokho okwakusenhliziyweni yakhe ngempela, ngokuphenduka ngobuqotho nangokucela umusa kaNkulunkulu—IHubo 51.

Indlela enhle uJehova ayebheka ngayo lawo madoda ivumelana nendlela yakhe elinganiselayo abheka ngayo abantu abangaphelele. UNkulunkulu “uyakwazi ukwakheka kwethu, Ekhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:14) Ngakho uma uNkulunkulu azi ukuthi nakanjani sizowenza amaphutha, yini ayilindele kithi?

UNkulunkulu “uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.”—IHubo 103:14

ABANTU ABANGAPHELELE BANGAMJABULISA KANJANI UNKULUNKULU?

Isiyalo uDavide asinika indodana yakhe uSolomoni sisisiza sibone indlela esingamjabulisa ngayo uNkulunkulu. “Wena, Solomoni ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo futhi umkhonze ngenhliziyo ephelele.” (1 IziKronike 28:9) Iyini inhliziyo ephelele? Yinhliziyo ethanda uNkulunkulu ezimisele ukwazi nokwenza intando yakhe. Akuyona inhliziyo ephelele, kodwa inhliziyo efisa ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka futhi ezimisele ukulungiswa. Uthando ngoNkulunkulu nesifiso sokwethembeka kuye kwenza uJobe wabhekwa ‘njengongenakusoleka,’ uLoti ‘njengolungile,’ uDavide ‘njengowenza okulungile emehlweni’ kaNkulunkulu. Nakuba benza amaphutha, bakwazi ukumjabulisa uNkulunkulu.

Yinhliziyo ethanda uNkulunkulu ezimisele ukwazi nokwenza intando yakhe

Ngakho uma sicabanga izinto ezimbi esingathandi ukuzicabanga, noma sisho izinto ezisibangela amahloni, noma senze izinto esibona kamuva ukuthi azilungile, izibonelo esisanda kuxoxa ngazo zingasiqinisa. UNkulunkulu uyazi ukuthi asiphelele. Nokho, ulindele ukuba simthande futhi silwele ukumlalela. Uma lokho sikwenza ngenhliziyo ephelele, singaqiniseka ukuthi nathi singakwazi ukumjabulisa uNkulunkulu.