Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Izinto Ezintathu Ezingenakuthengwa Ngemali

Izinto Ezintathu Ezingenakuthengwa Ngemali

LOKHU kubonakala kuyindida: Ngisho noma abantu besengozini yokulahlekelwa umsebenzi, umuzi wabo ngisho nempesheni imbala, abaningi basuke besalangezelela ukuthola noma yini engathengwa ngemali.

Abantu abanjalo bayizisulu ezilula zabakhangisi, abaqhuba imikhankaso yokukhangisa eyengayo esitshela ukuthi kumelwe sibe nemizi emikhulu, imoto engcono nezingubo zegama. Kuthiwani uma ungenamali? Akunankinga—ungathenga ngesikweletu! Kwabaningi, umgomo uwukubonakala sengathi bami kahle ngokwezimali ngisho noma bengene shí ezikweletini.

Kodwa, ngokushesha kuzomelwe babhekane namaqiniso. Incwadi ethi The Narcissism Epidemic ithi, “Ukuthenga izinto eziwubukhazikhazi ngesikweletu ukuze uzizwe futhi ubukeke njengomuntu omi kahle ngokwezimali, kufana nokudla izidakamizwa ukuze uzizwe ujabule. Kokubili lokhu ekuqaleni kubonakala kushibhile futhi kusebenza kahle, kodwa lokho kuba okwesikhashana nje. Ngokuhamba kwesikhathi, lokhu kukushiya ungenamali futhi ucindezelekile.”

IBhayibheli lidalula ubuwula balokho elikubiza ngokuthi ‘ukugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho.’ (1 Johane 2:16) Iqiniso liwukuthi, ukuthanda kakhulu izinto kuyasithikameza ezintweni ezibaluleke kakhulu ekuphileni—izinto ezingenakuthengwa ngemali. Cabangela izibonelo ezintathu.

 1. UBUNYE BOMKHAYA

UBrianne, * osemusha wase-United States, unomuzwa wokuthi uyise ubheka umsebenzi wakhe kanye nemali ayithola kuwo njengokubaluleke kakhulu. Uthi: “Sinakho konke esikudingayo nesingakudingi, kodwa ubaba akahlali ekhaya ngoba uhamba njalo. Ngiyazi ukuthi kungenxa yomsebenzi wakhe, kodwa ngicabanga ukuthi unomthwalo wemfanelo nasemkhayeni wakhe!”

Ongacabanga ngakho: Ikuphi ukuzisola ubaba kaBrianne angase abhekane nakho kamuva ekuphileni? Ukugxila kwakhe kakhulu ezintweni ezibonakalayo, kubuthinta kanjani ubuhlobo bakhe nendodakazi yakhe? Yini umkhaya wakhe oyidinga kakhulu kuye kunemali?

Izimiso zeBhayibheli ongazicabangela:

  • “Ukuthanda imali kubanga izinkinga eziningi. Abanye abantu bafuna imali kangangokuba baye . . . bazibangela ubuhlungu obukhulu.”—1 Thimothewu 6:10, Contemporary English Version.

  • “Kungcono ukudla imifino kanye nabantu obathandayo kunokudla inyama emnandi kanye nabantu abanenzondo.”—IzAga 15:17, Good News Translation.

Isiphetho sendaba: Imali ayinakuwenza umkhaya ubumbane. Lokho kwenzeka kuphela ngokuchitha isikhathi nomkhaya wakho nokuwunika uthando olwanele futhi uwunake.—Kolose 3:18-21.

 2. UKULONDEKA KWANGEMPELA

USarah, oneminyaka engu-17, uthi: “Umama uhlale engitshela ukuthi kufanele ngishade nendoda ecebile futhi ngifundele umsebenzi othile ukuze ngikwazi ukuzimela uma izinto zingahambi kahle emshadweni. Okuwukuphela kwento okubonakala isengqondweni yakhe ukuthi uzoyenza kanjani imali.”

Ongacabanga ngakho: Lapho ucabanga ngekusasa, iziphi izizathu ezizwakalayo zokukhathazeka onazo? Kunini lapho lokho kukhathazeka okufanele kungaba ukukhathazeka ngokweqile? Umama kaSarah ubengasinikeza kanjani iseluleko esinokulinganisela ngokulondeka okungokwezimali?

Izimiso zeBhayibheli ongazicabangela:

  • “Yekani ukuzibekelela ingcebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala kudla khona, nalapho amasela egqekeza khona ebe.”—Mathewu 6:19.

  • ‘Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.’—Jakobe 4:14.

Isiphetho sendaba: Ukuba nekusasa elilondekile kudinga okungaphezu kokuqongelela imali. Kakade imali ingebiwa—futhi ngeke iselaphe isifo noma ivikele umuntu ekufeni. (UmShumayeli 7:12) IBhayibheli lifundisa ukuthi ukulondeka kwangempela kutholakala ngokwazi uNkulunkulu nenjongo yakhe.—Johane 17:3.

 3. UKWANELISEKA

UTanya oneminyaka engu-24, uthi: “Abazali bami bangifundisa ukuphila ukuphila okulula. Mina nodadewethu engiyiwele naye sakhula sijabule, ngisho noma sasinezinto nje eziyisisekelo.”

Ongacabanga ngakho: Kungani kungase kube nzima ukwaneliswa yizinto eziyisisekelo? Uma kuziwa endabeni yemali, yisiphi isibonelo osibekela umkhaya wakho?

Izimiso zeBhayibheli ongazicabangela:

  • “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thimothewu 6: 8.

  • “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.

Isiphetho sendaba: Kunokuningi okungatholakala ekuphileni kunemali nezinto ezingathengwa ngayo. Empeleni, kunjengoba iBhayibheli lisho: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Ngempela, ukwaneliseka okukhulu ekuphileni kutholakala ngokwazi izimpendulo zemibuzo ebalulekile enjengale:

  • Kungani silapha?

  • Lisiphatheleni ikusasa?

  • Ngingasanelisa kanjani isidingo sami esingokomoya?

OFakazi BakaJehova, abanyathelisi balo magazini, bayokujabulela ukukusiza ukuba uthole izimpendulo zaleyo mibuzo. Ungaxhumana nabo endaweni yangakini noma uye engosini yethu ye-Internet ethi jw.org/zu.

^ isig. 8 Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.