PHAPHAMA! Okthoba 2013 | Izinto Ezintathu Ezingenakuthengwa Ngemali

Izinto ezibonakalayo zingasenza singazinaki izinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni—izinto ezingenakuthengwa ngemali. Cabangela izibonelo ezintathu.

Ukubuka Okwezwe

Izihloko zihlanganisa: Isiminyaminya sezimoto eChina, ukwephulwa kwamalungelo enkululeko yezenkolo e-Ermenia, izingozi zezingosi zokuxhumana eJapane, nokunye.

USIZO LOMNDENI

Lapho Ubungane Sebudlulele

Ingabe uzitshela ukuthi, ‘Simane nje singabangane?’ Uma kunjalo, hlola izimiso zeBhayibheli ukuze ubone ukuthi zithini ngokucabanga okunjalo.

INGXOXO NOTHILE

Isazi Samakhemikhali Ezinto Eziphilayo Sichaza Ngokholo Lwaso

Yini eyabangela ukuba lo mcwaningi aphinde acabange ngemvelaphi yokuphila futhi yini eyamenza waqiniseka ngokuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Izinto Ezintathu Ezingenakuthengwa Ngemali

Imali isenza sikwazi ukuthenga izinto ezithile esizidingayo, kodwa ukwaneliseka okukhulu ekuphileni kuvela ezintweni imali engenakuzithenga.

Okufanele Ukwazi Ngesifo Sokuwa

Hlola amaqiniso ayisisekelo ngalesi sifo esivame ukungaqondwa kahle.

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukucindezeleka

Funda ukuthi kungani abantu behlushwa ukucindezeleka nokuthi iBhayibheli lingakusiza kanjani ukuba ubhekane nemizwa engemihle.

INGABE KWAKLANYWA?

Ikhono Elimangalisayo Lokuzwa Lentethe I-katydid

Lezi zindlebe ezincane zalesi sinambuzane zisebenza ngendlela efanayo nezomuntu. Ukucwaninga ngekhono lokuzwa lalesi sinambuzane kuzobasiza kanjani ososayensi kanye nonjiniyela bosuku lwethu?

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Wenzenjani Uma Uxhashazwa?

Abaningi abaxhashazwayo banomuzwa wokuthi akukho abangakwenza. Lesi sihloko sichaza lokho okungenziwa ukuze kulungiswe isimo.

Ingabe Ukhathazeke Ngokweqile Ngendlela Obukeka Ngayo?

Uma ikukhathaza indlela umzimba wakho obukeka ngayo, ungaba kanjani nombono olinganiselayo ngawe?

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo? (Ingxenye 1)

Abasha abane bachaza ngezinto ezibasizayo ukuze babhekane nezinkinga zabo zempilo futhi bahlale benombono oqondile.

Okushiwo Yintsha Ngokubukeka Komzimba

Kungani kungaba inselele ngentsha ukulondoloza umbono olinganiselayo ngendlela ebukeka ngayo? Yini engasiza?

Iphupho Lombhaki

Zithathele futhi uprinte leli khasi okudingeka lifakwe imibala bese ubheka umehluko kulezi zithombe ezimbili.