Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imfundo Nemali Kungakwenza Yini Ube Nekusasa Elilondekile?

Imfundo Nemali Kungakwenza Yini Ube Nekusasa Elilondekile?

Abaningi bacabanga ukuthi abantu abafundile futhi abayizigwili banekusasa elilondekile. Bakholelwa ukuthi imfundo yasenyuvesi ingenza umuntu abe isisebenzi esingcono, ilungu lomndeni elingcono, nesakhamuzi esingcono. Bangase babe nomuzwa wokuthi uma ufundile uzothola umsebenzi oholela kahle futhi abantu abanemali eningi bayajabula.

LOKHO ABANTU ABANINGI ABAKUKHETHAYO

Cabanga ngalokho okushiwo uZhang Chen waseChina. Uthi: “Ngangikholelwa ukuthi ngangidinga iziqu zasenyuvesi ukuze ngiphume ekuhluphekeni nokuthi umsebenzi oholela kahle wawuzongenza ngijabule futhi nganeliseke ekuphileni.”

Abantu abaningi bafisa ukuyofunda emanyuvesi aziwayo mhlawumbe kwamanye amazwe ukuze babe nekusasa elilondekile. Lokhu bekuyinto eyanda ngokuphawulekayo kwaze kwaba yilapho i-COVID-19 yenza kube nzima ukuya kwamanye amazwe. Umbiko wango-2012 we-Organisation for Economic Co-operation and Development uthi: “Amaphesenti angu-52 abo bonke abafundi abafunda kwamanye amazwe avela e-Asia.”

Ngokuvamile abazali bayazidela ukuze izingane zabo zikwazi ukuyofunda emanyuvesi aphesheya kwezilwandle. UQixiang waseTaiwan uyakhumbula: “Abazali bami babengamile kahle ngokwezimali kodwa bakwazi ukusisa sobane ekolishi e-United States.” Ukuze umndeni wakhe ubakhokhele, njengeminye eminingi, kwadingeka ungene ezikweletini.

UBA YINI UMPHUMELA?

Abaningi abalwela ukuba nemfundo ephakeme nengcebo basala bedikibele

Ngokwezinga elithile imfundo ingayithuthukisa impilo kodwa ayibi njalo nemiphumela abafundi abasuke beyilindele. Ngokwesibonelo, ngemva kweminyaka eminingi yokuzidela nokungena ezikweletini, abaningi abawutholi umsebenzi abebewufuna. Umbiko kaRachel Mui we-Business Times yaseSingapore uthi: “Ukungawutholi umsebenzi kwabantu abaneziqu zasenyuvesi kubonakala kuyinkinga ekhulayo.” UJianjie, oneziqu eziningi ohlala eTaiwan, uthi: “Abaningi abawutholi umsebenzi abawufundele.”

Labo abathole umsebenzi abebewufundele bangase bathole ukuthi ukuphila kwabo akuyona lento abebeyifisa. UNiran waseThailand, ngemva kokubuya enyuvesi yase-United Kingdom, wathola umsebenzi walokho ayekufundele. Uthi: “Njengoba ngangilindele, ukuba neziqu kwangisiza ngathola umsebenzi oholela kakhulu. Yize kunjalo, kwadingeka ngisebenze kanzima futhi ngisebenze amahora amaningi ukuze ngihole imali eningi. Ngokuhamba kwesikhathi, inkampani yadiliza izisebenzi eziningi, kuhlanganise nami. Ngaqaphela ukuthi akukho ukulondeka kunoma yimuphi umsebenzi.”

Ngisho nalabo abadla izambane likapondo noma abangase babonakale sengathi banakho konke bayabhekana nezinkinga zomndeni, izinkinga zempilo nokungaqiniseki ngezomnotho. UKatsutoshi waseJapan uyavuma: “Ngangikujabulela ukuba nezinto ezinhle eziningi kodwa ngangikhathazwa ukuncintisana, umona nokuphathwa kabi.” ULam, owesifazane ohlala eVietnam, uthi: “Abantu abaningi bazama ukuthola imali eningi ngoba becabanga ukuthi izobenza balondeke kodwa izikhathi eziningi bakhathazeka ngisho nakakhulu baze bagule futhi bacindezeleke.”

NjengoFranklin, abaningi baye baphetha ngokuthi kunokuningi ekuphileni kunokufuna imfundo ephakeme nengcebo. Kunokuba bagxilise ukuphila kwabo ekufuneni izinto eziningi ezinhle, abanye baye bafuna ikusasa elihle ngokuthi balwele ukuba abantu abahle futhi benzele abanye izinto ezinhle. Ingabe ukufuna ukuphila okunjalo kungakwenza ube nekusasa elilondekile? Isihloko esilandelayo sizowuphendula lo mbuzo.