Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Okufanele Ngiyazi Ngezemidlalo?

Yini Okufanele Ngiyazi Ngezemidlalo?

 Ezemidlalo zingakusiza​—noma zikulimaze. Kuya ngokuthi udlalani, udlala kanjani nokuthi udlala kangakanani.

 Ziyini izinzuzo?

 Ukudlala imidlalo kungazuzisa ngokwempilo. IBhayibheli liyavuma ukuthi ‘ukuqeqesha umzimba kuyazuzisa.’ (1 Thimothewu 4:8) Insizwa ebizwa ngoRyan ithi, “Ukudlala imidlalo kuyindlela enhle kakhulu yokuzigcina unobungqabavu. Kungcono kakhulu kunokuhlala endlini udlale imidlalo ye-video.”

 Ukudlala imidlalo kungathuthukisa ikhono lokusebenzelana nabanye eqenjini kanye nokuzithiba. IBhayibheli liveza iphuzu elibalulekile ngokusebenzisa umfanekiso womdlalo. Lithi: “Abagijimi bagijima bonke, kodwa munye kuphela owamukela umklomelo.” Libe selithi: “Wonke umuntu onengxenye emncintiswaneni uyazithiba ezintweni zonke.” (1 Korinte 9:24, 25) Liyini iphuzu? Ukugcina imithetho yomdlalo kudinga ukuzithiba nokubambisana. Osemusha obizwa ngo-Abigail uyavuma. Uthi, “Ukudlala imidlalo kungifundise indlela yokubambisana nokukhuluma nabanye.”

 Ukudlala imidlalo kungakha ubungane. Umdlalo uyabahlanganisa abantu. Insizwa ebizwa ngoJordan ithi: “Cishe yonke imidlalo ihilela ukuncintisana ngandlela-thile, kodwa uma nikugcina kujabulisa, ukudlala imidlalo kuyindlela ekahle kakhulu yokuxhumana nabangane.”

 Ziyini izingozi?

 Okudlalayo. IBhayibheli lithi: “UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.”—IHubo 11:5.

 Eminye imidlalo inobudlova obusobala nje. Ngokwesibonelo, intokazi ebizwa ngoLauren ithi: “Injongo yomdlalo wesibhakela iwukushaya omunye umuntu nje. NjengamaKristu, siyakugwema ukulwa, ngakho yini engasenza sijabulele ukubuka abantu beshaywa?”

 Ongacabanga ngakho: Ingabe usuthonyekele ekudlaleni noma ekubukeleni imidlalo enobudlova uzitshela ukuthi ngeke ikwenze wenze izenzo zobudlova? Uma kunjalo, khumbula ukuthi iHubo 11:5 lithi uJehova uyamzonda umuntu “othanda ubudlova,” hhayi nje umuntu obenzayo.

 Indlela odlala ngayo. IBhayibheli lithi: “Ningenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo [bhekani] abanye njengabakhulu kunani.”—Filipi 2:3.

 Yebo, noma yimuphi umdlalo onamaqembu aphikisanayo uzoba nakho ukuncintisana okuthile. Kodwa isimo sengqondo sokufuna ukunqoba kumnyama kubomvu siyokwenza umdlalo ungabi mnandi. Osemusha obizwa ngoBrian uthi: “Umoya wokuncintisana ungakubamba ngokushesha. Lapho wenza kahle kakhulu kwezemidlalo kudingeka ukusebenzele nakakhulu ukuthobeka.”

 Ongacabanga ngakho: Insizwa ebizwa ngoChris iyavuma: “Sidlala ibhola masonto onke futhi bakhona abake balimala.” Ngakho zibuze, ‘Yini engandisa amathuba okulimala? Yini engingayenza ukuze ngiwanciphise?’

 Isikhathi osichitha kwezemidlalo. IBhayibheli lithi: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:​10.

 Kudingeka uhlele izinto ngokubaluleka kwazo; izinto ezingokomoya kufanele zize kuqala. Imidlalo eminingi ingathatha amahora amaningana, kungakhathaliseki ukuthi uyayidlala noma uyayibukela. Intokazi ebizwa ngoDaria ithi: “Ngangihlale ngixabana njalo nomama ngenxa yokuchitha isikhathi esiningi ngibuka imidlalo kuyi-TV, isikhathi engangingasisebenzisela izinto ezingcono.”

Ukunaka ezemidlalo ngokweqile kunjengokufaka usawoti omningi ekudleni

 Ongacabanga ngakho: Ingabe uyalalela lapho abazali bakho bekucebisa ngezinto okufanele zize kuqala kuwe? Intokazi ebizwa ngoTrina ithi: “Lapho mina nezingane zasekhaya sibukela imidlalo size sikhohlwe imisebenzi ebalulekile yasekhaya, umama wayesikhumbuza ukuthi abadlali bayahola kungakhathaliseki ukuthi siyababukela noma cha. Wayeze asibuze: ‘Nina niholelwa ubani?’ Wayesuke eqonde ukuthi: Abadlali banayo kakade imisebenzi. Kodwa uma thina singayenzi imisebenzi yesikole kanye neminye, sasingeke sikwazi ukuzinakekela ngesikhathi esizayo. Ngokuyisisekelo, umama wayesitshela ukuthi ukubukela imidlalo noma ukuyidlala akufanele kube yinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwethu.”