Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kufanele Yini Ngithole Abangane Abengeziwe?

Kufanele Yini Ngithole Abangane Abengeziwe?

 “Ngikhululeka kuphela uma nginabangane bami, kunzima ukujwayelana nabanye abantu.”​—U-Alan.

 “Angikuthandi ukuba nabangane abaningi nokukhuluma nabantu engingabazi.”​—USara.

 Uzizwa njengo-Alan noSara yini? Nawe unabangane abambalwa osondelene nabo futhi awuthandi ukuthola abangane abasha?

 Uma kunjalo lesi sihloko sibhalelwe wena!

 Inkinga ngokuba nabangane abambalwa

 Ayikho into embi ngokuba nabangane abambalwa osondelene nabo. Kwenza uzizwe wamukelekile naphezu kwamaphutha akho.

 “Kumnandi ukuba phakathi kwabangane abakuthandayo. Uma usemusha, ufuna ukwamukeleka.”​—UKaren, 19.

 Bewazi? UJesu wayenabangane abaningi, okuhlanganisa nabaphostoli bakhe abangu-12 kodwa uPetru, uJakobe noJohane babengabangane bakhe abaseduze kakhulu.​—Marku 9:2; Luka 8:​51.

 Ukuba neqembu elilodwa labangane ozwana nabo nokungafuni ukuthola abanye, kungakubangela izinkinga. Ngokwesibonelo:

  •   Kungakwenza ulahlekelwe ithuba lokuthola abanye abangane abahle.

     “Awukwazi ukufunda izinto ezintsha kwabanye uma unabangane ababodwa.”​—U-Evan, 21.

  •   Kungakwenza ubonakale ungumuntu ozenza ngcono.

     “Uma uzwana neqembu elithile labangane, ungenza abanye bacabange ukuthi awufuni ukukhuluma nabo.”​—USara, 17.

  •   Kungakwenza uxhaphaze abanye.

     “Uma uwedwa ungase ungabaxhaphazi abanye, kodwa uma abangane bakho bekwenza ungagcina nawe usukwenza futhi ukujabulele.”​—UJames, 17.

  •   Kungakufaka enkingeni, ikakhulu uma uzimisele ukwenza noma yini ukuze ube yingxenye yalelo qembu labangane.

     “Uma umuntu oyedwa kulelo qembu enza izinto ezimbi, nonke ningagcina senizenza.”​—UMartina, 17.

 Ongakwenza

  •   Cabanga ngokuthi ufuna ukuphila kanjani.

     Zibuze: ‘Ngifuna ukuphila kanjani? Ingabe abangane bami benza kube nzima ukuphila ngendlela engiyifunayo? Ngingaqhubeka yini ngizwana nabo ngisho noma kunjalo?’

     Okushiwo iBhayibheli: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Korinte 15:33.

     “Uma abangane bakho benza izinto ongazithandi, nawe ungagcina sewenza izinto ongakaze ucabange ukuthi ungazenza.”​—U-Ellen, 14.

  •   Cabanga ngokuthi yini ebalulekile kuwe.

     Zibuze: ‘Ingabe ngingenza izinto engingazithandi ngenxa nje yokuthi angifuni ukulahlekelwa abangane bami? Ngingenzenjani uma umngane wami enza into engafanele?’

     Okushiwo iBhayibheli: “Bonke engibathandayo ngiyabasola.”—IsAmbulo 3:19.

     “Uma omunye wabangane bakho enza into engalungile, ungase obone sengathi uma umceba uzobe uyamdayisa.”​—UMelanie, 22.

  •   Thola abangane abengeziwe.

     Zibuze: ‘Kungangisiza yini ukuthola abangane abengeziwe?’

     Okushiwo iBhayibheli: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:4.

     “Kungase kube nzima ngezinye izingane ukujwayela abanye, ngenxa yendlela eziphathwa ngayo ekhaya. Kodwa uma uzama ukuzijwayela ungase ubone ukuthi kumnandi ukuba nazo.”​—UBrian, 19.

 Nakhu okubalulekile: Akukubi ukuzwana nabangane abathile nje kuphela. Kodwa kungakusiza ukuzama ukuthola abangane abengeziwe. IBhayibheli lithi: “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha.”—Luka 6:38.