Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlakanipha Okwenza Umndeni Ujabule

Ukuhlakanipha Okwenza Umndeni Ujabule

Umshado nabantwana izipho eziyigugu ezivela kuMdali wethu. Ufuna sibe nomndeni ojabulayo. Ngakho usebenzise incwadi yakudala engcwele ukuze asinike isiqondiso esingenza ukuphila kwemindeni yethu kube ngcono futhi kujabulise. Cabanga ngalesi seluleko esilandelayo.

Madoda, Thandani Omkenu

“Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu. Indoda ethanda umkayo izithanda yona, ngoba akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kodwa uyawondla futhi awuphathe kahle.”​—EFESU 5:28, 29.

Indoda iyinhloko yomndeni. (Efesu 5:23) Noma kunjalo, umyeni omuhle akanalo ukhahlo noma afune izinto ngenkani. Uyamthanda umkakhe futhi uzinakekela kahle izidingo zomkakhe ezingokwenyama nezingokomzwelo. Uzama ngakho konke okusemandleni ukumjabulisa futhi akahlale efuna ukuba izinto zenziwe ngendlela yakhe. (Filipi 2:4) Uxoxa nomkakhe ngokukhululekile ngendlela azizwa ngayo nangalokho akucabangayo futhi uyamlalela. ‘Akamthukutheleli kakhulu’ umkakhe, amshaye noma asho izinto ezizomphatha kabi.​—Kolose 3:19.

Bafazi, Hloniphani Abayeni Benu

“Umfazi kufanele amhloniphe ngokujulile umyeni wakhe.”​—EFESU 5:33.

Uma umfazi ehlonipha umyeni wakhe futhi esekela izinqumo zakhe wenza kube nokuthula ekhaya. Uma umyeni wakhe enza iphutha akamehlisi isithunzi, kodwa uhlale emnene futhi emhlonipha. (1 Petru 3:4) Uma efuna ukukhuluma naye ngenkinga ethile, ukhetha isikhathi esikahle futhi akhulume naye ngenhlonipho.​—UmShumayeli 3:7.

Thembeka Koshade Naye

“Indoda . . . [iyonamathela] kumkayo, babe nyamanye.”​—GENESISE 2:24.

Lapho indoda nowesifazane beshada, baba umndeni osondelene. Ngakho indoda nomkayo kufanele basebenze kanzima ukuze bagcine umshado wabo uqinile ngokuthululelana izifuba nangezenzo ezincane zomusa. Kufanele futhi bathembeke ngokungaziphathi kabi ngokocansi nomuntu abangashadile naye. Ukungathembeki kuyamlimaza oshade naye. Kwenza kungabi nokwethembana futhi kungahlukanisa nomndeni.​—Hebheru 13:4.

Bazali, Qeqeshani Izingane Zenu

“Qeqesha ingane ngendlela okufanele ihambe ngayo; ngisho nalapho ikhula ngeke isuke kuyo.”​—IZAGA 22:6.

UNkulunkulu unikeze abazali umsebenzi wokuqeqesha izingane zabo. Lokho kuhlanganisa ukuzifundisa indlela okufanele ziziphathe ngayo nokuzibekela isibonelo esihle. (Duteronomi 6:6, 7) Lapho ingane ingaziphathi ngendlela efanele, umzali ohlakaniphile akathathi izinto ngamawala. ‘Uyashesha ukulalela, ephuze ukukhuluma, angasheshi ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19) Uma umzali ebona ukuthi ingane idinga isiyalo, kufanele ayiyale ngothando hhayi ngentukuthelo.

Bantwana, Lalelani Abazali Benu

“Bantwana, lalelani abazali benu  . . . ‘Hlonipha uyihlo nonyoko.’”​—EFESU 6:1, 2.

Abantwana kufanele balalele abazali babo futhi babahloniphe ngokusuka enhliziyweni. Lapho abantwana behlonipha abazali babo, kuba nenjabulo ekhaya futhi lokhu kwenza kube nokuthula nokuzwana. Izingane esezikhulile zihlonipha abazali bazo ngokuqikelela ukuthi bayanakekelwa. Lokhu kuhlanganisa nokubasiza ekugcineni ikhaya labo lisesimweni esihle noma ukubasekela ngemali.​—1 Thimothewu 5:3, 4.