Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Madoda—Yenzani Amakhaya Enu Abe Alondekile

Madoda—Yenzani Amakhaya Enu Abe Alondekile

UKULONDEKA okunjani indoda okufanele ikunike umkayo? Abantu abaningi bafundiswa ukuthi umgomo oyinhloko wendoda ukuba isize umndeni wayo ulondeke ngokwezimali. Nokho, amanye amakhosikazi anezinto eziningi ezibonakalayo azizwa engalondekile ngokomzwelo futhi aze esabe nokwesaba. Ngokwesibonelo, owesifazane waseSpain ogama lakhe linguRosa, usho lokhu ngomyeni wakhe, “Uma enabanye abantu wayeyindoda ethandekayo, kodwa uma sesisekhaya wayevele angiphathe kabi.” UJoy waseNigeria uyavuma, “Uma sasingaboni ngaso linye nomyeni wami, wayevele athi, ‘Kufanele wenze konke engikushoyo ngoba ngingumyeni wakho.’”

Indoda ingayifeza kanjani ngothando indima yayo njengomyeni? Yini okufanele yenziwe indoda ukuze yenze ikhaya layo lilondeke, libe “indawo yokuphumula” yomkayo?—Ruthe 1:9.

LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI NGEGUNYA LENDODA

Nakuba indoda nomfazi benokuma okulinganayo emehlweni kaNkulunkulu, iBhayibheli lithi ngamunye wabo unendima ehlukile emndenini. EyabaseRoma 7:2 ibonisa ukuthi owesifazane oshadile ungaphansi ‘komthetho womyeni wakhe.’ Njengoba izinhlangano eziningi ziyaye zimise umuntu othile ukuba engamele, uNkulunkulu naye umise indoda ukuba ibe inhloko yomkayo. (1 Korinte 11:3) Amadoda kufanele ahole imindeni yawo.

Njengendoda, kufanele ulisebenzise kanjani igunya olinikwe uNkulunkulu? IBhayibheli lithi: “Qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla.” (Efesu 5:25) Yebo, nakuba uJesu Kristu engazange ashade, isibonelo sakhe singakusiza ube umyeni okahle. Ake sibone ukuthi kungenzeka kanjani lokho.

UKUPHILA KUKAJESU—ISIBONELO ESIPHELELE SAMADODA

UJesu wayefuna ukuqabula nokunciphisa umthwalo wabanye. UJesu wathembisa bonke ababehluphekile futhi becindezelekile: “Wozani kimi, . . . ngizonenza niqabuleke.” (Mathewu 11:28, 29) Wayevame ukudambisa ukuhlupheka kwabo futhi abasize ukuba basondele kuJehova. Shono nje abaningi badonseleka kuJesu, beqiniseka ukuthi uzowenza lula umthwalo wabo!

Indlela amadoda angamlingisa ngayo uJesu. Funa izindlela ongasiza ngazo umkakho ngemisebenzi okumelwe ayenze ekhaya. Amanye amakhosikazi azizwa njengoRosa owasho lokhu edabukile: “Ngangimane nje ngiyisisebenzi kumyeni wami.” Indoda egama layo linguKweku, ejabule emshadweni wayo, isho okuhlukile: “Ngivame ukubuza umkami ukuthi ngingamsiza ngani. Ngenxa yokuthi ngiyamthanda, ngokuvamile ngiyaye ngenze umzamo wokuba ngimsize ngemisebenzi yasendlini.”

UJesu wayecabangela futhi enozwela. Kwase kuyiminyaka engu-12, owesifazane ompofu enokugula okubi. Lapho ezwa ngamandla kaJesu okuphulukisa, “wayelokhu ethi: ‘Uma nje ngingathinta ingubo yakhe yangaphandle, ngizophila.’” Wayeqinisile! Waya kuJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe, waphulukiswa ngaso leso sikhathi. Nakuba abanye ababebukele baphetha ngokuthi lona wesifazane wayegabadela, uJesu waqonda ukuthi lona wesifazane wayehluphekile. * Ngomusa wathi kuye: “Ndodakazi, . . . uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.” Akagcinanga nje ngokugwema ukumbangela amahloni noma ukumthethisa kodwa wavuma ukuthi wayegula ngempela. Ngaleyo ndlela wabonisa uhlobo lwendoda ayeyilo—indoda enozwela.—Marku 5:25-34.

Indlela amadoda angamlingisa ngayo uJesu. Uma umkakho engazizwa kahle, mcabangele kakhudlwana futhi ube nesineke. Zama ukuzibeka esimweni sakhe uqonde nokuthi kungani enza ngendlela enza ngayo. Ngokwesibonelo, uRicardo uyachaza, “Uma ngibona ukuthi umkami ucasuka kalula, ngizama ukugwema ukusho izinto ezingamenza azizwe kabi nakakhulu.”

UJesu wayekhuluma nabafundi bakhe. UJesu wayexoxa kakhulu nabangane bakhe. Wathi: “Zonke izinto engizizwe kuBaba nginazisile zona.”(Johane 15:15) Kuyiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi uJesu wayefuna ukuba yedwa azindle futhi athandaze. Kodwa wayevame ukuthulula imizwa yakhe ejulile kubafundi bakhe. Ngobusuku bangaphambi kokuba abulawe njengesigebengu, wabatshela ngokuqondile ukuthi ‘wayelusizi kakhulu.’ (Mathewu 26:38) Ngisho nalapho izenzo zabo zazimdumaza, uJesu akazange ayeke ukukhuluma nabangane bakhe.—Mathewu 26:40, 41.

Ukucabanga ngesibonelo sikaJesu kungasiza indoda ukuba ibe umyeni nobaba ongcono

Indlela amadoda angamlingisa ngayo uJesu. Khuluma—ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho—nomkakho. Owesifazane angase akhononde ngokuthi umyeni wakhe akanankinga yokukhuluma nabanye abantu kodwa uma esekhaya uthula du. Ngakolunye uhlangothi, phawula indlela u-Ana azizwa ngayo lapho umyeni wakhe emthululela isifuba. Uthi: “Ngivele ngiluzwe uthando lwakhe, bese ngisondela nakakhulu kuye.”

Ungamquduleli umkakho ngoba umjezisa. Omunye wesifazane uthi, “Kwakuthi lapho umyeni wami engicasukele, kuphele izinsuku engangikhulumisi. Wayengenza ngizizwe nginecala futhi ngizondwa.” Nokho, u-Edwin manje uyazama ukulingisa isibonelo sikaJesu. Uthi: “Uma ngicasuka, angiphenduli ngaso leso sikhathi, kodwa ngibheka isikhathi esikahle sokuba sixoxe.”

UJoy, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyalubona ushintsho kumyeni wakhe selokhu aqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. UJoy uyalandisa, “Usethuthukile futhi uzama kanzima ukuba umyeni onothando ngokwengeziwe, elingisa uJesu.” Izigidi zabantu abashadile ziyazuza ngokusebenzisa lesi seluleko seBhayibheli. Ungathanda yini nawe ukuzuza njengazo? Ungacela omunye woFakazi BakaJehova ukuba akuqhubele isifundo seBhayibheli samahhala.

^ isig. 10 NgokoMthetho kaMose, isimo salona wesifazane sasimenza abhekwe njengongahlanzekile ngokwenkolo futhi noma ubani owayemthinta wayeyobhekwa njengongcolile.—Levitikusi 15:19, 25.