Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Ongathola Ngayo Injabulo Nokwaneliseka

Indlela Ongathola Ngayo Injabulo Nokwaneliseka

Sonke siyakudinga ukujabula nokwaneliseka kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile, sibancane noma sibadala. UMdali wethu naye ufuna sijabule futhi saneliseke yingakho eye wasinikeza iseluleko esiwusizo kakhulu.

Sebenza Ngokuzikhandla

“Makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokuthile kokupha umuntu oswele.”​—EFESU 4:28.

UMdali wethu usikhuthaza ukuba sibheke umsebenzi njengento enhle. Kungani? Umuntu osebenza kanzima uyajabula ngoba uyakwazi ukuzinakekela nokunakekela umndeni wakhe. Angakwazi ngisho nokusiza umuntu odinga usizo. Uyoba ngisho nayigugu kumqashi wakhe. Maningi amathuba okuba umuntu ozimiselayo emsebenzini wakhe angalahlekelwa umsebenzi. ImiBhalo iyichaza kahle imivuzo yomuntu osebenza kanzima ngokuthi “isipho sikaNkulunkulu.”​—UmShumayeli 3:13.

Thembeka

“Sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”​—HEBHERU 13:18.

Uma sithembekile siyazihlonipha, sibe nokuthula kwangaphakathi, silale kahle ngisho nasebusuku. Ngaphezu kwalokho, abanye bayosithemba futhi basihloniphe. Abantu abangathembekile bazincisha ithuba lokuba nalezo zinto ezinhle. Ngisho nonembeza wabo ungase ubahluphe futhi bangaphila ngokwesaba ukuthi ngelinye ilanga bangase babanjwe ngenxa yokungathembeki.

Ungayithandi Ngokweqile Imali

“Ekuphileni kwenu ningayithandi imali ngokweqile, naneliswe izinto ezikhona.”​—HEBHERU 13:5.

Siyayidinga imali ukuze sithole ukudla nezinye izinto esizidingayo. Noma kunjalo, ‘ukuthanda imali ngokweqile’ kuyingozi. Kungenza umuntu asebenzise sonke isikhathi sakhe namandla ezama nje ukuqongelela imali. Lokhu kufuna imali ngokweqile kungenza umshado wakhe ube nezinkinga, kumncishe isikhathi angasichitha nezingane zakhe, kulimaze ngisho nempilo yakhe. (1 Thimothewu 6:9, 10) Ngaphezu kwalokho, umuntu othanda imali angase alingeke ukuba angathembeki. Indoda ehlakaniphile yathi: “Umuntu othembekile uyothola izibusiso eziningi, kodwa ojaha ukuceba ngeke ahlale emsulwa.”​—IzAga 28:20.

Khetha Imfundo Esezingeni Eliphezulu

“Londa ukuhlakanipha nekhono lokucabanga.”​—IZAGA 3:21.

Imfundo enhle isisiza sibe abantu abadala okungathenjelwa kubo nabazali abahle. Kodwa uma imfundo esiyithola ezikoleni iyodwa, ngeke iqinisekise ukuthi sizohlale silondekile futhi sijabula. Ukuze siphumelele kukho konke esikwenzayo ekuphileni, kudingeka sithole imfundo evela kuNkulunkulu. ImiBhalo ithi ngomuntu olalela uNkulunkulu: “Konke akwenzayo kuyophumelela.”​—IHubo 1:1-3.