Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sizonqotshwa Kanjani Isitha Esiwukufa?

Sizonqotshwa Kanjani Isitha Esiwukufa?

NAKUBA ukungalaleli kwabazali bethu bokuqala u-Adamu no-Eva kwalethela abantu ukufa, akuzange kukushintshe lokho uNkulunkulu ayekuhlosile lapho edala abantu. Esebenzisa iBhayibheli, uNkulunkulu usiqinisekisa ngokuphindaphindiwe ukuthi lokho ayekuhlosile akukashintshi.

  • “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”IHubo 37:29.

  • “Uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.”Isaya 25:8.

  • “Njengesitha sokugcina, ukufa kuzokwenziwa ize.”1 Korinte 15:26.

  • “Ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”IsAmbulo 21:4.

UNkulunkulu “uyokugwinya” kanjani ukufa enze isitha esingukufa sibe ‘yize’? Njengoba sesiphawulile, iBhayibheli likubeka ngokucacile ukuthi ‘abalungile bayohlala kuze kube phakade’ emhlabeni. Kodwa liphinde lithi “akekho umuntu olungileyo emhlabeni oqhubeka enza okuhle futhi angoni.” (UmShumayeli 7:20) Ingabe lokho kusho ukuthi uNkulunkulu uyokwenza okuhIukile kulokho akusho eBhayibhelini? Anqobe ukufa ngaphandle kokulindela ukuba abantu bagcine imiyalo yakhe? Akunakwenzeka lokho, ngoba ‘uNkulunkulu akanakuqamba amanga.’ (Thithu 1:2) Pho-ke, yini uNkulunkulu azoyenza ukuze afeze lokho ayekuhlosile ngesikhathi edala abantu?

UNKULUNKULU UYOKUGWINYA UKUFA KUZE KUBE PHAKADE.”—ISAYA 25:8

ISIHLENGO SINQOBA UKUFA

Ngothando, uJehova uNkulunkulu wenza indlela yokutakula abantu ekufeni ngokukhokha isihlengo. Isihlengo silingana nenani lomonakalo owenzekile. Ngenxa yokuthi bonke abantu banesono futhi bangaphansi kwesigwebo sokufa, iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi: “Akukho namunye kubo ongahlenga ngisho nomfowabo nganoma iyiphi indlela, noma anike uNkulunkulu isihlengo sakhe (inani lokukhulula umphefumulo wabo liyigugu kakhulu kangangokuba liphelile kuze kube nini nanini).”—IHubo 49:7, 8

Lapho umuntu onesono efa usuke engakhokha isigwebo sesono sakhe kuphela; kodwa akakwazi ukuzihlenga esonweni futhi ngeke akwazi ukuhlenga omunye umuntu. (Roma 6:7) Sasidinga umuntu ongenaso isono ukuba anikele ngokuphila kwakhe ukuze kusulwe izono zethu.—Hebheru 10:1-4.

Yilokho uNkulunkulu akuhlela. Wathumela iNdodana yakhe, uJesu, emhlabeni ukuze izalwe njengomuntu ongenaso isono. (1 Petru 2:22) UJesu wathi isizathu sokuza kwakhe emhlabeni ‘kwakuwukunikela umphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi.’ (Marku 10:45) Wafa ukuze anqobe ukufa, ngaleyo ndlela wasikhulula kulesi sitha ukuze sithole ukuphila.—Johane 3:16.

KUZONQOTSHWA NINI UKUFA?

Namuhla siphila ezinsukwini iBhayibheli elaprofetha ngokuthi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” Lokho kubonisa ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1) Ekupheleni kwezinsuku zokugcina kuzofika ‘usuku lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ (2 Petru 3:3, 7) Kodwa abantu abathanda uNkulunkulu bayosinda bathole ‘ukuphila okuphakade.’—Mathewu 25:46.

UJesu weza emhlabeni ukuze ‘azonikela umphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi.’—Marku 10:45

Ezinye izigidi zabantu ziyothola ukuphila okuphakade lapho sezivusiwe. Ngesikhathi evakashele idolobha laseNayini, uJesu wabonisa ngokoqobo ukuthi uvuko luyoba khona. Umfelokazi othile wayeshonelwe indodana yakhe okuwukuphela kwayo. UJesu ‘wamhawukela’ lo mfelokazi, wabe eseyivusa indodana yakhe. (Luka 7:11-15) Umphostoli uPawulu wabhala: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” Ithemba lovuko libonisa indlela uNkulunkulu abathanda ngayo abantu.—IzEnzo 24:15.

Izigidigidi zilangazelela ukuphila phakade. IBhayibheli lithi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:29) Kuyoba isikhathi esijabulisayo nesikhuthaza kakhulu leso, lapho bebona ukugcwaliseka kwamazwi ashiwo uPawulu eminyakeni engaba ngu-2 000 eyedlule, athi: “KuFa, kuphi ukunqoba kwakho? KuFa, luphi udosi lwakho?” (1 Korinte 15:55) Isitha esikhulu sabantu esiwukufa siyobe sesinqotshiwe!