Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Liyini Ithemba Ngabantu Abafile?

Liyini Ithemba Ngabantu Abafile?

Ukufa kuyasithinta sonke. Kodwa ingabe kusuke sekuphelile ngomuntu lapho efa? Ingabe abantu abafile ngeke baphinde bakhunjulwe? Likhona yini ithemba ngabantu abafile?

CABANGA NGALOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI:

ABAFILE BASAZOKHUNJULWA

‘Bonke abasemathuneni bazophuma.’—Johane 5:28, 29.

UNkulunkulu uyabakhumbula abantu asebafa, futhi uzobavusa.

KUZOBA KHONA UVUKO EMHLABENI

“Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.

Izigidigidi zabantu zizovuswa zithole ithemba lokuphila phakade emhlabeni onokuthula.

SINGASITHEMBA ISITHEMBISO SOVUKO

“[UNkulunkulu] ubala izinkanyezi; zonke uzibiza ngamagama azo.”—IHubo 147:4.

Uma uNkulunkulu azi inkanyezi ngayinye ngegama, kulula kakhulu ukuba akhumbule abantu azobavusa.