KumaHebheru 10:1-39

  • Imihlatshelo yezilwane ayisebenzi (1-4)

    • UMthetho uyisithunzi (1)

  • Umhlatshelo kaKristu wanikelwa kwaba kanye kuphela (5-18)

  • Indlela entsha nephilayo yokungena (19-25)

    • Singakuyeki ukuhlangana ndawonye (24, 25)

  • Isixwayiso ngesono samabomu (26-31)

  • Isibindi nokholo lokukhuthazela (32-39)

10  Njengoba uMthetho unesithunzi + sezinto ezinhle ezizayo, + kodwa kungezona lezo zinto uqobo, ngemihlatshelo efanayo enikelwa njalo unyaka nonyaka, awusoze wabenza* baphelele labo abasondela kuNkulunkulu. +  Ukube bekunjalo, imihlatshelo yayingeke yini iyeke ukunikelwa, ngoba labo abanikela inkonzo engcwele asebehlanziwe babengeke besaba nomuzwa wecala ngenxa yezono zabo?  Ngokuphambene nalokho, le mihlatshelo ikhumbuza ngezono unyaka nonyaka, +  ngoba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkomo nelezimbuzi lisuse izono.  Ngakho lapho efika ezweni uthi: “ ‘Awuzange uwufune umhlatshelo nomnikelo, kodwa ungilungiselele umzimba.  Awuzange uyamukele iminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yesono.’ +  Ngakho ngathi: ‘Bheka! Ngize ukuzokwenza intando yakho (kulotshiwe ngami emqulwini*), Nkulunkulu.’ ” +  Ngemva kokuthi kuqala: “Awuzange uyifune futhi awuzange uyamukele imihlatshelo neminikelo kanye neminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yesono”—imihlatshelo enikelwa ngokoMthetho—  ube esethi: “Bheka! Ngize ukuzokwenza intando yakho.” + Uqeda okokuqala ukuze amise okwesibili. 10  Ngale ‘ntando’ + singcwelisiwe ngomnikelo womzimba kaJesu Kristu kube kanye kuphela. + 11  Futhi, umpristi uma endaweni yakhe usuku nosuku ukuze anikele inkonzo engcwele *+ anikele nemihlatshelo efanayo kaningi, + engasoze yakwazi ukususa izono ngokuphelele. + 12  Kodwa lo muntu wanikela umhlatshelo owodwa wezono osebenza kuze kube phakade futhi wahlala ngakwesokudla sikaNkulunkulu, + 13  kusukela ngaleso sikhathi, ulindele ukuba izitha zakhe zibekwe njengesenabelo sezinyawo zakhe. + 14  Ngoba ngumnikelo owodwa womhlatshelo enze ngawo labo abangcweliswayo baphelela phakade. + 15  Ngaphezu kwalokho, umoya ongcwele nawo uyafakaza kithi, ngoba ngemva kokuba uthe: 16  “ ‘Yilesi isivumelwano engiyosenza nabo ngemva kwalezo zinsuku,’ kusho uJehova.* ‘Ngiyofaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyilobe nasezingqondweni zabo.’ ” + 17  Ube sewuthi: “Ngeke ngisazikhumbula izono zabo nezenzo zabo zokweqa umthetho.” + 18  Manje lapho kukhona khona ukuthethelelwa kwazo, awusadingeki umnikelo wesono. 19  Ngakho-ke, bazalwane, njengoba sinesibindi* ngokuqondene nendlela engena endaweni engcwele + ngegazi likaJesu, 20  asivulela yona njengendlela entsha nephilayo edabula ikhethini, + okuwukuthi, inyama yakhe, 21  futhi njengoba sinompristi omkhulu phezu kwendlu kaNkulunkulu, + 22  masisondele ngezinhliziyo eziqotho nangokholo oluphelele, izinhliziyo zethu zifafaziwe zahlanzeka kunembeza omubi + nemizimba yethu igezwe ngamanzi ahlanzekile. + 23  Masiphikelele ekulimemezeleni obala ithemba lethu ngaphandle kokuntengantenga, + ngoba uthembekile lowo owathembisa. 24  Futhi masicabangelane* ukuze sivuselelane* uthando nemisebenzi emihle, + 25  singakuyeki ukuhlangana ndawonye, + njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, + futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela. + 26  Ngoba uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesithole ulwazi olunembile lweqiniso, + awusekho umhlatshelo wesono osele, + 27  kodwa ngokwesaba silindele isahlulelo nentukuthelo evutha njengomlilo eyodla labo abaphikisayo. + 28  Noma ubani oye wangawunaka uMthetho KaMose ufa ngaphandle kokuhawukelwa ngobufakazi bababili noma abathathu. + 29  Nicabanga ukuthi uyofanelwa isijeziso esikhulu kangakanani umuntu onyathele iNdodana kaNkulunkulu futhi walibheka njengento evamile igazi lesivumelwano + angcweliswa ngalo, nothukuthelise umoya womusa omkhulu ngokwedelela? + 30  Ngoba siyamazi Lowo owathi: “Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina.” Wathi futhi: “UJehova* uyokwahlulela abantu bakhe.” + 31  Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo. 32  Ningayikhohlwa indlela enakhuthazelela ngayo izinto eziningi naphezu kwezinhlupheko, ngemva kokuba senikhanyiselwe. + 33  Ngezinye izikhathi nanenekwa obala* esihlambeni nasezinsizini, futhi ngezinye izikhathi nanihlanganyela* nalabo ababebhekene nokunjalo. 34  Nabonisa uzwela kulabo abasejele futhi nakwamukela ngenjabulo ukuphangwa kwezinto zenu, + nazi ukuthi nina ninempahla engcono nehlalayo. + 35  Ngakho-ke, ningayeki ukukhuluma ngesibindi,* njengoba kunomvuzo omkhulu okuzokhokhelwa kona. + 36  Ngoba ninesidingo sokukhuthazela, + ukuze ngemva kokuba seniyenzile intando kaNkulunkulu, nizitholele lokho uNkulunkulu akuthembisile. 37  Ngoba kusele “isikhathi esincane kakhulu,” + futhi “lowo ozayo uzofika, ngeke alibale.” + 38  “Kodwa olungile wami uyophila ngenxa yokholo,” + futhi, “uma ehlehlela emuva, angijabuli ngaye.” + 39  Asilona uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni, + kodwa siluhlobo olunokholo ukuze kulondwe ukuphila kwethu.

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “abantu abasoze babenza.”
NgesiGreki, “emqulwini wencwadi.”
Noma, “ enze inkonzo yomphakathi.”
Noma, “sizethemba.”
Noma, “masikhathalelane; masinakane.”
Noma, “sishukumise; sikhuthaze.”
NgesiGreki, “obala njengokungathi ninekwa enkundleni yemidlalo.”
Noma, “nanisekelana.”
NgesiGreki, “ukuba nenkululeko yokukhuluma.”