Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Abampofu

Abampofu

Ingabe uNkulunkulu uyabakhathalela abampofu?

“Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali . . . Ngoba [uNkulunkulu] uthé: ‘Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.’”—Hebheru 13:5.

INDLELA UNKULUNKULU ABONISA NGAYO UKUKHATHALELA KWAKHE

Lapho inceku kaJehova uNkulunkulu ibhekene nezikhathi ezinzima, uNkulunkulu angabonakalisa ukukhathalela kwakhe ngezindlela eziningi. Enye yalezo zindlela ukusekela kothando okuvela kwamanye amaKristu. * UJakobe 1:27 uthi: “Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo.”

AmaKristu okuqala ayesizana. Ngokwesibonelo, ngesikhathi kubikezelwa ukuthi kuzoba nendlala enzima eyayizohlasela izwe laseJudiya, amaKristu asemzini wase-Antiyokiya eSiriya azimisela “[ukuthumela] usizo kubazalwane abahlala eJudiya.” (IzEnzo 11:28-30) Lokho kwenza ukuba izidingo eziyisisekelo zamaKristu ampofu zinakekelwe. Lesi senzo sokupha ngokuzithandela sasiwukubonakaliswa kothando lobuKristu.—1 Johane 3:18.

 Yini abampofu abangayenza ukuze benze isimo sabo sibe ngcono?

“Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze.”—Isaya 48:17, 18.

UNKULUNKULU UYASIHLOMISA UKUZE SIZISIZE

Njengoba nje izigidi zabantu ziye zazibonela, ukuhlakanipha okutholakala eBhayibhelini kuyasebenza futhi akunakuqhathaniswa. IzAga 2:6, 7 zithi: “UJehova unikeza ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda. Abaqotho uyobabekelela ukuhlakanipha okusebenzayo.” Lapho abantu bekufuna lokho kuhlakanipha bese bekusebenzisa, bayazuza.

Ngokwesibonelo, bagwema imikhuba eyingozi nedla imali enjengokudla izidakamizwa noma ukudakwa. (2 Korinte 7:1) Baphinde babe izisebenzi ezithembekile eziqikelelayo neziziphethe kahle, okwenza abe maningi amathuba okuba bangalahlekelwa umsebenzi noma babe ngisho nayizisebenzi ezithandwayo. Eyabase-Efesu 4:28 ithi: “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima, . . . ukuze abe nokuthile kokwabela umuntu oswele.”

Ingabe bukhona ubufakazi obubonisa ukuthi ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kuyabasiza abampofu?

“Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubonakaliswa kulungile ngemiphumela yako.”—Mathewu 11:19, The New English Bible.

IMIPHUMELA IYAZIKHULUMELA

UWilson, ohlala eGhana, wayesezophelelwa itoho ayelibambile. Kwathi lapho egeza imoto yomphathi wenkampani ngosuku lwakhe lokugcina, wazithela phezu kwemali ebhuthini. Induna yakhe yathi akazithathele yona. Kodwa uWilson, ongomunye woFakazi BakaJehova wenqaba ukweba. Kunalokho le mali wayiphindisela kumniniyo. Esikhundleni sokuba atshelwe ukuthi umsebenzi uphelile, uWilson waqashwa ngokugcwele futhi ngokuhamba kwesikhathi wanikwa isikhundla sokuba isikhulu esiphezulu.

EYurophu, uGéraldine waxoshwa emsebenzini ngoba umqashi wakhe wayengabathandi oFakazi BakaJehova. Nokho, unina walo mqashi watshela le ndodakazi yakhe ukuthi yayenze iphutha elikhulu. Wathi: “Uma ufuna isisebenzi esithembekile nesizimisele emsebenzini, ngeke usithole esingcono kunomunye woFakazi BakaJehova.” Le ndodakazi yenza ucwaningo ngoFakazi futhi uGéraldine wabuyiselwa emsebenzini wakhe.

Ngesikhathi uSarah, umama ongayedwa waseNingizimu Afrika, ebhekene nezikhathi ezinzima, wazibonela uthando lobuKristu lusebenza ngesikhathi amalungu ebandla lakubo enikeza umndeni wakhe ukudla ababekudinga futhi ebalungiselela nento yokuhamba. Kamuva izingane zakhe zathi, “Sinenqwaba yabazali ebandleni.”

Kungashona ilanga silandisa izindaba ezifana nalezi. Zonke zisikhumbuza izAga 1:33, ezithi: “Ongilalelayo [mina Jehova], uyohlala ngokulondeka.” Yeka ukuthi la mazwi ayiqiniso kanjani!

^ isig. 5 Kwamanye amazwe uhulumeni uyabasiza ngokwezimali abampofu. Emazweni lapho lokhu kungenzeki khona, ngokuyinhloko kuba semahlombe ezihlobo zompofu ukumnakekela.—1 Thimothewu 5:3, 4, 16.