IzAga 1:1-33

  • Injongo yezaga (1-7)

  • Izingozi zokuzihlanganisa nababi (8-19)

  • Ukuhlakanipha kweqiniso kumemeza obala (20-33)

1  Izaga zikaSolomoni, + indodana kaDavide, + inkosi yakwa-Israyeli: +   Lezi zaga zibhalelwe ukuba umuntu athole* ukuhlakanipha + amukele nesiyalo;Aqonde amazwi ahlakaniphile;   Athole isiyalo + esenza umuntu abe nokuqonda,Ukulunga, + ikhono lokwahlulela *+ nobuqotho;*   Zihlakaniphisa + ongenalwazi;Zinika insizwa ulwazi nekhono lokucabanga. +   Umuntu ohlakaniphile uyalalela amukele afundiswa kona; +Umuntu onokuqonda uthola isiqondiso esihlakaniphile +   Ukuze aqonde isaga nesisho esingaqondakali kalula,*Amazwi abantu abahlakaniphile neziphicaphicwano zabo. +   Ukwesaba* uJehova kungukuqala kolwazi. + Yiziwula kuphela ezizonda ukuhlakanipha nesiyalo. +   Ndodana yami, lalela isiyalo sikayihlo, +Ungayishiyi imfundiso* kanyoko. +   Kuwumhlobiso omuhle ekhanda lakho +Nomgexo omuhle entanyeni yakho. + 10  Ndodana yami, uma izoni zizama ukukuyenga, ungavumi. + 11  Uma zithi: “Hamba nathi. Masibacuthele ukuze sichithe igazi. Sizobalalela unyendle abantu abamsulwa. 12  Sizobagwinya bephila njengoba kwenza iThuna,*Bephelele, njengalabo abehlela phansi egodini. 13  Masithathe zonke izimpahla zabo eziyigugu;Sizogcwalisa impahla ephangiwe ezindlini zethu. 14  Kufanele uhambe nathi,Esikwebile sizokwabelana kona ngokulinganayo.” 15  Ndodana yami, ungabalandeli. Ungahambi endleleni yabo, + 16  Ngoba izinyawo zabo zigijimela ekwenzeni okubi;Bayashesha ukuchitha igazi. + 17  Kuyize leze ukwendlala inethi phambi kwenyoni ibuka. 18  Yingakho becuthela ukuchitha igazi;Bayacutha ukuze babulale abanye abantu. 19  Lezi izindlela zalabo abafuna inzuzo ngokungathembeki,Leyo nzuzo iyothatha ukuphila kwabo. + 20  Ukuhlakanipha kweqiniso + kumemeza kakhulu emgwaqweni. + Kuqhubeka kuphakamisa izwi lako ezigcawini. + 21  Kumemeza ekhoneni lemigwaqo ephithizelayo. Emasangweni amadolobha kuthi: + 22  “Kuyoze kube nini nina eningenalwazi nithanda ukungabi nalwazi? Kuyoze kube nini nina bahleki bosulu nijatshuliswa ukuhleka usulu? Kuyoze kube nini nina ziphukuphuku nizonda ulwazi? + 23  Ngilaleleni* lapho nginisola. + Ngiyobe senginithululela umoya wami;Ngiyonenza nazi amazwi ami. + 24  Ngenxa yokuthi nginimemezile, kodwa nangasabela,Ngelula isandla sami, kodwa akukho muntu owayenakile, + 25  Benilokhu ningasinaki sonke iseluleko samiNingakwamukeli nokusola kwami, 26  Nami futhi ngiyohleka lapho nehlelwa inhlekelele;Ngiyohleka usulu lapho kufika lokho enikwesabayo, + 27  Lapho lokho enikwesabayo kufika njengesivunguvungu,Nenhlekelele inifikela njengesiphepho,Lapho usizi nezinkathazo kunifikela. 28  Ngaleso sikhathi bayolokhu bengibiza, kodwa ngeke ngiphendule;Bayongifuna phansi phezulu, kodwa ngeke bangithole, + 29  Ngenxa yokuthi baluzondile ulwazi, +Futhi abakukhethanga ukwesaba uJehova. + 30  Basenqabile iseluleko sami;Bakwedelelile konke ukusola kwami. 31  Ngakho bayobhekana nemiphumela* yezindlela zabo, +Bayosutha amacebo abo kuze kweqe. 32  Ngoba abangenalwazi bayobulawa ukungalawuleki kwabo,Nokunganaki kweziphukuphuku kuyozibhubhisa. 33  Kodwa ongilalelayo uyohlala ngokulondeka +Angaphazanyiswa ukwesaba inhlekelele.” +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “azi.”
Noma, “lokho okuwubulungisa.”
Noma, “nokungakhethi.”
Noma, “nomzekeliso.”
Noma, “Ukuhlonipha.”
Noma, “umthetho.”
Noma, “iShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Phendukani.”
NgesiHebheru, “bayodla isithelo.”