IzAga 26:1-28

  • Kuchazwa amavila (13-16)

  • Ungangeni engxabanweni yomunye umuntu (17)

  • Gwema ukwenza amahlaya alimazayo (18, 19)

  • Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima (20, 21)

  • 1Amazwi omnyundeli anjengokudla okumnandi (22)

26  Njengeqhwa ehlobo nanjengemvula ngesikhathi sokuvuna,Udumo alumfanele oyisiphukuphuku. +   Njengoba nje inyoni inesizathu sokubaleka nenkonjane inesizathu sokundiza,Nesiqalekiso asizi ngaphandle kwesizathu sangempela.*   Isiswebhu ngesehhashi, amatomu awembongolo, +Nenduku eyomhlane wabantu abayiziphukuphuku. +   Ungamphenduli oyisiphukuphuku ngokobuwula bakhe,Ukuze ungafani naye.*   Phendula oyisiphukuphuku ngokobuwula bakhe,Ukuze angacabangi ukuthi uhlakaniphile. +   Njengomuntu owenza izinyawo zakhe zikhubazeke, azilimaze yenaUnjalo umuntu ophathisa isiphukuphuku izindaba zakhe.   Njengemilenze exegezelayo yolunyonga,Sinjalo isaga emlonyeni wabantu abayiziphukuphuku. +   Njengokufaka itshe endwayimaneni,Kunjalo ukunika isiphukuphuku udumo. +   Njengesihlahla sameva esandleni sesidakwa,Sinjalo isaga emlonyeni wabantu abayiziphukuphuku. 10  Njengomcibisheli omane acibe nje noma ikuphi,*Unjalo umuntu oqasha isiphukuphuku noma oqasha abadlula ngendlela. 11  Njengenja ebuyela emhlanzweni* wayo,Oyisiphukuphuku uphinda ubuwula bakhe. + 12  Uke wambona umuntu ocabanga ukuthi uhlakaniphile? + Kukhona ithemba elikhulu ngoyisiphukuphuku kunangaye. 13  Ivila lithi: “Kukhona iwundlu lebhubesi emgwaqweni,Kukhona ibhubesi esigcawini!” + 14  Isicabha silokhu siphenduka emahinjini* aso,Nevila lilokhu liphenduka embhedeni walo. + 15  Ivila lifaka isandla esitsheni,Kodwa likhathele kakhulu ukuba lisibuyisele emlonyeni walo. + 16  Ivila licabanga ukuthi lihlakaniphileKunabantu abayisikhombisa abaphendula ngokunengqondo. 17  Njengomuntu obamba inja ngamadlebeUnjalo umuntu odlulayo othukutheliswa ingxabano* okungeyona eyakhe. + 18  Njengohlanya oluciba izikhali ezivuthayo, imicibisholo nokufa* 19  Unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe bese ethi, “Bengizidlalela!” + 20  Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima,Nalapho kungekho mnyundeli ukuxabana kuyaphela. + 21  Njengamalahle amasha afakwa kwavuthayo nezinkuni ezifakwa emlilweni,Unjalo nomuntu onochuku obhebhezela ingxabano. + 22  Amazwi omnyundeli anjengokudla okumnandi;*Ayagwinywa angene phakathi esiswini. + 23  Njengesiliva elicwebezelayo elinanyekwe odengeziniAnjalo amazwi othando avela enhliziyweni embi. + 24  Ozonda abanye uyakufihla lokho ngezindebe zakhe,Kodwa ngaphakathi ufukamele inkohliso. 25  Nakuba ekhuluma ngomusa, ungamethembi,Ngoba enhliziyweni yakhe kukhona izinto eziyisikhombisa ezinengekayo.* 26  Nakuba inzondo yakhe ifihlwe yinkohliso,Ububi bakhe buyokwembulwa ebandleni. 27  Ogubha umgodi uyowela kuwo,Nanoma ubani ogingqa itshe—liyobuyela kuye. + 28  Ulimi lwamanga luyabazonda abachotshozwe yilo,Nomlomo othophayo ubangela umonakalo. +

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “Nesiqalekiso esingamfanele umuntu asidluli.”
Noma, “ungazibeki ezingeni lakhe.”
Noma, “bonke abantu.”
Noma, “ebuhlanzweni.”
Noma, “ezingibeni.”
Noma kungaba, “ogxambukela engxabanweni.”
Noma, “nemicibisholo ebulalayo.”
Noma, “anjengezinto okumelwe zigwinywe ngokushesha, ziphangwe.”
Noma, “Ngoba inhliziyo yakhe iyanengeka kakhulu.”