Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGOMA 65

Qhubekela Phambili!

Qhubekela Phambili!

(Hebheru 6:1)

  1. 1. Qhubekela phambili ek’vuthweni!

    Khanyis’ iqiniso babone bonk’ abantu.

    Zama ukuthuthuka ensimini,

    Uthole iz’busiso.

    Bonke banendaw’ enkonzweni.

    Ngumsebenzi awenz’ uJesu.

    Thembela kuJehov’ ukuz’ ungawi,

    Umelel’ ukulunga.

  2. 2. Qhubekela phambili ngesibindi!

    Shumayela ngoMbuso kubo bonk’ abantu.

    Ngenjabulo dumis’ uNkulunkulu,

    Shumayel’ emizini.

    Izitha ziyasesabisa.

    Ungahlehli batshele bonke:

    UMbuso kaJehova usulapha.

    Fundisa iqiniso.

  3. 3. Qhubekela phambili phikelela,

    Thuthukis’ amakhono umsebenzi mkhulu.

    Cel’ umoya kaJah ukuph’ amandla,

    Uthole nenjabulo.

    Ubathande obatholayo.

    Uphindele ubafundise.

    Basize bathuthuke nsuku zonke,

    Ukukhanya kukhanye.