Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Umngane Wami Angiphatha Kabi?

Kungani Umngane Wami Angiphatha Kabi?

Isahluko 10

Kungani Umngane Wami Angiphatha Kabi?

“UKerry wayengumngane wami omkhulu. Ngangimlanda ngemva komsebenzi zonke izinsuku ngoba wayengenayo imoto. Kodwa ngasheshe ngaba nomuzwa wokuthi udlala ngami.

“Wayeye angene emotweni ekhuluma kumakhalekhukhwini noma ebhala imiyalezo kuwo. Wayengangibongi ngokumgibelisa, futhi wayeka ukukhipha imali kaphethiloli. Izingxoxo zakhe nazo zazingakhi. Ngazicasukela kakhulu ngokumyeka isikhathi eside kangaka!

“Ngelinye ilanga ngamchazela ngomusa ukuthi ngangingeke ngisakwazi ukumlanda ngemva komsebenzi. Kusukela lapho, akaphindanga wafuna ukuzihlanganisa nami—okungiqinisekisa ngokwengeziwe ukuthi ubungane bethu wayebuthanda ngenxa yalokho eyangakuthola kimi. Kubuhlungu ngempela!”—UNicole.

KUNGENZEKA kubangane abakhulu. Namuhla bangamathe nolimi; kusasa sebeyinkukhu nempaka. Yini exabanisa abangane?

● KuJeremy, konke kwabonakala kushintsha lapho umngane wakhe omkhulu ethuthela endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-1 600. Uthi: “Esehambile, akazange angishayele ucingo futhi lokho kwangiphatha kabi kakhulu.”

● UKerrin waqala ukuphawula ukushintsha kobuntu bomngane wakhe omkhulu okwase kuyiminyaka emihlanu bengabangane. Uthi: “Isimo sakhe sengqondo nalokho ayekusho kwangikhathaza ngempela. Waqala ukukhuluma kabi nokugxeka izinto ezibalulekile kimi. Lapho sizama ukulungisa lesi simo, wangisola ngokuthi ngizenza olunge ngokweqile futhi angithembekile, wathi futhi ubungane bethu abumsizi ngalutho!”

● KuGloria, ubungane bakhe nomngane wakhe baphela engalindele nangaphandle kwesizathu. Uthi: “Ekuqaleni sasizwana kakhulu futhi wangitshela ukuthi ngifana nodadewabo. Dukuduku, wayeka ukwenza izinto nami, abeke izaba ezingezwakali.”

● Inkinga phakathi kukaLaura noDaria yaqala lapho uDaria ethandana nesoka likaLaura. ULaura uthi: “Wayehlala imindundu ocingweni exoxa nesoka lami, nakuba ngangisathandana nalo. Umngane wami omkhulu wangidla izithende futhi ngalahlekelwa umuntu engangingase ngishade naye—kokubili kwenzeka ngasikhathi sinye!”

Konakalaphi?

Sonke siyawenza amaphutha. Ngakho kulindelekile ukuba umngane wakho enze noma asho okuthile okukuphatha kabi. Iqiniso liwukuthi zikhona izikhathi ezimbalwa oye waphatha kabi ngazo abanye nawe. (UmShumayeli 7:22) “Sonke asiphelele futhi sizozwisana ubuhlungu ngezinye izikhathi,” kusho intombazane okuthiwa uLisa. Ngokuvamile, ukungezwani okuncane okudalwa ukungaboni ngaso linye kungaxazululwa ngengxoxo emfushane.

Kodwa kwezinye izimo, ukwehlukana kwabangane akubangwa isenzo esisodwa, kubangwa ukuqaphela ukuthi nobabili anisafani ngendlela enanicabanga ukuthi nifana ngayo. Khumbula, njengoba ukhula, izinto ozithandayo ziyashintsha—kuba njalo nakumngane wakho. Yini ongayenza lapho uba nomuzwa wokuthi wena nomngane wakho niyaqhelelana?

Indlela Yokulungisa Ubungane

Kwake kwenzeka wadatshukelwa impahla yokugqoka oyithandayo? Wenzenjani? Wayilahla? noma wayithunga? Akungabazeki ukuthi kwaxhomeka ekutheni idabuke kangakanani nokuthi uyithanda kangakanani. Uma wawuyithanda ngempela, cishe wafuna izindlela zokuyilungisa. Ezimweni eziningi, kunjalo nangobungane osebonakele. Okuningi kuxhomeke kulokho okwenzekile nokuthi ubuthanda kangakanani lobo bungane. *

Ngokwesibonelo, uma umngane wakho ekhulume kabi noma ekuphathe ngendlela engenamusa, ungase ukwazi ukwemboza leyo nkinga ngokulandela iseluleko seHubo 4:4: ‘Khuluma ngenhliziyo, phezu kombhede wakho, kodwa uthule.’ Ngakho, ngaphambi kokuba ubuqede ubungane, cabangisisa. Ingabe akwenzile ukwenze ngenhloso? Uma ungaqiniseki, kungani ungaphethi ngokuthi ubengahlose bubi? Ezimweni eziningi ungaluvumela ‘uthando lwemboze izono eziningi.’—1 Petru 4:8.

Ungase uhlole nokuthi ube nesandla yini nawe kule nkinga. Ngokwesibonelo, uma umngane wakho edalula imfihlo, kungenzeka yini ukuthi kwakungahlakaniphile ngawe kwasekuqaleni ukumethwesa leyo mfihlo? Omunye umbuzo ongase uwucabangele ukuthi awuzenzanga yini wena inhlekisa—mhlawumbe ngokuba iphoshophosho noma ngokukhuluma izinto eziwubuwula. (IzAga 15:2) Uma kunjalo zibuze, ‘Ingabe kudingeka ngenze izinguquko ukuze umngane wami angihloniphe ngokwengeziwe?’

“Singaxoxa Ngokwenzekile?”

Kuthiwani-ke uma unomuzwa wokuthi awunakumane nje uyiyeke indaba idlule? Uma kunjalo, kungaba kuhle ukukhuluma nomngane wakho. Kodwa uqaphele ungakhulumi naye uthukuthele. IBhayibheli lithi: “Umuntu ofuthelene ubhebhezela umbango, kodwa owephuza ukuthukuthela uyayiqeda ingxabano.” (IzAga 15:18) Ngakho, linda kuze kwehle igwebu ngaphambi kokuzama ukulungisa isimo.

Lapho usukhuluma nomngane wakho, khumbula ukuthi umgomo wakho awukona ‘ukubuyisela okubi ngokubi.’ (Roma 12:17) Kunalokho, uwukulungisa isimo futhi ubuyisele ubungane esimweni sabo. (IHubo 34:14) Ngakho khuluma ngokusuka enhliziyweni. Ungase uthi, “Sekuyisikhathi singabangane. Singaxoxa ngokwenzekile?” Uma usuyazi imbangela yenkinga, kungase kube lula ukulungisa ubungane. Ngisho noma umngane wakho engafuni ukukhuluma, ungaduduzwa yiqiniso lokuthi wena uzamile ukubuyisela ukuthula.

Ekugcineni, qiniseka ukuthi nakuba “kukhona abangane abathambekele ekuphihlizaneni babe yizicucu,” ukhona ‘nomngane onamathela ngaphezu komfowenu.’ (IzAga 18:24) Yiqiniso, ngisho nabangane abangamathe nolimi bangase babe nezinkinga ngezikhathi ezithile. Uma ziqhamuka, yenza noma yini ongayenza ukuze ulungise ubungane. Ngempela, ukuzimisela ukuxazulula ukungezwani kuwubufakazi bokuthi uba umuntu omdala ovuthiwe.

FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 8

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Abanye ontanga bangase bachithe isikhathi esiningi bedla ingevu kuyi-Internet. Badonswa yini?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 15 Abanye abangane abakufanelekele ukugcinwa eduze. Kunjalo ngokukhethekile uma ukuziphatha kwabo kungasamfanele umKristu.—1 Korinte 5:11; 15:33.

UMBHALO OYINHLOKO

“Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”—Roma 12:18.

ICEBISO

Ngaphambi kokufinyelela iziphetho ngendaba, thola uhlangothi lomngane wakho.—IzAga 18:13.

UBUWAZI . . . ?

Abantu abanobungane obuhle banikezana ithuba lokuba omunye enze izinto azithandayo. (IzAga 25:17) Ngako-lunye uhlangothi, ukuba nesikhwele ngokweqile ngomngane wakho kanye nokufuna ukuba anake wena njalo nje kungabubulala ubungane benu.

ENGIZOKWENZA!

Lapho kudingeka ngikhulume nomngane wami mayelana nokuthile akwenzile okungiphathe kabi, ngingaqala ngokuthi ․․․․․

Nakuba kungiphathe kabi okwenziwe umngane wami, ngizozama ukugcina ukuthula ngokuthi ngi- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

Yini eqeda ubungane ngezinye izikhathi?

Yikuphi ukoniwa ongase ukwazi ukukudlulisa enhliziyweni yakho futhi yikuphi okungase kudingeke nixoxe ngakho nomngane okuphathe kabi?

Yiziphi izifundo ezizuzisayo ongazifunda ekuphathweni kabi umngane?

Yiziphi izinyathelo ongazithatha ukuze unciphise amathuba okuba umngane akuzwise ubuhlungu?

[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 95]

“Ukube benginethuba lokuqala phansi, bengingeke ngilindele ukuphelela ebunganeni bethu. Bengiyomlalela ngokwengeziwe futhi ngimsekele, ngingakhulisi amaphutha akhe. Manje sengiyaqonda ukuthi okwenza ubungane buphumelele ukubhekana nezinkinga nezinselele.’’—UKeenon

[Isithombe ekhasini 94]

Ukungezwani nomngane kufana nokudatshukelwa impahla yokugqoka—kodwa kokubili kungalungiswa