Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isibonelo Esihle—UJosefa

Isibonelo Esihle—UJosefa

Isibonelo Esihle—UJosefa

UJosefa ubhekene nesimo esinzima. Umkankosi yakhe ubelokhu emcela ukuba alale naye. Namanje usamcela! Kodwa uJosefa akayengeki. Empeleni, impendulo yakhe iwujuqu. UJosefa uyamtshela: “Ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?” Lapho ephikelela—aze ambambe nokumbamba—uJosefa akanamahloni okubaleka. Empeleni, uyagijima aphume endlini! UJosefa uzibonakalisa eyindoda yezimiso eziqotho.Genesise 39:7-12.

Kungenzeka nawe ubhekane nesimo esifanayo lapho othile efuna wanelise inkanuko yobulili. Ukuze ukwazi ukwenqaba kudingeka okungaphezu kokuzimisela. Kuqala ngesifiso sokujabulisa uMdali wakho, uJehova uNkulunkulu. Uyabona, uJosefa wayenazo izifiso zobulili, njengawe nje. Kodwa akazange akucabange nakukucabanga ukwanelisa lezo zifiso ngendlela ezodumaza uMdali wakhe. Ngendlela efanayo, nawe kudingeka uqiniseke ukuthi ukuziphatha okungcolile kuyamcasula uNkulunkulu nokuthi ekugcineni kubangela usizi. Ngakho lwela ukuhlakulela nokulondoloza izimiso eziqotho ezaboniswa nguJosefa.