Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isibonelo Esihle—UDavide

Isibonelo Esihle—UDavide

Isibonelo Esihle—UDavide

UDavide uyawuthanda umculo. Ungumculi onekhono nomlobi wezingoma onesiphiwo. Uyazenzela ngisho nezinsimbi zomculo. (2 IziKronike 7:6) UDavide unekhono kangangokuthi inkosi yakwa-Israyeli iyambiza ukuba azoyidlalela umculo esigodlweni sayo. (1 Samuweli 16:15-23) UDavide uyavuma. Kodwa akaqhoshi, futhi akazivumeli ukuba aphilele umculo. Kunalokho, isiphiwo sakhe usisebenzisela ukudumisa uJehova.

Uyawuthanda wena umculo? Ungase ungabi umculi onekhono, kodwa usengasilingisa isibonelo sikaDavide. Kanjani? Ngokungazivumeli ukuba uphilele umculo noma uwuvumele ukubangele ukuba ucabange futhi wenze ngendlela ehlambalaza uNkulunkulu. Kunalokho, sebenzisa umculo ukuze wenze ukuphila kwakho kujabulise nakakhulu. Ukukwazi ukuqamba nokujabulela umculo kuyisipho esivela kuNkulunkulu. (Jakobe 1:17) UDavide wasebenzisa lesi sipho ngezindlela ezijabulisa uJehova. Ingabe nawe uyokwenza okufanayo?