Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ungasiza Kanjani Ngemva Kwenhlekelele

Ungasiza Kanjani Ngemva Kwenhlekelele

Izinhlekelele zemvelo ziyaqhubeka zivama namuhla. Lapho kugadla inhlekelele, imizamo yokusiza kumele ihlelwe futhi iqondiswe kahle. Ngenxa yalokho, iNdikimba Ebusayo iye yahlela ukuba kube noMnyango Wokusiza Ezinhlekeleleni kuwo wonke amahhovisi amagatsha.

Lapho abazalwane abakulowo mnyango bezwa ngenhlekelele, ngokushesha bathintana nabadala bendawo ukuze bathole ukuthi iluphi usizo abamemezeli abaludingayo. Uma umonakalo umkhulu kakhulu, ungaphezu kwamandla abamemezeli bendawo, igatsha liyokwabela abazalwane abafanele ukuba bahole kulo msebenzi wokusiza. Labo bazalwane bangase bacele amavolontiya, noma bacele ukuba kunikelwe ngezinto ezithile, noma bangase bathenge futhi babahambisele izinto abazidingayo endaweni.

Kuningi okuhle okufezwayo uma kwenziwa izinto ngale ndlela. Kuvimbela umsebenzi omuningi ongenasidingo, ukudideka nokumosheka kweminikelo nezinye izinto, okuyinto eyenzeka lapho abazalwane bezithathela ngokwabo izinyathelo zokusiza.

Abazalwane ababekwe yigatsha yibona abazobona ukuthi ingakanani imali edingekayo nokuthi angakanani amavolontiya adingeka kulo msebenzi. Bangase futhi bazijwayelanise nezikhulu zendawo ezingasisiza senze umsebenzi usheshe. Ngakho, akufanele noma ubani azicelele iminikelo, athumele izinto zokusiza noma aye lapho kuvele khona inhlekelele, ngaphandle kwalapho kuceliwe ukuba kwenziwe kanjalo.

Noma kunjalo, uma kugadle inhlekelele siyafuna ukusiza. (Heb 13:16) Siyabathanda abafowethu! Yini esingayenza? Okubaluleke kakhulu, singabathandazela abathintekile nalabo abasizayo. Singanikelela umsebenzi womhlaba wonke. Amahhovisi amagatsha, eqondiswa iNdikimba Ebusayo, yiwona ayokwazi kahle ukuthi le minikelo ingasetshenziswa kanjani ngendlela efanele. Uma sifuna ukusiza, singakwenza ngokugcwalisa ifomu elithi Local Design/​Construction Volunteer Application (DC-50).

BUKELANI IVIDIYO ETHI IZIKHUKHULA EZICEKELA PHANSI EBRAZIL BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

Yini ekuhlaba umxhwele ngemizamo yoFakazi BakaJehova yokusiza eBrazil ngo-2020 ngemva kwezikhukhula?