Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI | UMSHADO

Indlela Yokuba Nesineke

Indlela Yokuba Nesineke

 “Isineke sendoda nomkayo sivivinywa nsuku zonke. Isineke singase sibonakale njengento encane uma ungashadile, kodwa sibalulekile emshadweni ukuze umshado uphumelele.”—UJohn.

 Kungani kudingeka ube nesineke?

  •   Umshado ungakwenza usheshe uwabone amaphutha omuntu oshade naye.

     “Lapho izinsuku zokuqala ezimnandi zomshado sezidlulile, kulula ukugxila ezintweni oshade naye angenzi kahle kuzo. Lapho leyo micabango emibi ikufikela, kulula ukuphelelwa isineke.”—UJessena.

  •   Ukungabi nesineke kungakwenza ukhulume ungacabanganga.

     “Ngiyashesha ukuveza indlela engizizwa ngayo—ngingathi nje ngishesha kakhulu. Ukube benginesineke kakhudlwana, bengingathi ukuma ngicabange ngezinto futhi ngizidlulise ngaphandle kokusho okuthile.”—UCarmen.

     IBhayibheli lithi: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa.” (1 Korinte 13:4) Kuzwakala kunengqondo ukuthi abantu ababili abathandanayo babonise isineke. Kodwa lokho akwenzeki njalo. UJohn okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Njengezinye izimfanelo ezinhle, kulula ngesineke ukuba sinciphe kunokuba sikhule. Kudinga umzamo ukuqhubeka usikhulisa.”

 Ungasibonisa kanjani isineke?

  •   Lapho isimo esingalindelekile sivivinya isineke sakho.

     Isibonelo: Oshade naye ukhuluma kabi nawe. Kuvele kuthi nawe mzwise le nto akuzwisa yona.

     Okushiwo iBhayibheli:Ungasheshi ukucasuka, ngoba ukucasuka kuwuphawu lwesiphukuphuku.”—UmShumayeli 7:9, umbhalo waphansi.

     Indlela ongabonisa ngayo isineke: Yima kancane. Ngaphambi kokuba uphendule, zama ukucabanga ngokunye okungenzeka oshade naye ubeqonde ukukusho kunokucabanga ukuthi ubeqonde ukukuhlasela. Incwadi ethi Fighting for Your Marriage ithi: “Iningi lethu lisabela kakhulu kulokho esicabanga ukuthi esishade naye ubekusho kunalokho abeqonde ukukusho nakushilo ngempela.”

     Ngisho noma ngabe kuthiwa oshade naye ubezama ukukucasula, ukubonisa kwakho isineke ngokuzibamba ungaphindiseli kungasidambisa isimo kunokusenza sibe sibi nakakhulu. IBhayibheli lithi: “Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima.”—IzAga 26:20.

     “Lapho uzwa kuthi bheka umkakho njengesitha sakho, yima ucabange ngokuthi kungani umthanda bese uzama ukumenzela into enhle ngokushesha.”—U-Ethan.

     Ongacabanga ngakho:

    •  Usabela kanjani uma oshade naye esho noma enza into engenamusa?

    •  Ungasibonisa kanjani kakhudlwana isineke ngokuzayo lapho kwenzeka into efanayo?

  •   Lapho inkinga efanayo ivivinya isineke sakho.

     Isibonelo: Oshade naye njalo akasigcini isikhathi, okwenza ukuthi umlinde—bese uyathukuthela.

     Okushiwo iBhayibheli:Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.”—Kolose 3:13.

     Indlela ongabonisa ngayo isineke: Zama ukubeka izidingo zomshado wenu kuqala kunokubeka izidingo zakho kuqala. Zibuze, ‘Ukwenza le nto ibe yinto enkulu kuzowusiza yini umshado wethu noma kuzowulimaza?’ Khumbula nokuthi “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jakobe 3:2) Lokho kusho ukuthi nawe kunezinto okumele uthuthukise kuzo.

     “Ngezinye izikhathi ngiba nesineke kakhudlwana kumngani kunakumyeni wami. Ngicabanga ukuthi yingoba ngichitha isikhathi esiningi nomyeni wami futhi ngiyawabona amaphutha akhe. Kodwa isineke siyimfanelo ehambisana nothando—ngempela, sibonisa ukuthi unenhlonipho—ngakho sibalulekile emshadweni.”—UNia.

     Ongacabanga ngakho:

    •  Uwabekezelela ngezinga elingakanani amaphutha oshade naye?

    •  Ungasibonisa kanjani kakhudlwana isineke esikhathini esizayo?