Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Filipi 4:6, 7—“Ningakhathazeki Ngalutho”

Filipi 4:6, 7—“Ningakhathazeki Ngalutho”

 “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda kuyoqapha izinhliziyo zenu nemicabango yenu ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kunoma yisiphi isimo, yethulani izicelo zenu kuNkulunkulu, ngokuthandaza, ngokucela, nangokubonga. Futhi ukuthula kukaNkulunkulu, okudlula konke ukuqonda, kuyoqapha izingqondo zenu nezinhliziyo zenu ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6 7, New International Version.

Incazelo YabaseFilipi 4:6, 7

 Labo abakhonza uNkulunkulu bangathandaza kuye lapho bekhathazeke kakhulu noma becindezelekile. Uthembisa ukubanikeza ukuthula okuzobasiza babhekane nezinkathazo, kuvikele ukucabanga kwabo nemizwa yabo. Ivesi 6 lichaza izinhlobo zemithandazo ezingabasiza bathole lokho kuthula.

 Umthandazo wokunxusa uhilela ukuncenga uJehova ukuze uthole usizo. Umuntu angase ancenge uNkulunkulu lapho ecindezelekile noma esengozini, njengoba kwenza uJesu. (Hebheru 5:7) Ngokuvamile umuntu angenza imithandazo enjalo ngokuphindaphindiwe.

 Umthandazo wokucela uyizicelo eziqondile ezinziwa kuNkulunkulu. Labo abamkhonzayo bangenza izicelo ngazo “zonke” izinto noma ‘nganoma yisiphi isimo.’ Nokho, imithandazo enjalo kufanele ivumelane nentando kaNkulunkulu njengoba ichazwe eBhayibhelini.—1 Johane 5:14.

 Imithandazo yokubonga uNkulunkulu izwakalisa ukwazisa ngalokho akwenzile nalokho asazosenzela kona. Ukugxila ezizathwini esinazo zokubonga uNkulunkulu kusenza sihlale sijabule.—1 Thesalonika 5:16-18.

 Lapho ephendula leyo mithandazo enjalo, uNkulunkulu unika labo abamkhonzayo ukuthula. “Ukuthula kukaNkulunkulu” kusho ukuzola esikuthola ngenxa yokuba abangani abaseduze naye. (Roma 15:13; Filipi 4:9) Lokhu kuthula “kudlula konke ukuqonda” ngoba kuvela kuNkulunkulu futhi kungasisiza ngaphezu kwalokho esikulindele.

 La mavesi eBhayibheli athi ukuthula kukaNkulunkulu kungaqapha izinhliziyo zethu. Igama lesiGreki lapha elihunyushwe ngokuthi “kuyoqapha” lihlobene negama elalisetshenziswa kwezempi elalichaza lokho iqembu lamasosha elalikwenza ukuze liqaphe idolobha elivikelekile. Ngokufanayo, ukuthula kukaNkulunkulu kuvikela umuntu ngokomzwelo nangokwengqondo. Kungamsiza ukuba izinkinga ezinkulu zingamqedi amandla.

 Ukuthula uNkulunkulu asinikeza kona kuyasivikela “ngoKristu Jesu,” ngoba singaba nobuhlobo noNkulunkulu ngaye. UJesu wanikela ngokuphila kwakhe kwaba yisihlengo ngenxa yezono zethu. Uma sinokholo kuye singajabulela izibusiso ezivela kuNkulunkulu. (Hebheru 11:6) UJesu uphinde abe yindlela yokusondela kuNkulunkulu. UJesu wathi: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—Johane 14:6; 16:23.

Umongo WeyabaseFilipi 4:6, 7

 Incwadi yeBhayibheli yabaseFilipi iyincwadi umphostoli uPawulu ayibhalela amaKristu ayehlala edolobheni laseFilipi. a Esahlukweni 4 sale ncwadi uPawulu ukhuthaza labo abakulelo bandla ukuba bajabule, uyababonga nangokuba nesandla esivulekile, okwamlethela injabulo. (Filipi 4:4, 10, 18) Ubonisa indlela umthandazo osenza sithole ngayo ukuthula kukaNkulunkulu, uchaza lokho okufanele sicabange ngakho futhi sikwenze ukuze sithole usizo oluvela ‘ekuthuleni kukaNkulunkulu.’—Filipi 4:8, 9.

a Itholakala endaweni namuhla eyaziwa ngokuthi iGreece.