Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thomas Jackson/​Stone via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Yiba Nethemba Ngo-2024​—Lithini IBhayibheli?

Yiba Nethemba Ngo-2024​—Lithini IBhayibheli?

 Abantu abaningi bacabanga ukuthi alikho ikhambi lezinkinga ezikhungethe umhlaba ngo-2024. Kodwa akufanele silahle ithemba ngekusasa. Singalitholaphi ithemba?

IBhayibheli lisinika ithemba

 IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu uzoxazulula izinkinga njengamanje okubonakala sengathi ngeke zixazululeke. Maduze, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”IsAmbulo 21:4.

Indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo manje

 IBhayibheli likunika ithemba elingakusiza ulwe nemizwa engemihle futhi uthuthukise indlela obheka ngayo izinto. (Roma 15:13) Iseluleko seBhayibheli singaphinde sikusize ezinkingeni okungenzeka ubhekene nazo kwamanje, njengokuhlupheka, ukungabi nabulungisa nokugula.

 Yenza u-2024 ube unyaka omuhle kuwe nomndeni wakho. Thola indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo. Zama isifundo sethu seBhayibheli samahhala. Bona indlela uNkulunkulu angakunika ngayo “ukuthula” kanye “nekusasa elihle nethemba.”​—Jeremiya 29:11.