Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngangimelene Nobudlova Nokungabi Nabulungisa

Ngangimelene Nobudlova Nokungabi Nabulungisa
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1960

  • IZWE AZALELWA KULO: ILEBANON

  • UMLANDO: INGCWETI YE-KUNG FU

UKUPHILA KWAMI:

Ngakhulela eRmaysh, eduze nomngcele ophakathi kwe-Israel neLebanon, ngesikhathi sempi yombango. Ngikhumbula kahle ngizwa ukuqhuma kwamabhomu agqitshiwe ngibona nabantu abangenacala beba yizingini. Ukuphila kwakunzima futhi ubugebengu nobudlova kwakudlangile.

Ekhaya sasisonta eSontweni LamaMaronite, elinye lamaSonto lamaKatolika aseMpumalanga. Ubaba wayehlale ematasa ukuze asondle njengoba sasingu-12 ekhaya, umama yena wayeqinisekisa ukuthi sonke siyaya esontweni. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukuba nomuzwa wokuthi isonto, njengomphakathi wonke, liyehluleka ukusekela ababuthaka.

Ngesikhathi ngiseyibhobhodleyana ngaba nesithakazelo kuyi-kung fu. Ngaqala ukuziqeqesha kanzima futhi ngagcina senginekhono ekushayeni ngesibhakela nangonyawo nasekwenzeni izici ezihlukahlukene ze-karate. Ngazitshela ukuthi ‘Ngeke ngiyinqande impi kodwa okungenani ngingazama ukunqanda abantu abanobudlova.’ Noma nini lapho ngibona abantu belwa ngangingenela ngokushesha. Nganginenhliziyo encane futhi ngicasulwa ubala. Bonke abantu baseningizimu yaseLebanon babengisaba, njengoba ngangimelene nobudlova nokungabi nabulungisa.

Ngo-1980, ngajoyina iqembu le-kung fu eBeirut. Kwakuqhuma amabhomu, ombayimbayi nama-rocket nsuku zonke, noma kunjalo ngahamba ngayoqeqeshwa. Ukuphela kwento engangiyenza ukudla, ukulala nokuphila njengoBruce Lee, umdlali wamafilimu oyiShayina laseMelika nongumpetha we-kung fu. Ngangenza izinwele njengaye, ngihamba njengaye futhi ngimemeza njengaye uma sengishaya i-kung fu. Ngangihlale ngihlinile.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Umgomo wami kwakungukuba ingcweti ye-kung fu eChina. Ngelinye ilanga kusihlwa ngiziqeqesha kanzima ngilungiselela ukuya eChina, ngezwa othile engqongqoza. Kwakungumngane wami nezinsizwa ezimbili ezingoFakazi BakaJehova. Ngigqoke  izinto zami zokuziqeqesha ezimnyama, ngimanzi nte nawumjuluko ngathi kubo, “Angazi lutho mina ngeBhayibheli.” Ngangingazi ukuthi kusukela ngaleso sikhathi ukuphila kwami kwase kuzoshintsha.

Labo Fakazi bangibonisa eBhayibhelini ukuthi kungani abantu bebodwa bengeke bakwazi ukubuqeda ngokuphelele ubudlova nokungabi nabulungisa. Bachaza ukuthi uSathane uDeveli uyena imbangela yangempela yalezo zinkinga. (IsAmbulo 12:12) Ngakuthanda ukuthula nokuqiniseka engakubona kulabo Fakazi. Ngathinteka futhi lapho bengifundisa ukuthi uNkulunkulu unegama. (IHubo 83:18) Baphinde bangibonisa umBhalo weyoku-1 Thimothewu 4:8, othi: “Ukuqeqesha umzimba kuzuzisa kancane; kodwa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kuzuzisa ezintweni zonke, ngoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.” Lawo mazwi akuthinta kakhulu ukuphila kwami.

Ngokudabukisayo, angibange ngisakwazi ukuxhumana nalabo Fakazi, ngenxa yokuthi abasekhaya babatshela ukuthi bangaphinde babuye. Noma kunjalo, ngazimisela ukuyeka i-kung fu nokuba ngiqale ukutadisha iBhayibheli. Abafowethu abakuthandanga lokho, kodwa ngangizimisele ukuphinde ngithole oFakazi BakaJehova futhi ngitadishe nabo iBhayibheli.

Ngaqhubeka ngifuna oFakazi kodwa angibatholanga. Phakathi naleso sikhathi, ngadumala kakhulu lapho ubaba efa ngokuzumayo, ngadumala nangezinye izinto ezibuhlungu ezenzeka ekhaya. Ngase ngisebenza enkampanini yokwakha, futhi ngelinye ilanga umuntu engangisebenza naye okuthiwa u-Adel wangibuza ukuthi kungani ngidumele. Waqala ukukhuluma ngethemba lovuko eliseBhayibhelini. Ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ezalandela, lo Fakazi onothando nomusa watadisha nami iBhayibheli ngesineke.

Njengoba siqhubeka nokufunda ngaqala ukubona isidingo sokwenza izinguquko ezinkulu ebuntwini bami. Kwakungelula. Ngangisheshe ngicikeke futhi ngicasulwa ubala. EBhayibhelini ngafunda indlela yokulawula intukuthelo yami nokungacasulwa yinoma yini. Ngokwesibonelo uMathewu 5:44 uneseluleko sikaJesu esithi: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.” AmaRoma 12:19 ayaxwayisa: “Ningaziphindiseleli, . . . ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’” Leyo miBhalo neminye yangisiza ukuba kancane kancane ngibe nokuthula kwangaphakathi.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Nakuba abasekhaya ekuqaleni babemelene nesinqumo sami sokuba ngifunde noFakazi BakaJehova, manje sebeyabahlonipha oFakazi. Empeleni, omunye wabafowethu usekhulekela uJehova kanye nami futhi umama uze washona ekhuluma kahle ngokholo lwethu kwabanye.

Ngiphinde ngabusiswa ngenkosikazi enhle nethembekile, u-Anita, ebambisene nami enkonzweni yesikhathi esigcwele. Kusukela ngonyaka ka-2000, mina no-Anita besilokhu sihleli e-Eskilstuna, eSweden, lapho sisiza khona ekufundiseni abantu abakhuluma isi-Arabhu iBhayibheli.

Namanje ngisabazwela abantu abahlupheka ngenxa yobudlova. Kodwa ukwazi isizathu sangempela sobudlova—nokwazi ukuthi maduzane uNkulunkulu uzobuqeda—kunginikeza injabulo yangempela nokuthula.—IHubo 37:29.

Mina nomkami sijabula kakhulu enkonzweni. Siyakuthanda ukufundisa abanye ngoJehova