Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Ngangiphilela Umdlalo Wobuciko Bokulwa”

“Ngangiphilela Umdlalo Wobuciko Bokulwa”
  • Unyaka Azalwa Ngawo: 1962

  • Izwe Azalelwa Kulo: E-United States

  • Umlando: Wayezinikele emdlalweni wobuciko bokulwa

UMLANDO WOKUPHILA KWAMI

 Umuntu engangiziqeqesha naye wayelimele kakhulu kunalokho engangikulindele. Ngangimkhahlele ngephutha ekhaleni. Ngazizwa nginecala futhi ngazibuza ukuthi kwakufanele yini ngiqhubeke nomdlalo wobuciko bokulwa. Kungani leli phutha langenza ngangabaza umdlalo engangizinikele kuwo iminyaka eminingi? Okokuqala, ake ngichaze ukuthi ngaqala kanjani ukudlala lo mdlalo.

 Ngakhulela eduza kwaseBuffalo, eNew York, eU.S.A., emndenini onokuthula ongamaKatolika azinikele. Ngafunda ezikoleni zamaKatolika futhi ngangisiza umpristi esontweni. Abazali bami babefuna mina nodadewethu siphumelele ekuphileni, ngenxa yalokho bangivumela ukuba ngidlale imidlalo ngemva kwesikole ngibambe namatoho uma nje ngangiphumelela kahle esikoleni. Lokhu kwangenza ngaba umuntu ozimiselayo kusukela ngisemncane.

 Lapho sengineminyaka engu-17 ngaqala ukufunda umdlalo wobuciko bokulwa. Iminyaka eminingi ngangiziqeqesha amahora amathathu ngosuku, izinsuku eziyisithupha ngeviki. Iviki ngalinye ngangichitha amahora amaningi ngicabanga ngezindlela zokulwa futhi ngibukela amavidiyo endlela engangingathuthuka ngayo. Ngangikujabulela ukuziqeqesha ngivale amehlo ngendwangu, ngisho nalapho ngiziqeqesha ngezikhali. Ngangishaya amapulangwe nezitini kanye ngesandla, kuvele kuqhephuke. Ngangilokhu ngithuthuka, futhi nganqoba imincintiswano ngathola izindebe. Imidlalo yobuciko bokulwa yaba yinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwami.

 Ngathola engangicabanga ukuthi yimpumelelo. Ngaphothula eyunivesithi ngeziqu eziphakeme. Ngasebenzela inkampani enkulu njengonjiniyela wezinhlelo zamakhompyutha. Ngathola izinzuzo enkampanini, ngaba nendlu kanye nentombi. Ukuphila kwami kwakubonakala kuhamba kahle, kodwa nganginemibuzo ekhungathekisayo mayelana nokuphila.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 Ukuze ngithole izimpendulo zemibuzo yami ngaqala ukuya esontweni kabili ngeviki futhi ngathandaza kuNkulunkulu ngicela usizo. Kwathi ngolunye usuku ingxoxo engaba nayo nomunye wabangane bami yashintsha ukuphila kwami. Ngambuza: “Wake wazibuza ukuthi kungani silapha? Kunezinkinga eziningi kanye nokungabi nabulungisa okukhulu!” Wangitshela ukuthi naye wake wazibuza imibuzo efanayo futhi wathola izimpendulo ezigculisayo eBhayibhelini. Wanginika incwadi enesihloko esithi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. a Wangichazela ukuthi wayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ekuqaleni ngangabaza ukuyithatha ngoba ngangicabanga ukuthi akufanele ngifunde izincwadi ezingaveli enkolweni yami. Nokho, isifiso sami sokuthola izimpendulo sangenza ngafuna ubona ukuthi lokho okufundiswa oFakazi kuyiqiniso yini.

 Kwangimangaza ukuthola lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela. Ngafunda ukuthi injongo kaNkulunkulu yokuqala ngabantu kwakuwukuba baphile phakade epharadesi emhlabeni, nokuthi leyo njongo yayingakashintshi. (Genesise 1:28) Kwangimangaza ukubona igama likaNkulunkulu elithi Jehova eBhayibhelini lami enguqulweni i-King James, nokufunda ukuthi yileli gama ebengilokhu ngithandaza ngalo lapho ngiphindaphinda uMthandazo WeNkosi. (IHubo 83:18; Mathewu 6:9) Ekugcineni ngaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka kwabantu isikhashana. Konke engangikufunda kwakuzwakala kunengqondo! Kwangijabulisa kakhulu.

 Angisoze ngayikhohlwa indlela engazizwa ngayo lapho ngiqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Bonke abantu babenobungane futhi babefuna ukwazi igama lami. Emhlanganweni wokuqala engaya kuwo kwakunenkulumo ekhethekile ekhuluma ngemithandazo uNkulunkulu ayizwayo. Leyo nkulumo yangithinta kakhulu ngoba ngangilokhu ngithandazela usizo kuNkulunkulu. Ngokulandelayo, ngaya eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu. Kule mihlangano, ngamangala ukubona ukuthi ngisho nezingane zazivula iBhayibheli lapho kufundwa amavesi. Ekuqaleni ngangingakwazi ukuthola amavesi kodwa oFakazi bangisiza, bangifundisa indlela yokusebenzisa iBhayibheli.

 Njengoba ngangilokhu ngiya emihlanganweni eyengeziwe, ngayithanda kakhulu indlela esezingeni eliphezulu oFakazi abafundisa ngayo. Ngafunda okuningi emhlanganweni ngamunye futhi ngangihlale ngiphuma ngikhuthazekile futhi ngivuselelekile. Othile wacela ukutadisha nami iBhayibheli.

 Engakubona phakathi koFakazi BakaJehova kwakuhluke kakhulu kulokho engangijwayele ukukubona esontweni lami. Ngathola ukuthi oFakazi banobunye futhi bangabantu abaqotho abenza wonke umzamo ukuze bajabulise uNkulunkulu. Ngaqiniseka nakakhulu ukuthi banophawu lwamaKristu eqiniso, oluwuthando phakathi kwabo.—Johane 13:35.

 Lapho ngilitadisha kakhulu iBhayibheli yilapho ngangenza izinguquko eziningi ekuphileni kwami ukuze ngiphile ngemiyalo yeBhayibheli. Nokho, ngangizitshela ukuthi ngeke ngikwazi ukuyeka umdlalo wobuciko bokulwa. Ngangikuthanda ukuziqeqesha nokungenela imincintiswano. Lapho ngixoxa ngalokhu noFakazi owayengiqhubela isifundo seBhayibheli, ngomusa wathi, “Mane nje uqhubeke utadisha, futhi ngiyazi uzokwenza isinqumo esihle.” Yilokho kanye engangidinga ukukuzwa. Ukuqhubeka ngitadisha kwangenza ngafuna nakakhulu ukujabulisa uJehova uNkulunkulu.

 Isigameko engikhulume ngaso ekuqaleni yisona esenza kwaba noshintsho ekuphileni kwami, lapho ngikhahlela ngephutha ekhaleni engangiziqeqesha naye. Leso sigameko sangenza ngacabanga kanzulu ngokuthi ngangingaba yini umlandeli kaKristu onokuthula kuyilapho ngiqhubeka ngidlala umdlalo wobuciko bokulwa. Ngangifunde ukuthi ku-Isaya 2:3, 4 kwakubikezelwe ukuthi labo abalalela imiyalo kaJehova babengeke ‘besayifunda impi.’ UJesu wafundisa nokuthi akufanele sibe nodlame ngisho nalapho siphathwa ngokungabi nabulungisa. (Mathewu 26:52) Ngakho ngawuyeka umdlalo engangiwuthanda kakhulu.

 Ngemva kwalokho ngalalela iseluleko seBhayibheli ‘sokuziqeqesha unomgomo wokuzinikela kuNkulunkulu.’ (1 Thimothewu 4:7) Sonke isikhathi namandla ngaphambilini engangikuchitha emdlalweni wobuciko bokulwa, sengikusebenzisela ezintweni ezingisondeza kuNkulunkulu. Intombi yami yayingavumelani nalokho engangikufunda eBhayibhelini, ngakho sahlukana. Ngabhapathizwa, ngaba uFakazi BakaJehova ngoJanuwari 24, 1987. Ngokushesha ngemva kwalokho ngaqala ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele, nginikela ngesikhathi sami ngokuzithandela ukuze ngifundise abanye iBhayibheli. Kusukela ngaleso sikhathi ngiye ngaqhubeka enkonzweni yesikhathi esigcwele, ngakhonza isikhathi esithile endlunkulu yoFakazi BakaJehova eNew York, e-U.S.A.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO

 Manje njengoba sengilazi iqiniso ngoNkulunkulu, sengikutholile obekungekho ekuphileni kwami. Angisazizwa ngingento yalutho. Kunalokho, sengiyazi ukuthi ngiphilelani futhi nginethemba langempela ngekusasa, ngizizwa ngijabule ngempela. Ngisakujabulela ukuzivocavoca, kodwa akuseyona into ebalulekile kimi. Into ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwami ukhonza uJehova uNkulunkulu.

 Ngesikhathi ngisagxile emdlalweni wokulwa, ngangibaqaphela njalo abantu abangizungezile futhi ngangicabanga ngendlela yokuzivikela uma kwenzeka othile engihlasela. Nanamuhla ngisabaqaphela abantu abangizungezile, kodwa ngesizathu esihlukile—ukuze ngibasize. IBhayibheli lingisizile ukuba ngibe umuntu ophanayo, nomyeni ongcono kumkami omuhle uBrenda.

 Ngangiphilela umdlalo wobuciko bokulwa, kodwa sekukhona okungcono osekuthathe isikhundla sawo. IBhayibheli likubeka kahle kakhulu: “Ukuqeqesha umzimba kuzuzisa kancane, kodwa ukuzinikela kuNkulunkulu kuzuzisa ezintweni zonke, kunesithembiso sokuphila kwamanje nokuphila okuzayo.”—1 Thimothewu 4:8.

a Inyatheliswe oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisatholakali.