Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazinikela Ngokuzithandela—E-Ecuador

Bazinikela Ngokuzithandela—E-Ecuador

Bazinikela Ngokuzithandela—E-Ecuador

UMZALWANE osemusha e-Italy wayebhekene nokucindezelwa. Wayesanda kuphothula esikoleni samabanga aphakeme, ethole amamaki aphakeme ukwedlula zonke izingane zekilasi lakhe futhi manje izihlobo nothisha babemgqugquzela ukuba aphishekele imfundo ephakeme. Nokho, eminyakeni ethile ngaphambili uBruno wayezinikezele kuJehova, emthembisa ukuthi uzobeka intando yaKhe kuqala ekuphileni kwakhe. Wakhethani? Uyachaza: “Ngathandaza kuJehova ngamtshela ukuthi ngizophila ngokuvumelana nokuzinikezela kwami futhi ngimbeke kuqala. Kodwa nganezela ngobuqotho kulowo mthandazo ukuthi angikufuni ukuphila okungathakazelisi kodwa ngithanda okuzoba matasa ngemisebenzi ehlukahlukene enkonzweni yakhe.”

Eminyakeni embalwa kamuva, uBruno waya e-Ecuador, eSouth America. Uthi: “UJehova waphendula umthandazo wami ngendlela engaphezu kwebengiyilindele.” Wamangala lapho efika e-Ecuador ethola ukuthi kunezinye izinsizwa nezintombi eziningi nazo ezazithuthele khona ukuze zikhonze uJehova ngokugcwele.

ABASHA ‘ABAVIVINYA UJEHOVA’

UBruno, njengezinye izinkulungwane zabasha emhlabeni wonke, wamukela lesi simemo esivela kuJehova: “Ngiyanicela ukuba ningivivinye, . . . ukuthi ngeke yini nginivulele amasango ezikhukhula asemazulwini empeleni ngithululele phezu kwenu isibusiso.” (Mal. 3:10) Beshukunyiswa uthando ngoNkulunkulu, banquma ‘ukuvivinya uJehova’ ngokunikela ngokuzithandela ngesikhathi, amandla nezinto zabo ezibonakalayo ukuze basekele izithakazelo zakhe ezweni elinesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso.

Lapho nje lezi zisebenzi zokuzithandela zifika esabelweni sazo esisha, zizibonela mathupha ukuthi “ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa.” (Math. 9:37) Ngokwesibonelo, uJaqueline ovela e-Jalimane wabhalela igatsha lase-Ecuador ejabule: “Ingaphezudlwana kwemibili iminyaka ngikhonza e-Ecuador kodwa senginezifundo zeBhayibheli ezingu-13 futhi ezine zazo ziba khona njalo emihlanganweni yebandla. Kuyamangalisa, akunjalo?” UChantal ovela e-Canada uyalandisa: “Ngo-2008, ngathuthela endaweni esogwini lwase-Ecuador eyayinebandla elilodwa vó. Manje kunamabandla amathathu namaphayona angaphezu kuka-30. Ayikho into ejabulisa njengokubona abantu abaningi kangaka abasanda kuthakazela bethuthuka!” Uyanezela: “Muva nje ngiye ngathuthela edolobheni eliphakeme ngamamitha angu-2 743 eziNtabeni Ze-Andes. Leli dolobha linabantu abangaphezu kuka-75 000 kodwa linebandla elilodwa qhwaba. Insimu yalapha ikhiqiza ngempela! Ngiyijabulela kakhulu inkonzo yami.”

IZINSELELE EZIHILELEKILE

Yebo, ukukhonza kwelinye izwe kunezinselele ezinkulu. Eqinisweni, abanye abasha babhekana nezithiyo ngisho nangaphambi kokuba bathuthe. UKayla osuka e-United States uthi: “Ukusabela okungekuhle kwabazalwane abathile abanezinhloso ezinhle ebandleni lasekhaya kwakudikibalisa. Babengaqondi ukuthi kungani ngangifuna ukuyophayona kwelinye izwe. Ngezinye izikhathi kwakungenza ngizibuze, ‘Ingabe ngenza isinqumo esihle?’” Noma kunjalo, uKayla wanquma ukuthutha. Uyachaza: “Ukuthandaza njalo kuJehova nezingxoxo ezinde nabafowethu nodadewethu abavuthiwe kwangisiza ngabona ukuthi uJehova ubusisa umoya ovumayo.”

Ukufunda olunye ulimi kuyinselele kwabaningi. USiobhan wase-Ireland uyakhumbula: “Kwakungikhathaza ukungakwazi ukukhuluma nabantu. Kwadingeka ngifunde ukuba nesineke, ngikukhuthalele ukufunda ulimi futhi ngizihleke lapho ngenza amaphutha.” U-Anna wase-Estonia uyanezela: “Ukujwayelana nesimo sezulu esishisayo, izintuli nokuntuleka kwamanzi ashisayo okugeza kwakungelutho uma kuqhathaniswa nokufunda iSpanishi. Ngezinye izikhathi, kwakuthi angishiye phansi. Kwadingeka ukuba ngifunde ukugxila entuthukweni yami, hhayi emaphutheni ami.”

Enye inselele okungamelwe siyikhohlwe, ukukhumbula ekhaya. UJonathan wase-United States uyavuma: “Ngemva kwesikhashana ngithuthele lapha, ngadikibala ngenxa yokuba kude nabangane nomkhaya wakithi. Kodwa leyo mizwa ngayinqoba ngokugxila esifundweni somuntu siqu seBhayibheli nasenkonzweni. Kungakabiphi, okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo engangikuthola ensimini nabangane abasha engabathola ebandleni kwangisiza ukuba ngiphinde ngijabule.”

Enye inselele izimo okuphilwa ngaphansi kwazo. Cishe, ngeke zifane nalezo ozijwayele. UBeau wase-Canada uyasitshela: “Uma usezweni lakini, uzithatha kalula izinto ezinjengogesi nompompi. Kodwa lapha, lezi zinto ziba khona zibuye ziphele noma nini.” Ubumpofu, ukuntuleka kwemfundo nezinto zokuhamba ezisesimweni esihle nakho kuvamile emazweni amaningi asathuthuka. U-Ines wase-Austria ubhekana nezimo ezinjalo ngokugxila ezimfanelweni ezinhle zabantu bendawo. Uthi: “Banomoya wokungenisa izihambi, banesineke, bayasizana futhi bathobekile. Ngaphezu kwakho konke, banesithakazelo esikhulu sokufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu.”

“ISIBUSISO KUZE KUNGABIKHO UKUSWELA”

Nakuba zonke lezi zinsizwa nezintombi ezikhonza e-Ecuador ziye zadela izinto ezithile, zithola ukuthi uJehova uzinakekela ‘ngezinto ezingaphezulu kakhulu’ kwebezizilindele. (Efe. 3:20) Ngempela, zinomuzwa wokuthi ziye zathola ‘isibusiso kwaze kwangaba bikho ukuswela.’ (Mal. 3:10) Nansi indlela ezizizwa ngayo ngenkonzo yazo:

UBruno: “Inkonzo yami ngayiqala lapha e-Ecuador, endaweni ethakazelisayo yase-Amazon. Kamuva, ngasiza ekunwetshweni kwehhovisi legatsha lalapha. Manje ngikhonza eBethel. Ngisesekhaya e-Italy, ngenza isinqumo sokubeka uJehova kuqala, futhi usigcwalisa ngempela isifiso sami sokuphila ukuphila okuthakazelisayo nokumatasa ngemisebenzi ehlukahlukene enkonzweni yakhe.”

UBeau: “Ngiye ngasondela kakhulu kuJehova ngoba lapha e-Ecuador ngiyakwazi ukunikela sonke isikhathi sami ezintweni ezingokomoya. Ngesikhathi esifanayo, ngiye ngathola nesibusiso sokuya ezindaweni ezithakazelisayo—into engangikade ngifuna ukuyenza.”

U-Anna: “Ngangingacabangi ukuthi kungenzeka kimi, udade ongashadile, ukuba ngijabulele ukuphila okunjengokwesithunywa sevangeli. Kodwa manje ngiyazi ukuthi kungenzeka. Ngenxa yesibusiso sikaJehova, ngithola injabulo enkulu ekwenzeni abafundi, ekwakheni amaHholo OMbuso futhi ngithola abangane abasha.”

U-Elke: “Lapho ngisesezweni lakithi e-Austria, ngangivame ukuthandazela isifundo seBhayibheli esisodwa nje kuJehova. Lapha, nginezingu-15! Ukubona ubuso obugcwele injabulo babafundi abathuthukayo kungilethela ukwaneliseka okukhulu.”

UJoel: “Kuyinto emnandi kakhulu ukufika endaweni ongayazi wazi ukuthi uzele ukuzokhonza uJehova. Ufunda ukuncika kuye kakhulu futhi kuyajabulisa ukumbona eyibusisa imizamo yakho! Ngonyaka wami wokuqala ngilapha, ngivela e-United States, iqembu engikhonza kulo lakhula lisuka kubamemezeli abangu-6 laya kwabangu-21. ESikhumbuzweni sasingu-110.”

KUTHIWANI NGAWE?

Bafowethu nodadewethu abasebasha, ingabe izimo zenu ziyanivumela ukuba niyokhonza ezweni elinendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso? Yiqiniso, ukwenza isinqumo esikhulu njengaleso kudinga ukuhlela ngokucophelela. Ngaphezu kwakho konke, kudingeka ube nothando olujulile ngoJehova nomakhelwane ukuze uthathe leso sinyathelo. Uma unalolo thando futhi ufaneleka, thandaza ngobuqotho kuJehova ngale ndaba yokukhonza kwelinye izwe. Ngaphezu kwalokho, xoxa nabazali bakho abangamaKristu nabadala bebandla ngesifiso sakho. Ungase ufinyelele esiphethweni sokuthi nawe ungahlanganyela kule nkonzo engcwele ethakazelisayo neyanelisayo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]

“Ukuthandaza njalo kuJehova nezingxoxo ezinde nabafowethu nodadewethu abavuthiwe kwangisiza ngabona ukuthi uJehova ubusisa umoya ovumayo.”—uKayla wase-United States

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Indlela ongalungiselela ngayo ukuyokhonza kwelinye izwe

• Yiba nemikhuba egxilile yokutadisha

• Bukeza INkonzo Yethu YoMbuso ka-August 2011, amakhasi 4-6

• Xoxa nabanye abake bakhonza kwelinye izwe

• Cwaninga ngendlela yokuphila nangomlando walelo zwe

• Yenza izifundo eziyisisekelo zolimi lwakhona

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Abanye abakhonza kwelinye izwe bazisekela ngokwezimali . . .

• ngokusebenza izinyanga ezimbalwa ezweni lakubo unyaka ngamunye

• ngokuqashisa indlu, ifulethi, noma ibhizinisi labo

• ngokwenza umsebenzi ongawenza nge-Internet

[Izithombe emakhasini 4, 5]

1 UJaqueline wase-Jalimane

2 UBruno wase-Italy

3 UBeau wase-Canada

4 USiobhan wase-Ireland

5 UJoel wase-United States

6 UJonathan wase-United States

7 U-Anna wase-Estonia

8 U-Elke wase-Austria

9 UChantal wase-Canada

10 U-Ines wase-Austria