UMalaki 3:1-18

  • INkosi yeqiniso iyofika izohlanza ithempeli layo (1-5)

    • Isithunywa sesivumelwano (1)

  • Isikhuthazo sokubuyela kuJehova (6-12)

    • UJehova akashintshi (6)

    • “Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini” (7)

    • ‘Kuletheni konke okweshumi, uJehova uzothulula izibusiso’ (10)

  • Abalungile nababi (13-18)

    • Kubhalwa incwadi yenkumbulo phambi kukaNkulunkulu (16)

    • Umehluko phakathi kolungile nomubi (18)

3  “Bheka! Ngithuma isithunywa sami, siyolungisa indlela phambi kwami. + INkosi yeqiniso eniyifunayo iyofika kungazelelwe ethempelini layo; + nesithunywa sesivumelwano enijabula ngaso siyofika. Bheka! Iyofika nakanjani,” kusho uJehova wamabutho.  “Kodwa ngubani oyolukhuthazelela usuku lokufika kwayo, ngubani oyoma lapho ibonakala? Ngoba iyoba njengomlilo womcwengi nanjengensipho + yabahlanzi bezingubo.  Iyohlala njengomcwengi nanjengomhlanzi wesiliva, + ihlanze amadodana kaLevi; iyowacwenga njengegolide nanjengesiliva, futhi kuJehova ayoba ngabantu abaletha umnikelo wesipho ngokulunga.  Umnikelo wesipho kaJuda noweJerusalema uyojabulisa* kuJehova, njengasezinsukwini zakudala nanjengaseminyakeni yasendulo. +  “Ngiyoza kini ngenjongo yokwahlulela, ngiyoba ngufakazi osheshayo ngokumelene nabathakathi, + iziphingi, abafunga amanga, + abaqola isisebenzi esiqashiwe + nomfelokazi nentandane, + nabenqaba ukusiza isifiki. *+ Laba abazange bangesabe,” kusho uJehova wamabutho.  “Ngoba nginguJehova; angishintshi. *+ Nina ningamadodana kaJakobe. Yingakho ningakapheli.  Kusukela ezinsukwini zokhokho benu niphambukile eziqondisweni zami futhi anizange nizigcine. + Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini,” + kusho uJehova wamabutho. Nina nithi: “Sizobuya kanjani?”  “Umuntu nje angamqola yini uNkulunkulu? Kodwa nina niyangiqola.” Kodwa nithi: “Sikuqole ngayiphi indlela?” “Ngokweshumi nangeminikelo.  Niqalekisiwe* ngoba niyangiqola—yebo, isizwe sonke siyangiqola. 10  Kuletheni konke okweshumi enqolobaneni, + ukuze kube nokudla endlini yami; + ngicela ningivivinye kulesi sici,” kusho uJehova wamabutho, “ukuze nibone ukuthi ngeke yini nginivulele amasango asemazulwini + nginithululele isibusiso nize ningasweli lutho.” + 11  “Ngiyonikhuzela okushwabadelayo,* ngeke kusichithe isithelo sezwe lenu, nesihlahla samagilebhisi ensimini yenu ngeke singatheli,” + kusho uJehova wamabutho. 12  “Zonke izizwe ziyothi niyajabula, + ngoba izwe lenu liyoba yizwe lenjabulo,” kusho uJehova wamabutho. 13  “Amazwi eniwakhulume ngokumelene nami anendelelo,” kusho uJehova. Nina nithi: “Yini esiyikhulume ngokumelene nawe?” + 14  “Nithi, ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu. + Kusisize ngani ukugcina izibopho zethu kuJehova wamabutho, nokudangala ngenxa yesono sethu? 15  Manje abantu abagabadelayo sibabheka njengabajabule. Abenza okubi bayaphumelela. + Bavivinya uNkulunkulu bengenamahloni futhi baphunyuke.’ ” 16  Ngaleso sikhathi abesaba uJehova bakhuluma yilowo nalowo nomngane wakhe, uJehova waqhubeka enakile futhi elalele. Kwabhalwa incwadi yenkumbulo phambi kwakhe + ngokuphathelene nalabo abesaba uJehova nalabo abacabanga* ngegama lakhe. *+ 17  “Bayoba ngabami,” + kusho uJehova wamabutho, “mhla ngiveza impahla ekhethekile. *+ Ngiyobabonisa isihe, njengoba umuntu ebonisa indodana yakhe emkhonzayo isihe. + 18  Niyophinde niwubone umehluko phakathi komuntu olungile nomuntu omubi, + phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”

Imibhalo yaphansi

Noma, “uyoba ngowanelisayo.”
Noma, “nabagodlela isifiki amalungelo aso.”
Noma, “angizange ngishintshe.”
Noma kungaba, “Ngesiqalekiso niyangiqalekisa.”
Cishe kushiwo isishayo sezinambuzane.
Noma kungaba, “abaphatha igama lakhe njengeliyigugu.”
Noma, “abazindla.”
Noma, “eyigugu.”