Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukukhathazeka

Ukukhathazeka

Ukukhathazeka kuhlukene kabili. Kungaba ukukhathazeka okuzuzisayo noma ukukhathazeka okuyingozi. IBhayibheli liyasisiza sikwazi ukubona ukuthi yiluphi uhlobo lokukhathazeka esibhekene nalo.

Ingabe kuyinto evamile ukukhathazeka?

OKUYIQINISO

Ukukhathazeka kuhlanganisa imizwa yokungakhululeki, ukwethuka kanye nokudangala. Ngenxa yokuthi siphila ezweni elingaqinisekile, iziqubu zokukhathazeka zingahlasela noma ubani.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

INkosi uDavide yabhala: “Kuyoze kube nini ngilwa emphefumulweni wami, emini kunosizi enhliziyweni yami?” (IHubo 13:2) Yini eyasiza uDavide wakwazi ukubhekana nalesi simo? Wathulula inhliziyo yakhe kuNkulunkulu ngomthandazo, eqiniseka ngothando lukaJehova oluqotho. (IHubo 13:5; 62:8) Empeleni, uNkulunkulu usimema ukuba siphonse imithwalo yethu phezu kwakhe. Eyoku-1 Petru 5:7 ithi, ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kukaNkulunkulu, ngoba uyanikhathalela.’

Ukwenzela abantu esibathandayo okuthile kunganciphisa ukukhathazeka kwethu ngabo

Nokho, ngokuvamile zikhona izinto esingazenza ukuze sinciphise ukukhathazeka kwethu. Ngokwesibonelo, lapho umlobi weBhayibheli uPawulu ezizwa ‘ekhathazekile ngawo wonke amabandla,’ wazikhandla ukuze aduduze futhi akhuthaze labo ayekhathazeke ngabo. (2 Korinte 11:28) Ngaleyo ndlela, ukukhathazeka kwakhe kwabonakala kungokuzuzisayo ngoba kwamshukumisela ukuba anikeze usizo olwaludingeka. Kungenzeka okufanayo nakithi. Isimo sengqondo esihlukile—ukunganaki noma ukungabi nandaba—singabonisa ukuntula ukukhathalela kothando.—IzAga 17:17.

“Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”Filipi 2:4.

Ungabhekana kanjani nokukhathazeka ngokweqile?

OKUYIQINISO

Abantu bangakhathazwa amaphutha abawenza, ikusasa noma ezezimali. *

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Ukukhathazeka ngamaphutha esikhathi esidlule: Ngaphambi kokuba babe amaKristu, abanye ekhulwini lokuqala babeyizidakwa, abaphangi, izifebe namasela. (1 Korinte 6:9-11) Kunokuba bagxile emaphutheni esikhathi esidlule, bashintsha izindlela zabo benethemba lokuthi uJehova wayeyobabonisa ngokukhululekile umusa wakhe omkhulu. IHubo 130:4 lithi ngoNkulunkulu, “Ngoba unentethelelo yeqiniso, ukuze wesatshwe.”

Ukungaqiniseki ngekusasa: UJesu Kristu wathi, “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo.” (Mathewu 6:25, 34) Liyini iphuzu? Naka kuphela izinkathazo zanamuhla. Ungazithwesi umthwalo ngokucabanga ngezinkathazo zosuku olulandelayo, ezingaphazamisa indlela owahlulela ngayo futhi ekugcineni wenze izinqumo ngokuxhamazela. Khumbula nokuthi kamuva ungase ubone ukuthi sasingekho isidingo sokukhathazeka ngezinto okhathazeke ngazo manje.

Ukukhathazeka ngemali: Indoda ehlakaniphile yathandaza: “Unganginiki ubumpofu noma ingcebo.” (IzAga 30:8) Kunalokho, yafuna ukwaneliseka—okuwumuzwa oyosenza samukeleke kuNkulunkulu. KumaHebheru 13:5, siyafunda: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, naneliswe izinto ezikhona. Ngoba [uNkulunkulu] uthe: ‘Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.’” Ngokungafani nemali, ehlulekayo kwezinye izinto, uNkulunkulu akasoze ahluleka ukunakekela labo abamethembayo futhi abaphila ukuphila okulula.

“Angizange ngimbone olungileyo eshiywe ngokuphelele, noma inzalo yakhe iphanza isinkwa.”IHubo 37:25.

Kuyoke kuphele yini ukukhathazeka?

OKUSHIWO ABANTU

Esihlokweni sephephandaba lango-2008 i-Guardian, intatheli uHarriet Green yathi: “Singena enkathini entsha yokukhathazeka.” Ngo-2014, uPatrick O’Connor wabhala kuyi-Wall Street Journal ukuthi “Abantu baseMelika abakaze bakhathazeke kakhulu kangaka.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale, kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.” (IzAga 12:25) “Izwi elihle” ngokukhethekile lingatholakala ezindabeni ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Lowo Mbuso, uhulumeni kaNkulunkulu, maduzane uzokwenza lokho thina esingasoze sakwazi ukukwenza—ukuqeda konke ukukhathazeka ngokusiphula izimbangela zako ezihlanganisa ukugula nokufa! “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.

“Kwangathi uNkulunkulu onika ithemba anganigcwalisa ngenjabulo nangokuthula konke ngokukholwa kwenu.”Roma 15:13.

^ isig. 10 Abantu abanesifo sokukhathazeka ngokweqile kungaba ukuhlakanipha ukuba babonane nabezempilo. Alukho uhlobo lokwelapha noma ikhambi i-Phaphama! elitusa ngokukhethekile.