Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngahluleka Kaningi Ngaphambi Kokuphumelela

Ngahluleka Kaningi Ngaphambi Kokuphumelela
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1953

  • IZWE AZALELWA KULO: E-AUSTRALIA

  • UMLANDO: WAYENGUMLUTHA WEZITHOMBE EZINGCOLILE ZOCANSI

UKUPHILA KWAMI:

Ubaba wathuthela e-Australia esuka eJalimane ngo-1949. Wayezofuna umsebenzi ezimbonini zasemayini nakweziphehla ugesi wabe esehlala emaphandleni aseVictoria. Lapho, washada nomama, ngabe sengizalwa ngo-1953.

Ngemva nje kweminyaka embalwa, umama waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngakho ngiyakhumbula ngifundiswa iBhayibheli ngisemncane. Nokho, ubaba wayengafuni kuzwa lutho ngenkolo. Waba nobudlova, esabeka ngakho umama wayemesaba kakhulu. Wayetadisha iBhayibheli ngokufihla futhi wazithanda izimfundiso zalo. Lapho ubaba engekho, wayesixoxela mina nodadewethu ngalokho ayekufunda. Wasitshela ngomhlaba oyipharadesi wangesikhathi esizayo nokuthi singajabula uma singaziphatha ngendlela eshiwo yiBhayibheli.—IHubo 37:10, 29; Isaya 48:17.

Lapho ngineminyaka engu-18, ngabona kungcono ngihambe ekhaya ngenxa yokuthi ubaba wayenobudlova. Yize ngangikukholelwa lokho engangikufundiswe umama ngeBhayibheli, ngangingaqapheli ukuthi kubaluleke kangakanani. Ngakho angizange ngikusebenzise ekuphileni kwami. Ngaqala ukusebenza ngogesi ezimayini zamalahle. Lapho ngiba neminyaka engu-20, ngashada. Ngemva kweminyaka emithathu, sathola indodakazi yethu yokuqala, okwangenza ngacabangisisa ngalokho okwakubalulekile ekuphileni kwami. Ngangazi ukuthi iBhayibheli lingawusiza umndeni wethu, ngakho ngaqala ukutadisha iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova. Kodwa umkami wayengabafuni oFakazi. Lapho ngiya komunye wemihlangano yabo, wathi angikhethe—ngiyeke ukutadisha iBhayibheli noma ngihambe ekhaya. Ingekho into engingayenza, ngamlalela, ngahlukana noFakazi. Kamuva ngazisola ngokuhluleka ukunamathela kulokho engangazi ukuthi kulungile.

Ngelinye ilanga, engisebenza nabo bangibukisa izithombe ezingcolile zocansi. Ngazithanda kodwa futhi zazinginyanyisa, ngasala ngidliwa isazela. Ngikhumbula engangikufunde eBhayibhelini, ngangiqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzongijezisa. Lapho ngiya ngijwayela ukubuka izithombe ezingcolile, indlela engangizibheka ngayo yashintsha. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaba umlutha wazo.

Eminyakeni engu-20 eyalandela, ngaqhela nakakhulu kulokho umama ayezame ukungifundisa kona. Ngase ngenza zona kanye lezi zinto engangizibukela. Nganginenhlamba, ngenza amahlaya angcolile. Ngaba nombono osontekile ngocansi. Nakuba ngangisahlala nomkami, ngangithandana nabanye abesifazane. Ngolunye usuku ngazibuka esibukweni ngathi, ‘Angive ngingakuthandi.’ Ngangingasazihloniphi, sengizenyanya.

Ngahlukanisa nomkami futhi ukuphila kwami kwakonakele. Ngabe sengithandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni. Ngaphinde ngaqala ukutadisha iBhayibheli, nakuba kwase kuyiminyaka engu-20 ngayeka. Ngaleso sikhathi ubaba wayesashona, futhi umama esaba uFakazi kaJehova obhapathiziwe.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Kwakunomehluko omkhulu phakathi kwendlela engangiphila ngayo nendlela enhle efundiswa yiBhayibheli. Kodwa kulokhu, ngase ngizimisele ukuthola ukuthula kwengqondo okuthenjiswa iBhayibheli. Ngazimisela ukukhuluma ngendlela ehlanzekile futhi ngiyeke ukuba nolaka. Nganquma nokulungisa isimilo sami, ngiyeke ukugembula, ukuphuza ngokweqile nokweba emsebenzini.

Abantu engangisebenza nabo babengaqondi ukuthi kungani ngifuna ukushintsha kangako. Kwathatha iminyaka emithathu belokhu bengichukuluza befuna ngibuyele emikhutsheni yami yangaphambili. Uma kwenzekile ngathukuthela ngokweqile noma ngathuka inhlamba, babehalalisa bathi: “Awuzwe-ke! Nango-ke uJoe esimaziyo.” Ayengiphatha kabi kakhulu lawo mazwi! Ngangivame ukuzizwa ngiyisehluleki.

Izithombe ezingcolile zocansi ezikuyi-computer nakomagazini zaziziningi emsebenzini. Engisebenza nabo babehlale bethumelelana zona, njengoba nje nami ngangikade ngenza. Ngangizama ukuhlukana nazo, kodwa babebonakala bezimisele ukungiwisa. Ngacela usizo nesikhuthazo kulowo owayengifundela iBhayibheli. Wangilalela ngesineke njengoba ngimkhiphela konke okusenhliziyweni yami. Wangibonisa indlela engangingayisingatha ngayo le nkinga yami esebenzisa amavesi athile eBhayibheli, futhi wangikhuthaza ukuba ngicele usizo kuJehova ngokuthandaza njalo.—IHubo 119:37.

Ngolunye usuku ngabizela ndawonye bonke engangisebenza nabo. Lapho sebehlangene, ngathi abawanike ubhiya amadoda amabili ayekhala ngokuba imilutha yotshwala. Leli qembu lakhuza umhlola lithi: “Awukwazi ukwenza leyo nto! La madoda azama ukuyeka ukuba imilutha!” Ngaphendula: “Yebo, nami ngizama ukuyeka.” Kusukela ngalolo suku, lawo madoda aqaphela ukuthi ngizama ukuyeka ukubuka izithombe ezingcolile futhi awabange esangiyenga ukuba ngibuyele kulowo mkhuba.

Ngokuhamba kwesikhathi, nangosizo lukaJehova, ngawunqoba umkhuba wokubuka izithombe ezingcolile zocansi. Ngo-1999, ngabhapathizwa ngaba ngomunye woFakazi BakaJehova , futhi ngiyabonga ngokuthi ngiphinde nganikwa ithuba lokuphila ukuphila okuhlanzekile nokujabulisayo.

Manje ngiyaqonda ukuthi kungani uJehova ezizonda lezi zinto engase nginesikhathi eside kangaka ngizithanda. NjengoBaba onothando, ubefuna ukungivikela emonakalweni obangelwa ukubuka izithombe ezingcolile zobulili. Yeka ukuthi ayiqiniso kanjani amazwi asembhalweni wezAga 3:5, 6! Lo mbhalo uthi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” Izimfundiso zeBhayibheli azigcinanga ngokuba isivikelo kodwa zibe isiqinisekiso sempumelelo ekugcineni.—IHubo 1:1-3.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO:

Esikhathini esidlule, ngangizenyanya, kodwa manje ngiyazihlonipha futhi nginokuthula. Ukuphila kwami sekuhlanzekile futhi nginomuzwa wokuthi uJehova ungithethelele futhi uyangisekela. Ngo-2000, ngashada noKarolin, udade omuhle ongumKristu othanda uJehova njengami. Ikhaya lethu liyindawo enokuthula. Sinomuzwa wokuthi kuyilungelo langempela ukuba ingxenye yobuzalwane bobuKristu obuhlanganisa umhlaba wonke.