Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngangigcwele Intukuthelo Futhi Nginobudlova

Ngangigcwele Intukuthelo Futhi Nginobudlova
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1974

  • IZWE AZALELWA KULO: EMEXICO

  • UMLANDO: ESEMUSHA WAYENOBUDLOVA, EYISILWI SASEMGWAQWENI

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eCiudad Mante, idolobha elihle elisesifundeni saseTamaulipas, eMexico. Ngokuvamile, abantu bakuleli dolobha bayaphana futhi banomusa. Kodwa ngokudabukisayo, kwakungaphephile kule ndawo ngenxa yobugebengu obuhleliwe.

Ngangingowesibili kubafana abane. Abazali bami bangibhaphathiza eSontweni LamaKatolika, kamuva ngaba ilungu lekwaya yasesontweni. Ngangifuna ukujabulisa uNkulukulu ngoba ngesaba ukwahlulelwa nokusha phakade esihogweni somlilo.

Lapho ngineminyaka emihlanu, ubaba wasishiya. Lokho kwangizwisa ubuhlungu obukhulu futhi ngezwa kuvuleka isikhala enhliziyweni yami. Ngangingaqondi ukuthi kungani esilahlile kuyilapho simthanda kangaka. Umama kwadingeka asebenze isikhathi eside ukuze akwazi ukusondla sobane nabafowethu.

Ngabona intuba yokweqa esikoleni ukuze ngichithe isikhathi nezingane ezikhulile kunami. Zangifundisa ukuthuka inhlamba, ukubhema, ukuntshontsha nokulwa ngenqindi. Njengoba ngangithanda ukuba yingqongqo, ngafunda ubuciko bokulwa, ukushaya isibhakela, i-wrestling kanye nokusebenzisa izikhali. Ngaba umfana onobudlova. Ngangivame ukulwa ngisho nangezibhamu futhi izikhathi eziningi ngangisala ngidindilize emgwaqweni ngigcwele igazi, kucatshangwa ukuthi ngifile. Kuyadabukisa ukucabanga ngosizi engangilubangela umama lapho engithola ngikuleso simo, kudingeke angithwale angiphuthumise esibhedlela!

Lapho sengineminyaka engu-16, umngane engakhula naye uJorge, wasivakashela ekhaya. Wasitshela ukuthi wayengomunye woFakazi BakaJehova nokuthi wayenomyalezo obalulekile ayefuna ukusitshela wona. Wabe esesichazela ngezinkolelo zakhe esebenzisa iBhayibheli. Ngangingakaze ngilifunde, futhi kwangijabulisa kakhulu ukwazi igama likaNkulunkulu nangezinjongo zakhe. UJorge wacela ukufunda nathi iBhayibheli. Savuma.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Kwangikhulula kakhulu ukufunda iqiniso ngesihogo somlilo—ukuthi asiyona imfundiso yeBhayibheli. (IHubo 146:4; UmShumayeli 9:5) Lapho sengilazi leli qiniso, ukusaba kokuthuthumela enganginakho ngoNkulunkulu kwaphela. Kunalokho, ngaqala ukumbheka njengoBaba onothando ofunela abantwana bakhe okungcono kakhulu.

Njengoba ngangithuthuka ekufundeni kwami iBhayibheli, ngabona isidingo sokwenza izinguquko ebuntwini bami. Ngangidinga ukuhlakulela ukuthobeka nokuba ngiyeke ukulungisa izinto ngobudlova. Iseluleko esikweyoku-1 Korinte 15:33 sangisiza. Sithi: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” Ngaqaphela ukuthi ukuze ngikwazi ukuguqula ubuntu bami, kwakudingeka ngiyeke ukuzihlanganisa nabantu ababenethonya elibi kimi. Ngakho ngabashintsha abangane enganginabo ngathola abasha ebandleni lobuKristu—abantu abaxazulula ukungaboni ngaso linye ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli esikhundleni sesibhakela noma ubudlova.

Omunye umBhalo owangisiza kwakungeyabaseRoma 12:17-19. Uthi: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, . . . ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’” Ngaqala ukuqonda ukuthi uJehova uzokulungisa ukungabi nabulungisa ngendlela yakhe nangesikhathi sakhe. Kancane kancane ngayeka ukuphila ngobudlova.

Angisoze ngakukhohlwa okwenzeka ngobunye ubusuku lapho ngigoduka. Ngahlaselwa intsha eyayiseqenjini elaliyizitha zami ngaphambili, umholi waleli qembu wangishaya emhlane, ememeza, “Phindisela!” Ngalowo mzuzu ngasho umthandazo omfushane kuJehova, ngimcela ukuba angisize ngikubekezelele lokho kuhlaselwa. Nakuba nganginesifiso esinamandla sokuziphindiselela, ngakwazi ukuvele ngibaleke. Ngosuku olulandelayo ngahlangana nomholi waleli qembu ehamba yedwa. Ngazizwa ngithukuthela ngifuna ukuziphindiselela, kodwa ngaphinde ngancenga uJehova ngenhliziyo ukuba angisize ngizibambe. Ngamangala kabi lapho lo mfana esondela wabe esethi: “Ngicela ungixolele ngokwenzeke izolo. Eqinisweni ngifisa ukufana nawe. Ngifuna ukufunda iBhayibheli.” Ngajabula ngokuthi ngangikwazile ukuzibamba! Ngenxa yalokho naye waqala ukufunda iBhayibheli.

Ngokudabukisayo, abasekhaya abaqhubekanga nokufunda iBhayibheli ngaleso sikhathi. Noma kunjalo, ngenza isinqumo sokuqhubeka ngifunda nokungavumeli noma yini nanoma ubani angiphazamise. Ngangazi ukuthi ngokuba nabantu bakaNkulunkulu njalo amanxeba ami angokomzwelo ayengelapheka futhi ngithole nomndeni engangiwudinga. Ngaqhubeka ngithuthuka, futhi ngo-1991 ngabhaphathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Ngangigcwele intukuthelo, ngizenza ingqongqo futhi nginobudlova. Kodwa iZwi likaNkulunkulu lingishintshe ngokuphelele. Manje ngixoxela abanye ngomyalezo wokuthula oseBhayibhelini. Ngiye ngajabulela ilungelo lokuba isikhonzi sesikhathi esigcwele kule minyaka engu-23 edlule.

Ngake ngasebenza njengevolontiya ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico. Ngesikhathi ngilapho, ngahlangana noClaudia, intokazi engumKristu enomdlandla, sashada ngo-1999. Angive ngimbonga uJehova ngokungibusisa ngalo mngane oqotho!

Sakhonza ndawonye ebandleni loLimi Lwezandla LwaseMexico, sisiza abayizithulu bazi uJehova. Kamuva, samenyelwa eBelize ukuyofundisa abantu bakhona iBhayibheli. Nakuba siphila ukuphila okuphansi kunangaphambili, sinakho konke esikudingayo ukuze sijabule. Akukho okunye esikufunayo.

Ngokuhamba kwesikhathi, umama waphinde waqala ukufunda iBhayibheli waze wabhaphathizwa. Kanti nomfowethu omdala, umkakhe kanye nabantwana babo sebengoFakazi BakaJehova. Nabanye abangane bami bakudala engangibaxoxele ngezindaba zoMbuso nabo sebekhonza uJehova.

Ngokudabukisayo, amanye amalungu omndeni wakithi asashona ngoba awabuyekanga ubudlova. Ukube ngaqhubeka endleleni efanayo, cishe nami ngangizoba nesiphetho esifanayo. Ngiyabonga ngokuthi uJehova wangidonsela kuye nakubakhulekeli bakhe, abangifundisa ngesineke nangomusa ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwami.