Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | ABAGIBELI BAMAHHASHI ABANE BAKUTHINTA KANJANI?

Abagibeli Bamahhashi Abane—Bangobani?

Abagibeli Bamahhashi Abane—Bangobani?

Abagibeli bamahhashi abane bangase basidide futhi basethuse kodwa akumelwe kube njalo. Kungani? Ngoba iBhayibheli nalokho okwenzeka ezweni kusisiza sibone ngokucacile ukuthi umgibeli ngamunye umelelani. Kanti nakuba ukugabavula kwabo kubikezela usizi emhlabeni, kungaphinde kusho izindaba ezinhle kuwe nasemndenini wakho. Kanjani? Ake siqale sithole ukuthi bangobani laba bagibeli bamahhashi.

UMGIBELI WEHHASHI ELIMHLOPHE

Lo mbono uqala kanje: “Ngabona, bheka! ihhashi elimhlophe; oligibele wayenomnsalo; wanikwa umqhele, waphuma enqoba futhi eyophelelisa ukunqoba kwakhe.”—IsAmbulo 6:2.

Ubani umgibeli wehhashi elimhlophe? Incwadi yeBhayibheli, isAmbulo, isisiza sibone ukuthi lo mgibeli ungubani, imchaza ngokuthi “uLizwi KaNkulunkulu.” (IsAmbulo 19:11-13) UJesu Kristu ubizwa ngokuthi uLizwi ngoba ungumkhulumeli kaNkulunkulu. (Johane 1:1, 14) Uphinde abizwe ngokuthi “iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi” nangokuthi “oThembekileyo noQinisileyo.” (IsAmbulo 19:16) Kuyacaca ukuthi unegunya lokuba inkosi enqobayo futhi akawasebenzisi amandla akhe ngendlela enobuqili necindezelayo. Nokho, kuphakama eminye imibuzo.

Ubani onikeza uJesu igunya lokunqoba? (IsAmbulo 6:2) Umprofethi uDaniyeli wabona umbono lapho uMesiya “onjengendodana yomuntu” ethola “ububusi nesithunzi nombuso,” ekunikezwa ‘oMdala Wezinsuku’ uJehova uNkulunkulu. * (Daniyeli 7:13, 14) Ngakho uNkulunkulu onikeza uJesu amandla nelungelo lokubusa kanye nokwahlulela. Ihhashi elimhlophe liyifanekisela kahle impi yokulunga elwiwa yiNdodana kaNkulunkulu ngoba imiBhalo ivame ukusebenzisa umbala omhlophe lapho ifanekisela ukulunga.—IsAmbulo 3:4; 7:9, 13, 14.

Abagibeli bamahhashi abane baqala nini ukuwagibela? Umgibeli wokuqala, uJesu, waqala ukuligibela lapho eqala ukubusa ezulwini. (IsAmbulo 6:2) Kwenzeka nini lokhu? Akwenzekanga ngemva nje kokuvuselwa kwakhe ezulwini. Ngoba ngemva kukuba evusiwe waqale walinda ngaphambi kokuba abuse. (Hebheru 10:12, 13) UJesu watshela abalandeli bakhe indlela ababeyobona ngayo ukuthi useqalile ukubusa ezulwini. Wathi izimo zomhlaba zaziyoba zimbi kakhulu lapho eqala ukubusa. Kwakuyoba nezimpi, indlala, kanye nezifo eziwumshaya bhuqe. (Mathewu 24:3, 7; Luka 21:10, 11) Ngokushesha ngemva kokuqala kweMpi Yezwe Yokuqala, ngo-1914, kwaba sobala ukuthi yayisiqalile inkathi enzima iBhayibheli eliyibiza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’—2 Thimothewu 3:1-5.

Kungani izimo zibe zimbi kunokuba zibe ngcono kusukela uJesu aqala ukubusa ngo-1914? Yingoba ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubusa ezulwini hhayi emhlabeni. Kwaba nempi ezulwini, iNkosi entsha, uJesu, ebizwa ngokuthi uMikayeli yaxosha uSathane namademoni akhe, yabaphonsa emhlabeni. (IsAmbulo 12:7-9, 12) Njengoba elapha emhlabeni, uSathane uthukuthele ngoba uyazi ukuthi izinsuku zakhe zibaliwe. Maduze uNkulunkulu uzomsusa uSathane emhlabeni. (Mathewu 6:10) Manje ake sibone ukuthi laba abanye abagibeli abathathu bamahhashi basenza kanjani siqiniseke ukuthi ngempela siphila enkathini enzima ebizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ Ngokungafani nomgibeli wokuqala omelela umuntu othile, laba abanye abagibeli babhekisela ezenzakalweni eziye zahlasela isintu sonke.

UMGIBELI WEHHASHI ELIBOMVU

“Kwaphuma elinye ihhashi, elinombala onjengomlilo; oligibele wanikwa ukususa ukuthula emhlabeni ukuze babulalane; wanikwa nenkemba enkulu.”—IsAmbulo 6:4.

Lo mgibeli umelela izimpi. Phawula ukuthi akaqedi ukuthula ezizweni ezithile nje kodwa emhlabeni wonke. Kwakuqala ngqa ngo-1914 ukuba kube nempi eyaliwa emhlabeni wonke. Yalandelwa yimpi yezwe yesibili eyaba yimbi nakakhulu. Abanye bathi kusukela ngo-1914 cishe bangaphezu kwezigidi eziyikhulu abantu abafe ngenxa yezimpi nokulwa kuhlonyiwe! Abanye baye balimala kabi ngenxa yezimpi.

Zimbi kangakanani izimpi zangesikhathi sethu? Manje sekunezikhali ezingabulala bonke abantu emhlabeni, okuyinto eqalayo ukuba khona emlandweni wesintu. Ngisho nezinhlangano okuthiwa zigcina ukuthula emhlabeni, ezifana nenhlangano yeZizwe Ezihlangene, azikwazi ukuvimba umgibeli wehhashi elibomvu.

UMGIBELI WEHHASHI ELIMNYAMA

“Ngabona, bheka! ihhashi elimnyama; lowo ohlezi phezu kwalo wayephethe isikali esandleni sakhe. Ngezwa izwi njengokungathi liphakathi kwezidalwa ezine eziphilayo lithi: ‘Ilitha likakolweni ngodenariyu, namalitha amathathu ebhali ngodenariyu; ungawoni amafutha omnqumo newayini.’”—IsAmbulo 6:5, 6.

Lo mgibeli umelela indlala. Lapha kuthiwa ukudla kwakuyontuleka kangangokuthi ukolweni ocishe ulingane nelitha (1,08L) wawuyobiza udenariyu owodwa, okuyimali eyayilingana nomholo wosuku lonke ngezikhathi zeBhayibheli. (Mathewu 20:2) Imali efanayo yayingathenga amalitha angaphezudlwana kwamathathu (3,24L) ebhali elaliwuhlobo lokudla okucishe kufane nommbila olwalubhekwa njengolungabalulekile kunokolweni. Lokho kwakungawenela yini umndeni omkhulu? Abantu baxwayiswa ukuba bonge ngisho ukudla okuvamile, kuze kwenziwe isibonelo ngamafutha omnqumo newayini okwakubhekwa njengokudla okuyisisekelo ngezikhathi zeBhayibheli.

Kusukela ngo-1914, ingabe sibubonile ubufakazi bokuba khona komgibeli wehhashi elimnyama? Impela! Kusukela ngawo-1901 kuya ku-2000 kufe abantu abangaba izigidi ezingu-70 ngenxa yendlala. Enye inhlangano yathi: “Isibalo sabantu ababulawa ingculazi, umalaleveva nesifo sofuba kuhlangene sincane kunesabantu ababulawa indlala iyodwa.” Omunye umbiko ulinganisa ukuthi “kusukela ngo-2012 kuya ku-2014 abantu abayizigidi ezingu-805 babengakutholi kahle ukudla.” Naphezu kwemizamo emihle yokondla abaswele, ihhashi elimnyama liyaqhubeka ligabavula.

UMGIBELI WEHHASHI ELIPHAPHATHEKILE

“Ngabona, bheka! ihhashi eliphaphathekile; oligibele wayenegama elithi, ukuFa. IHayidesi lalimlandela eduze. Banikwa igunya phezu kwengxenye yesine yomhlaba, ukuba babulale ngenkemba ende nangokusweleka kokudla, nangesifo esibulalayo nangezilo zasendle zomhlaba.”—IsAmbulo 6:8.

Umgibeli wehhashi lesine umelela ukufa okubangelwa izifo nokunye. Ngemva nje kuka-1914, umkhuhlane waseSpain wabulala amashumi ezigidi zabantu. Abantu abangaba yizigidi ezingu-500 basithola lesi sifo!

Nokho, umkhuhlane waseSpain uwubala uma kuqhathaniswa nalokho okwalandela. Izazi zilinganisa ukuthi kunamakhulu ezigidi zabantu ababulawa ingxibongo kusukela ngo-1901 kuya ku-2000. Ngisho namanje, naphezu kocwaningo olukhulu olwenziwa abezempilo, kunezigidi zabantu ababulawa ingculazi, isifo sofuba nomalaleveva.

Kukho konke, isiphetho sinye, ukufa—kungaba ngenxa yezimpi, indlala noma izifo. IThuna liwola kwasani, alishiyi nhlansi yethemba.

ZIYEZA IZIKHATHI EZIMNANDI!

Ubunzima esibhekene nabo buzophela maduzane. Khumbula lokhu: Ngo-1914 uJesu “waphuma enqoba” waphonsa uSathane umhlabeni, kodwa uJesu akazanga akuphelelise ukunqoba kwakhe. (IsAmbulo 6:2; 12:9, 12) Maduze, nge-Armagedoni, uJesu uzoliqeda nya ithonya likaSathane, abhubhise bonke abantu abamsekelayo. (IsAmbulo 20:1-3) Ngaphezu kokuqeda lokho okwenziwa abagibeli bamahhashi amathathu uzophinde alungise umonakalo abawenzile. Kanjani? Cabanga ngalokho iBhayibheli elikuthembisayo.

Esikhundleni sempi, kuzoba nokuthula. UJehova “uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu.” (IHubo 46:9) Abantu abathanda ukuthula “bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11.

Esikhundleni sendlala kuzoba nenala yokudla. “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; Kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.

Maduze uJesu uzolungisa wonke umonakalo obangelwe yilaba abanye abagibeli bamahhashi abathathu

Esikhundleni sokugula nokufa bonke abantu bazoba nempilo enhle futhi baphile phakade. UNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.

Ngesikhathi uJesu esemhlabeni wabonisa amazwibela alokho umhlaba oyoba yikho lapho esebusa. Wayefuna kube nokuthula, wasuthisa izinkulungwane zabantu ngokuyisimangaliso, welapha abagulayo waze wavusa ngisho nabafileyo.—Mathewu 12:15; 14:19-21; 26:52; Johane 11:43, 44.

OFakazi BakaJehova bangathanda ukukubonisa eBhayibhelini lakho ukuthi yini okumelwe uyenze ukuze ukulungele ukufika kwaleso sikhathi. Ingabe uzovuma ukufunda okwengeziwe?

^ isig. 7 UJehova igama likaNkulunkulu njengoba livezwe eBhayibhelini.