Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okungakusiza Ujwayele Ibandla Elisha

Okungakusiza Ujwayele Ibandla Elisha

WAKE wathuthela yini ebandleni elisha? Uma kunjalo, cishe uvumelana noJean-Charles, othi: “Kuyinselele ukujwayela ibandla elisha, ube ngesikhathi esifanayo uzama ukuqikelela ukuthi wonke amalungu omndeni wakho ayaqhubeka enobuhlobo obuhle noJehova.” Ngaphandle kokuzama ukuthola umsebenzi omusha, indawo yokuhlala, mhlawumbe nezikole ezintsha, labo abathuthayo bangase babhekane nenselele yokujwayela isimo sezulu esihlukile, isiko elihlukile nendlela entsha yokushumayela.

UNicolas noCéline babhekana nenselele ehlukile. Bamukela isabelo esivela egatsheni laseFrance sokuthuthela ebandleni elisha. Bathi: “Ekuqaleni sasijabule kakhulu, kodwa lokho kwashintsha saqala ukukhumbula abangani bethu. Sasingakabajwayeli kahle abafowethu basebandleni lethu elisha.” a Ngenxa yezinselele eziba khona, yini ongayenza ukuze ukuthuthela kwakho ebandleni elisha kukujabulise futhi kube impumelelo? Abanye bangasiza kanjani? Yiziphi izibusiso ezingokomoya ongazithola nezingatholwa yilabo abasebandleni lakho elisha?

IZIMISO EZINE EZINGAKUSIZA

Thembela kuJehova

1. Thembela kuJehova. (IHu. 37:5) UKazumi waseJapane, washiya ibandla ayesehlanganyele kulo iminyaka engu-20 lapho umyeni wakhe eshintshelwa kwenye indawo emsebenzini. Wabonisa kanjani ukuthi ‘uvumela uJehova aqondise indlela yakhe’? Uthi: “Ngathululela isifuba sami kuJehova ngamtshela ngazo zonke izinto engangizesaba, isizungu enganginaso nendlela engangikhathazeke ngayo. Njalo lapho ngithandaza, wayenginika amandla engangiwadinga.”

Yini ongayenza ukuze uthembele nakakhulu kuJehova? Njengoba nje isitshalo sidinga amanzi nenhlabathi ekahle ukuze sikhule, nokholo lwethu ludinga ukunakekelwa ukuze luqine. UNicolas okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wathola ukuthi ukuzindla ngesibonelo sika-Abrahama, uJesu noPawulu—amadoda adela izinto eziningi ukuze enze intando kaNkulunkulu—kwamenza waqiniseka nakakhulu ukuthi uJehova uzomsekela. Ukutadisha iBhayibheli njalo ngeke kugcine ngokukusiza ubhekane nanoma yiluphi ushintsho olwenzeka ekuphileni kwakho, kodwa kuyokufundisa nezinto ongazisebenzisa ukuze ukhuthaze abanye ebandleni elisha.

Ungaqhathanisi ibandla elidala nebandla elisha

2. Ungaqhathanisi. (UmSh. 7:10) Lapho uJules ethutha eBenin eya e-United States, wathola ukuthi amasiko alezi zindawo ezimbili ayehluke kakhulu. Uyakhumbula, “Ngaba nomuzwa wokuthi kwakufanele ngichazele wonke umuntu engihlangana naye ngokuphila kwami.” Ngenxa yokuthi lokho kwakuhlukile kulokho akujwayele, waqala ukuzihlukanisa nabantu basebandleni. Nokho, ngemva kokuba esebazi kangcono abafowabo nodadewabo, wayishintsha indlela ayecabanga ngayo. Uthi: “Ngikholelwa ukuthi bonke abantu bayafana emhlabeni noma ngabe ukuphi. Bamane nje bakhuluma futhi benze ngendlela ehlukile. Kubalulekile ukwamukela abantu njengoba benjalo.” Ngakho gwema ukuqhathanisa ibandla lakho elisha nebandla osuka kulo. Kunjengoba nje omunye udade oyiphayona u-Anne-Lise asho: “Angithuthelanga ukuzothola engikushiye emuva. Ngithuthele ukuzofunda izinto ezintsha.”

Abadala nabo kudingeka bagweme ukuqhathanisa ibandla elisha nebandla labo elidala. Akukubi ukwenza izinto ngezindlela ezingafani. Kuwukuhlakanipha ukwazi izimo zendawo ngaphambi kokuba usikisele okuthile. (UmSh. 3:​1, 7b) Kungcono ube yisibonelo kunokuba uphoqelele imibono yakho kwabanye ebandleni.—2 Kor. 1:24.

Yenza izinto ezenziwayo ebandleni

3. Yenza izinto ezenziwayo ebandleni. (Fil. 1:27) Ukuthutha kudinga isikhathi kanye namandla, kodwa kubalulekile ukuya emhlanganweni yebandla—uma kungenzeka—uye ngokoqobo zisuka nje. Bangakusekela kanjani labo abesebandleni lakho elisha uma bengakuboni noma kuthukela nje bekubonile? ULucinda, owathuthela edolobheni elikhulu eNingizimu Afrika namadodakazi akhe amabili, uyakhumbula: “Abangani bami bangikhuthaza ukuba ngigxile ekwenzeni izinto nabanye ebandleni, ngisebenze nabanye ensimini futhi ngiphendule emihlanganweni. Sanikela nangekhaya lethu ukuze lisetshenziselwe umhlangano wenkonzo.”

‘Ukulwela’ ukwenza imisebenzi engokomoya nabafowenu nodadewenu “ndawonye” ebandleni elisha kuyindlela ekahle yokuqinisa “ukholo” lwakho nolwabafowenu. U-Anne-Lise, okukhulunywe ngaye ekuqaleni wasizwa abadala ukuba azame ukushumayela nabo bonke abamemezeli ebandleni. Waba yini umphumela? Uthi, “Ngasheshe ngabona ukuthi lena kwakuyindlela ekahle kakhulu yokungenza ngizizwe ngiyingxenye yebandla.” Ukusiza nasemisebenzini enjengokuhlanza iHholo LoMbuso nokulilungisa kuyobonisa ukuthi manje ubheka ibandla elisha njengebandla lakho. Uma ulokhu wenza izinto nabanye ebandleni uyosheshe wamukeleke futhi uzizwe uyingxenye yomndeni wakho omusha ongokomoya.

Yakha abangani abasha

4. Yakha abangani abasha. (2 Kor. 6:​11-13) Ukubonisa abanye ukuthi uyabakhathalela kuyindlela ekahle kakhulu yokwakha abangani, ngakho fika ngaphambi kokuba imihlangano iqale futhi uthi ukuhlala ngemva kokuba isiphelile ukuze ube nethuba lokukhuluma nabanye nelokubazi kangcono. Zama ukwazi amagama abo. Ukukhumbula amagama abantu, ukuba nobungani nokuba umuntu okulula ukukhuluma naye kuyokwenza abanye bafune ukukwazi futhi akungabazeki ukuthi uyothola abangani abasha abayigugu.

Kunokukhathazeka ngokwamukelwa abanye, vumela abafowenu nodadewenu abasha ukuba bazi uhlobo lomuntu oyilo ngempela. Yenza njengoba uLucinda esho, “Manje sesinabangani esisondelene kakhulu nabo ngenxa yokuthi siye sathatha isinyathelo sokumemela abanye ekhaya lethu.”

“YAMUKELANANI”

Ukungena eHholo LoMbuso eligcwele abantu ongabazi kungabethusa abanye. Ngakho ungazenza kanjani izinto zibe lula kubantu abasha abafikela ebandleni okulo? Umphostoli uPawulu wanikeza lesi sikhuthazo, “yamukelanani, njengoba nje noKristu anamukela.” (Roma 15:7) Belingisa uKristu, abadala bangasiza abafikayo ebandleni ukuba bazizwe bamukelekile. (Bheka ibhokisi elithi “ Okuyokusiza Ukuze Izinto Zihambe Kahle Njengoba Uthutha.”) Nokho, wonke umuntu ebandleni kuhlanganise nezingane, bangasiza abafikayo njengoba bezama ukuzakhela abangani abasha.

Ukwamukela abanye kuhlanganisa nokubamemela emakhaya ethu, kodwa kungase kuhlanganise nokubasiza ngokoqobo. Ngokwesibonelo, omunye udade wasebenzisa isikhathi sakhe esiyigugu ukuze abonise udade owayesanda kufika idolobha nokuthi zisebenza kanjani izinto zokuhamba zomphakathi. Okwenziwa yilo dade kwamthinta kakhulu udade owayesanda kufika futhi kwamsiza washeshe wajwayela.

ITHUBA LOKUKHULA

Njengoba intethe ikhula, kusuka isikhumba esidala kusale esisha izikhathi eziningana ngaphambi kokuba ikwazi ukundiza. Ngomqondo ofanayo, lapho uthuthela ebandleni elisha, kudingeka ususe noma yikuphi ukukhathazeka onakho okukuvimbela ukuba undize ngomqondo ongokomfanekiso njengoba ukhonza uJehova. UNicolas noCéline bathi, “Ukuthutha kuyindlela ekahle kakhulu yokukuqeqesha. Ukuze sijwayele abantu abasha nendawo entsha, kwadingeka sifunde ukubonisa izimfanelo ebesingazibonisi ngaphambili.” UJean-Charles, okukhulunywe ngaye ekuqaleni uchaza indlela umndeni wakhe ozuze ngayo: “Ukuthuthela ebandleni elisha kwenze izingane zethu zathuthuka. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa nje sithuthile, indodakazi yethu yaqala ukwenza izabelo emihlanganweni yaphakathi neviki, indodana yethu yona yaba ummemezeli ongabhapathiziwe.”

Kuthiwani uma izimo zakho zingakuvumeli ukuba uthuthe, ngokwesibonelo, ukuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona? Ungakwazi ukwenza ibandla okulo kube sengathi ibandla elisha ngokuthi usebenzise amanye amacebiso okukhulunywe ngawo kulesi sihloko. Njengoba uqhubeka uncika kuJehova, hlanganyela ngokugcwele emisebenzini yebandla ngokwenza izinhlelo zokusebenza nabanye enkonzweni, wakhe abangani abasha noma ube umngani ongcono nalabo osunabo kakade. Ungakwazi yini ukubasiza ngokoqobo abasanda kufika ebandleni noma labo abadinga usizo? Njengoba uthando luwuphawu lwamaKristu eqiniso, akungabazeki ukuthi ukwenza kanjalo kungakwenza usondele nakakhulu kuJehova. (Joh. 13:35) Ungaqiniseka ngokuthi “uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.”—Heb. 13:16.

Naphezu kwezinselele, amaKristu amaningi akujabulele ukuthuthela ebandleni elisha futhi kuwazuzisile—nawe ungakwenza lokho! U-Anne-Lise uthi, “Ukushintsha amabandla kungisizile nganuleka.” Manje uKazumi useyaqiniseka ukuthi ngokuthutha “ungakwazi ukubona uJehova ekusekela ngezindlela ongakaze umbone ekusekela ngazo ngaphambili.” UJules yena uzizwa kanjani? Uthi: “Abangani engizakhele bona bangenza ngizizwe ngisekhaya. Manje sengizizwa ngisondelene kakhulu nebandla lami elisha kangangokuba sekungaba nzima ukuhamba kulo.”

a Ukuze uthole amacebiso okubhekana nale nkinga, bheka INqabayokulinda kaMeyi 15, 1994, enesihloko esithi “Ukubhekana Nokukhumbula Ekhaya Enkonzweni KaNkulunkulu.”