Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXOXO NOTHILE | UDKT. GENE HWANG

Isazi Sezibalo Sichaza Ngokholo Lwaso

Isazi Sezibalo Sichaza Ngokholo Lwaso

Udokotela uGene Hwang, wazalwa ngo-1950 eTainan, eTaiwan, unguprofesa wezibalo osethathe umhlala-phansi eNyuvesi i-National Chung Cheng eTaiwan. Wayenguprofesa naseNyuvesi iCornell, e-U.S.A., lapho ayefundisa khona futhi enza ucwaningo ngezibalo nangamathuba okuba izinto ezithile zenzeke. Kwaphela iminyaka engesinye sezikhulu ezaziwa kakhulu kwezezibalo, okuwumkhakha asekuwo namanje. Eseyinsizwa, wayekholelwa ukuthi ukuphila kwaba khona ngezinqubo zokuziphendukela kwemvelo. Kodwa, kamuva wawushintsha umbono wakhe. I-Phaphama! yaxoxa naye ngomsebenzi nangezinkolelo zakhe.

Iziphi izimfundiso owazifunda lapho usemusha?

Esikoleni safundiswa ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo, kodwa akekho owachaza indlela ukuphila okwaqala ngayo. Lapho abazali bami beba amaTao, ngangivame ukulalela abefundisi besonto labo futhi ngibabuza imibuzo eminingi. Kodwa zimbalwa izimpendulo ezangenelisa.

Kungani wanquma ukuba isazi sezibalo?

Lapho ngisesikoleni samabanga aphansi, ngangizithanda izibalo. Lolu thando lwaqhubeka nalapho sengisenyuvesi, lapho ngangizijabulela ngokukhethekile izifundo zezibalo nezokucwaninga ngamathuba okuba izinto ezithile zenzeke. Kimi, ukuthola ubufakazi obunembile ngezibalo kungaba yinto enhle newubuciko.

Yini eyakwenza waba nesithakazelo eBhayibhelini?

Ngo-1978 umkami uJinghuei, waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi ngezinye izikhathi ngangihlanganyela ezingxoxweni. Ngaleso sikhathi sasihlala e-United States. UJinghuei wayesanda kuthola iziqu zobudokotela emkhakheni wesayensi yezinto zemvelo, mina ngangifunda izibalo eNyuvesi iPurdue e-Indiana.

Wawucabangani ngeBhayibheli?

Kwangihlaba umxhwele ukulandisa kwalo ngendlela umhlaba owahlelwa ngayo ukuze abantu baphile. Izinkathi eziyisithupha zokudala ezichazwe kuGenesise, ngolimi olulula, zabonakala ziyiqiniso—ngokungafani nezinganekwane zasendulo. * Noma kunjalo, kwaphela iminyaka eminingi ngingakholelwa kuMdali.

Kungani kwakuyinkinga lokho kuwe?

Ukukholelwa kuMdali kwakusho ukulahla inkolo engangikhuliswe ngayo

Kwakuhileleke imizwa yami. Ukukholelwa kuMdali kwakusho ukulahla inkolo engangikhuliswe ngayo, ngoba isiko lobuTao alifundisi ukuthi kunoNkulunkulu, noma uMdali.

Nokho, kamuva umbono wakho washintsha. Kungani?

Lapho ngicabanga ngomsuka wokuphila, yilapho ngangiqiniseka nakakhulu khona ngokuthi into yokuqala eyaphila kumelwe ukuba yayiyinkimbinkimbi kakhulu. Ngokwesibonelo, kwakufanele ikwazi ukukhiqiza, lokho kudinga imininingwane esezakhini zofuzo nenqubo yokuphindaphinda ngokunembile leyo mininingwane. Kanti futhi ngisho nengqamuzana elingeyona inkimbinkimbi lidinga izakhi eziyizinhlayiyana ukuze lakhe zonke izingxenye zengqamuzana elisha, kanye nezindlela zokuqondisa nokusebenzisa amandla. Kwakungenzeka kanjani ukuba izakhi eziyinkimbinkimbi zibuthane ndawonye zisuka entweni engaphili? Njengesazi sezibalo, ngangingakwazi ukwamukela lowo mbono. Uncike kakhulu ekutheni izinto zizenzakalele.

Yini eyakushukumisela ukuba uzihlole ngokucophelela izimfundiso zoFakazi BakaJehova?

Ngangike ngafunda noFakazi ngaphinde ngayeka. Ngo-1995, lapho ngivakashele eTaiwan, ngagula futhi ngadinga usizo. Ese-United States, umkami waxhumana noFakazi BakaJehova baseTaiwan. Bangithola ngiphelelwe amandla ngaphandle kwesibhedlela esasingenayo imibhede eyanele. Omunye woFakazi wangithatha wangiyisa ehhotela ukuze ngiphumule. Wayelokhu engihlola futhi ngemva kwalokho wangiyisa emtholampilo ukuze ngelashwe.

Lokho kukhathalela kwangempela kwangithinta inhliziyo, futhi ngacabanga nangezinye izikhathi oFakazi BakaJehova ababonisa ngazo umusa kaningana emndenini wami. Ukholo lwabo, lwalubenza bahluke. Ngakho ngaphinde ngafunda nabo iBhayibheli. Ngonyaka olandelayo ngabhapathizwa.

Ingabe ukholo lwakho luyangqubuzana nezifundo zakho?

Lutho neze! Eminyakeni yakamuva ngiye ngasiza ososayensi abacwaninga ngokusebenza kwezakhi zofuzo ngobufakazi obungokwezibalo. Ukucwaninga ngezakhi zofuzo kwenza siqonde izinqubo zokuphila—ukuqonda okungenza ngibambe ongezansi ngokuhlakanipha koMdali.

Nikeza isibonelo salokho kuhlakanipha.

Cabanga ngenqubo yokuzalana. Ezinye izilwanyana ezinjengama-amoeba, azinabo ubulili obuzihlukanisayo. Lezi zilwanyana zikhiqiza izakhi zofuzo ezifana ncamashi nezazo bese ziyazehlukanisa—inqubo ebizwa ngokuthi i-asexual reproduction. Nokho izilwane nezitshalo eziningi zikhiqiza ngokuhlangana kwezakhi zofuzo zeduna nezensikazi. Kungani ukukhiqiza kwalolu hlobo kuthakazelisa?

Yini eyayingenza inqubo yokuzalana yento eyodwa ephilayo ezihlukanisa ibe izinto ezimbili—esiqhubeke isikhathi eside esingaziwa—ishintshe ibe inqubo ehilela ukuba izinto ezimbili zikhiqize into eyodwa? Inqubo ehilelekile ukuze kuthathwe ingxenye yofuzo kowesilisa nakowesifazane bese kuyahlanganiswa iyinkimbinkimbi kakhulu, okunikeza izazi zesayensi yokuziphendukela kwemvelo ephathelene nezinto eziphilayo inkinga enkulu. Ngokombono wami, ukukhiqiza okuhilela ubulili obuhlukene kububonisa ngokucacile ubuhlakani bukaNkulunkulu.

^ isig. 11 Ukuze uthole okwengeziwe ngezinkathi zokudala, bheka incwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Iyatholakala engosini ethi www.isa4310.com/zu.