Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Iqiniso Ebelifihliwe Ngendalo

Iqiniso Ebelifihliwe Ngendalo

IZIGIDIGIDI zabantu ziye zafunda noma zezwa ngalokho okushiwo yiBhayibheli ngesiqalo sendawo yonke. Ukulandisa kwalo osekuneminyaka engu-3 500 kuqala ngamazwi aziwa kakhulu athi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”

Nokho, abantu abaningi abaqapheli ukuthi abaholi benkolo, kuhlanganise nalabo abathi bakholelwa endalweni nabathatha iBhayibheli njengoba linjalo, baye basonta okushiwo iBhayibheli ngendalo bakwenza izinsumansumane eziningi ezingahambisani nemfundiso yeBhayibheli. Abakushoyo kuyangqubuzana namaqiniso esayensi. Nakuba lezo zinganekwane zingekho eBhayibhelini, ziye zabangela abantu abaningi ukuba bathathe okushiwo yiBhayibheli ngendalo njengensumansumane.

Abantu abaningi abakwazi ukulandisa kweBhayibheli okuyiqiniso ngendalo. Lokhu kubangela amahloni, ngoba empeleni iBhayibheli linikeza incazelo enengqondo nenokwethenjelwa ngesiqalo sendawo yonke. Ngaphezu kwalokho, leyo ncazelo iyavumelana nalokho okutholwe ososayensi. Empeleni, iqiniso leBhayibheli ebelifihliwe ngendalo, lingase likushiye ubambe ongezansi.

UMDALI ONGADALWANGA

Ukulandisa kweBhayibheli ngendalo, kusekelwe ekutheni kunoMuntu Ophakeme Kakhulu, uNkulunkulu uMninimandla Onke, owadala zonke izinto. Ungubani, futhi wakheke kanjani? IBhayibheli lembula ukuthi uhlukile kwabanye onkulunkulu abatholakala emasikweni nasezinkolweni ezithandwayo. UnguMdali wazo zonke izinto, kodwa kuncane kakhulu abantu abakwaziyo ngaye.

  • UNkulunkulu ungumuntu ongokoqobo. Akawona amandla angaqondakali angeyena umuntu, azulazula ngokungenanjongo endaweni yonke. Unemicabango, imizwa nemigomo.

  • UNkulunkulu unamandla nokuhlakanipha okungenamkhawulo. Lokhu kubonakala ekubeni inkimbinkimbi kwezinto azidalile, ikakhulukazi eziphilayo.

  • Zonke izinto esizibonayo zadalwa uNkulunkulu. Ngakho, akunakwenzeka ukuba yena abe nomzimba obonakalayo owakhiwe ngezinto yena ngokwakhe azidala. Kunalokho, ungumoya noma akabonakali.

  • Ukuba khona kukaNkulunkulu akunqunywa isikhathi. Wayelokhu ekhona futhi uyohlale ekhona. Ngakho, akadalwanga muntu.

  • UNkulunkulu unegama, elivela izikhathi eziyizinkulungwane eBhayibhelini. Lelo gama uJehova.

  • UJehova uNkulunkulu uyabathanda futhi uyabakhathalela abantu.

 KWAMTHATHA ISIKHATHI ESINGAKANANI UNKULUNKULU UKUDALA INDAWO YONKE?

IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala “amazulu nomhlaba.” Kodwa, la mazwi awasho lutho ngobude besikhathi esasetshenziswa ekudaleni indawo yonke noma izindlela uNkulunkulu azisebenzisa ekuyiklameni. Kuthiwani ngenkolelo ethé chithi saka yalabo abathi uNkulunkulu wadala indawo yonke ngezinsuku eziyisithupha zamahora angu-24? Lo mbono ophikiswa ososayensi abaningi, ubangelwa ukwehluleka ukuqonda lokho okushiwo yiBhayibheli. Cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngempela.

IBhayibheli alibasekeli labo abanemibono eqinile ngezinkolelo zabo nalabo abakholelwa ukuthi indalo yadalwa ngezinsuku ezingamahora angu-24

  • IBhayibheli alibasekeli labo abanemibono eqinile ngezinkolelo zabo, nalabo abakholelwa ukuthi indalo yadalwa ngezinsuku ezingamahora angu-24.

  • IBhayibheli livame ukusebenzisa igama elithi “usuku” lapho libhekisela ezikhathini ezinobude obuhlukahlukene. Kwezinye izimo lezi zikhathi zinobude obungaziwa. Ukulandisa kokudala okusencwadini yeBhayibheli kaGenesise kungesinye salezo zibonelo.

  • Ngokulandisa kweBhayibheli, usuku ngalunye lokudala lwalungathatha izinkulungwane zeminyaka.

  • Lapho kuqala usuku lokuqala lokudala, uNkulunkulu wayeseyidalile kakade indawo yonke, kuhlanganise nomhlaba owawungenalutho oluphilayo.

  • Ngokusobala, izinsuku eziyisithupha zokudala zaziyinkathi ende uJehova uNkulunkulu alungiselela ngayo umhlaba ukuze abantu bahlale kuwo.

  • Ukulandisa kweBhayibheli ngendalo akungqubuzani nalokho okushiwo yisayensi ngobudala bendawo yonke.

INGABE UNKULUNKULU WASEBENZISA UKUZIPHENDUKELA KWEMVELO?

Abaningi abangakholelwa eBhayibhelini, bayayemukela imfundiso yokuthi izinto eziphilayo zaqala zingamakhemikhali angaphili zathuthuka ngokuzenzakalelayo. Kuthiwa phakathi nesikhathi esithile kwavela isilokazana esikwazi ukuziphindaphinda esisabhaktheriya, kancane kancane sakhiqiza zonke izinhlobo zezinto eziphilayo ezikhona namuhla. Lokhu kungasho ukuthi umuntu oyindalo eyinkimbinkimbi ngokumangalisayo empeleni waqale waba yibhaktheriya.

Imfundiso yokuziphendukela kwemvelo yamukelwa ngisho nangabaningi abathi bamukela iBhayibheli njengezwi likaNkulunkulu. Bakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala inhlansi yokuqala yokuphila emhlabeni kodwa wabe eseyiqapha futhi mhlawumbe wayiqondisa ngenqubo yokuziphendukela kwemvelo. Nokho, lokho akukhona okushiwo yiBhayibheli.

Ukulandisa kweBhayibheli ngendalo akungqubuzani nalokho okuye kwatholwa yisayensi ukuthi izinto zohlobo olulodwa ziyahluka ngandlela-thile

  • NgokweBhayibheli, uJehova uNkulunkulu wadala zonke izinhlobo eziyisisekelo zezitshalo nezilwane, kuhlanganise nendoda yokuqala nowesifazane ababephelele nababenengqondo, benothando, behlakaniphile futhi bekwazi ukuba nobulungisa.

  • Ngokusobala, izinhlobo zezilwane nezezitshalo ezadalwa uNkulunkulu zashintsha ngezinga elithile futhi zakhiqiza izinhlobo ezihlukahlukene zohlobo lwazo. Ezimweni eziningi, izinto eziphilayo ezivela kuzo zihluke ngokuphawulekayo enye kwenye.

  • Ukulandisa kweBhayibheli ngendalo akungqubuzani nalokho okuye kwatholwa yisayensi, ukuthi izinto zohlobo olulodwa ziyahluka ngandlela-thile.

 UMDALI UQONDAKALA NGEZINTO AZIDALILE

Phakathi nawo-1800, u-Alfred Russel Wallace, isazi sesayensi yezinto eziphilayo saseBrithani wavumelana noCharles Darwin ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo. Nokho, ngisho nalesi sazi sokuziphendukela kwemvelo esidumile kuthiwa sathi: “Labo abanamehlo okubona nabanezingqondo ezijwayele ukucabanga, bayabona ukuthi emangqamuzaneni amancane, egazini, emhlabeni wonke ngisho nasemkhathini ogcwele izinkanyezi . . . , kunesiqondiso sothile ohlakaniphile; ngamanye amazwi, kuneNgqondo eyazicabanga.”

Eminyakeni ecishe ibe yizinkulungwane ezimbili ngaphambi kokuba uWallace asho la mazwi, iBhayibheli lase lishilo kakade: “Ngoba izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.” (Roma 1:20) Ngezikhathi ezithile, ungase ufune ukuthatha umzuzwana ucabange ngezinto eziyinkimbinkimbi ezitholakala endalweni—kusukela otshanini kuya ezinkanyezini ezingenakubalwa ezisesibhakabhakeni. Ngokubuka indalo ungakwazi ukuqonda uMdali.

Kungenzeka uyazibuza, ‘Uma kunoNkulunkulu onothando odale zonke izinto, kungani evumela ukuhlupheka? Ingabe useyilibele indalo yakhe yasemhlabeni? Lisiphatheleni ikusasa?’ IBhayibheli liqukethe amaqiniso amaningi abefihlekile—amaqiniso abefihlwe yimibono yabantu kanye nobuqili bezinkolo, futhi ngenxa yalokho, abantu abaningi bebengawazi. OFakazi BakaJehova, abanyathelisi balo magazini, bangakujabulela ukukusiza ukuba uhlole iqiniso leBhayibheli elingonakalisiwe futhi ufunde okwengeziwe ngoMdali nangekusasa lendalo yakhe engabantu.