Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela e-El Salvador

Ukuvakashela e-El Salvador

EMINYAKENI ecishe ibe ngu-500 edlule, lapho abaseSpain befika endaweni manje okuthiwa i-El Salvador, isizwe esasivelele kule ndawo sasiyibiza ngokuthi yi-Cuscatlán—okuyigama elisho ukuthi “Izwe Lamagugu.” Namuhla, abantu abaningi base-El Salvador bayinzalo exubile yabantu bomdabu bakule ndawo kanye nezifiki zaseYurophu.

Abantu base-El Salvador baziwa ngenkuthalo nokuba nobungane. Kanti babuye babe abantu abazilungele nabanenhlonipho. Abantu babingelelana ngenhlonipho ngaphambi kokuba baxoxe noma lapho bengena endaweni yebhizinisi, besebenzisa amazwi athi, “Buenos días” (usawubona wasekuseni) noma “Buenas tardes” (usawubona wantambama). Eqinisweni, abantu base-El Salvador abahlala emaphandleni nasemadolobheni amancane bakubheka njengokuba luhlaza ukungamnaki umuntu odlulayo nokungambingeleli.

Ukulima ikhofi kuye kwawuthonya kakhulu umlando wase-El Salvador

Okunye kokudla abakuthanda kakhulu abantu bakuleli zwe yi-pupusa—into eyisicaba eyenziwe ngempuphu (noma ngelayisi) i-tortilla efakwe ushizi nobhontshisi kanye nenyama yengulube noma olunye uhlobo lwesishebo. Ama-pupusa avame ukudliwa notamati soso kanye ne-curtido—inhlanganisela yeklabishi, izaqathi, u-anyanisi novinika onezinongo. Nakuba abanye abantu besebenzisa ummese nemfologo lapho bedla ama-pupusa, indlela yomdabu yokuwadla ukusebenzisa isandla.

Ama-pupusa angolunye uhlobo lokudla oluthandwayo e-El Salvador

Impophoma i-Los Tercios, eSuchitoto

 INGABE BEWAZI? I-El Salvador iye yabizwa ngokuthi izwe lezintaba-mlilo. Kunezintaba-mlilo ezingaphezu kuka-20, ezinye zazo zisaqhuma nanamuhla. Impophoma okuthiwa i-Los Tercios yehla ematsheni aklelile anezinhlangothi eziyisithupha akheka ngenxa yentaba-mlilo.

KunoFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-38 000 e-El Salvador, futhi bahlelwe baba amabandla angaba ngu-700. Baqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abangaba ngu-43 000 abakhuluma iSpanishi, isiNgisi noLimi Lwezandla Lwase-El Salvador.