Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa IMpumalanga Ephakathi

Ukuhlolisisa IMpumalanga Ephakathi

IMpumalanga Ephakathi, eyake yaba yikhaya lamazwe okuqala aphucuzekile endulo, icebe kakhulu ngamagugu emivubukulo.

Abenzi Bewayini BaseKhanani

Ngo-2013, abavubukuli bathola indawo enkulu yokugcina iwayini eKhanani eyenziwa eminyakeni engaba ngu-3 700 edlule. Le ndawo yayinezimbiza ezingu-40 ezinkulu ezingagcina iwayini elinganela emabhodleleni esimanje ewayini angu-3 000. Umvubukuli owahlola izinsalela ezazisezimbizeni waphawula ukuthi abaseKhanani babengabenzi bewayini abacophelelayo. Wathi: “Embizeni ngayinye, zazilandelwe ngokucophelela iziqondiso zokwenza iwayini.”

INGABE BEWAZI? IBhayibheli liyakhuluma ngokwenziwa kwewayini “elimnandi kunalo lonke” kwa-Israyeli wasendulo nangokugcinwa kwalo ezimbizeni ezinkulu.—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 7:9; Jeremiya 13:12.

Ukwanda Kwabantu

Ngokombiko wephephandaba i-Guardian, izingane ezazalwa ngo-2012 eGibhithe zizidlula ngo-560 000 ezazalwa ngo-2010. UMagued Osman wenkampani yaseGibhithe eyenza ucwaningo ebizwa ngeBaseera uthi, “Kuwukwanda okukhulu kunakho konke emlandweni waseGibhithe.” Uma ukwanda kuqhubeka ngaleli zinga, ezinye izazi zithi ukuntuleka kwamanzi, amandla, nokudla kuleli zwe kuzoba kubi nakakhulu.

INGABE BEWAZI? NgokweBhayibheli, injongo kaNkulunkulu iwukuba abantu ‘bagcwalise umhlaba,’ ngezinga elifanele, kube nezinto ezanele bonke abangazijabulela.—Genesise 1:28; IHubo 72:16.

Ukutholakala Kwezinhlamvu Zemali Ezazithukusiwe

Kutholakale izinhlamvu zemali zethusi ezingaphezu kuka-100 ezinombhalo othi “Unyaka Wesine” eduze komgwaqo omkhulu kwa-Israyeli. Lo nyaka ungunyaka wesine wokuvukela kwamaJuda amaRoma (69-70 C.E.)—ukuvukela okwaholela ekubhujisweni kweJerusalema. UPablo Betzer ongumqondisi wokuvubukula uthi, “Kusobala ukuthi kukhona owayenovalo lokuthi ukuphela kwakusondela—mhlawumbe wayelibona ibutho lamaRoma lisondela. Wabe esefihla impahla yakhe enethemba lokuthi uzobuye ayilande kamuva.”

INGABE BEWAZI? Ngo-33 C.E., uJesu wabikezela ukuvimbezela kwamaRoma iJerusalema. Wanxusa amaKristu ukuba abalekele ezintabeni ukuze aphephe.—Luka 21:20-24.